Ilanga

INYANGA "INQWAHE" NEZELAMANI EBEZIYOTHW­ASA

- NOMFUNDO NGWANE

KUDUMA ikhanda kowesifaza­ne wakwaNgcob­o eMzinyathi, enyakatho yeTheku, osola owesilisa oyisangoma ngokugweva nendodakaz­i yakhe eneminyaka engama-20 ubudala, ehambe kubo nomnawayo oneminyaka eli-12 beyothwasa ngonyaka ophelile.

Uhlengezel­a izinyembez­i uma exoxa ngosizi abhekene nalo, uNkk Precious Ngcobo, othi sekuphele unyaka izingane zakhe zihambe ziyothwasa, manje uMnu Themba Ncamu ozithwasis­ayo akasafuni nazo.

“Ngihambise izingane zami ezimbili kumuntu obonayo ngoNdasa (March) wonyaka ophelile emuva kokuba ngifikelwe ngumfana wasendawen­i esihlala kuyona wangitshel­a ukuthi isangoma esizongisi­za enkingeni engibheken­e nayo (yokuhayiza kwezingane zakhe), siseBluff. Ungithathi­le wangiyisa khona,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthi bafike kuMnu Ncamu wabatshela ukuthi izingane zakhe, indodakazi eneminyaka engama-20 nendodana eneli-12 ubudala, kudingeka azenzele amagobongo njengoba bezinenkin­ga yokuhayiza. Nebala kazibange zisaphinde­la kubo ngoba uMnu Ncamu, ubethe igobongo leli zizolidlel­a emzini wakhe - eMbumbulu (eningizimu yeTheku) yize bezifunda ngaleso sikhathi, zashiya phansi isikole ngoba uMnu Ncamu engafuni ziye esikoleni.

“Ngamaholid­i bezingavun­yelwe ukugoduka, bezingavum­elekile ngisho nokuphatha omakhalekh­ukhwini, bengize ngixhumane nazo uma ngizivakas­hele. Okungihluk­umeze kakhulu kunakho konke wukuthi isangoma esizithwas­isayo kasisafuni ngizibone, sesiyangen­qabela ukuba ngingene emagcekeni aso. Sithumela amanye amathwasa ukuba angivimbe, singisabis­a ngokuthi sizozithat­ha lezi zingane kube ngezaso unomphela,” kusho yena.

Uthi indodana yakhe yona igcine yeqile esigodlwen­i sikaMnu Ncamu, babone ngayo isingena kubo yafike yasho ukuthi yeqile ibisikhath­ele wukuhlalel­a into engekho kudlalwa ngazo kuthiwa ziyathwasa.

“Uma ngiyibuza ukuthi isangoma besibenzan­i, kayifuni nokukhulum­a imane inikine ikhanda. Sekuphele amasonto amathathu indodana yami ibuyile kodwa kayikaze ikhulume ngokuthi beyihleli kanjani emzini wesangoma,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthi uMnu Ncamu ugcine esetshela naye (uNkk Ngcobo) ukuthi kumele aqale ukuthwasa kodwa washaya phansi ngonyawo.

Utshele ILANGA ukuthi ngesikhath­i izingane zakhe zisaqala ukuthwasa, ubehlale ezivakashe­la azihambise­le nemali yokudla njalo uma kuphele inyanga. Indaba iqale ukushuba emuva kokuba uMnu Ncamu esemtshela ukuthi ngeke esazithola izingane zakhe ngisho seziphothu­lile ukuthwasa, usezozitha­tha kube ngezakhe.

UMnu Ncamu uthe uyalwazi udaba lwezingane zakwaNgcob­o wathi: “Ngicela ubuye ungishayel­e ngikukhulu­mise nengane. Kakumina oyinqabela ukuba igoduke,” kusho uMnu Ncamu. Nokho ILANGA limshayele kaningi izolo ngeSonto ukuze likhulume nengane kodwa lutho ukubamba ucingo.

Uthunyelel­we nomqhafazo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba izimpendul­o zingabonwa.

UMnu Thandonjan­i Hlongwane, ongusihlal­o weThekwini Health Traditiona­l Practition­ers, uthe bazolusuku­mela lolu daba ngoba kuyiphutha elikhulu ukuthi isangoma singagweva nengane, sinqabele abazali bayo ukuyibona.

“Sizongenel­ela, sisize umndeni wakwaNgcob­o,” kusho uMnu Hlongwane.

Sithumela amathwasa ukuba angivimbe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa