INYANGA "INQWAHE" NEZELAMANI EBEZIYOTHWASA
KUDUMA ikhanda kowesifazane wakwaNgcobo eMzinyathi, enyakatho yeTheku, osola owesilisa oyisangoma ngokugweva nendodakazi yakhe eneminyaka engama-20 ubudala, ehambe kubo nomnawayo oneminyaka eli-12 beyothwasa ngonyaka ophelile.
Uhlengezela izinyembezi uma exoxa ngosizi abhekene nalo, uNkk Precious Ngcobo, othi sekuphele unyaka izingane zakhe zihambe ziyothwasa, manje uMnu Themba Ncamu ozithwasisayo akasafuni nazo.
“Ngihambise izingane zami ezimbili kumuntu obonayo ngoNdasa (March) wonyaka ophelile emuva kokuba ngifikelwe ngumfana wasendaweni esihlala kuyona wangitshela ukuthi isangoma esizongisiza enkingeni engibhekene nayo (yokuhayiza kwezingane zakhe), siseBluff. Ungithathile wangiyisa khona,” kusho uNkk Ngcobo.
Uthi bafike kuMnu Ncamu wabatshela ukuthi izingane zakhe, indodakazi eneminyaka engama-20 nendodana eneli-12 ubudala, kudingeka azenzele amagobongo njengoba bezinenkinga yokuhayiza. Nebala kazibange zisaphindela kubo ngoba uMnu Ncamu, ubethe igobongo leli zizolidlela emzini wakhe - eMbumbulu (eningizimu yeTheku) yize bezifunda ngaleso sikhathi, zashiya phansi isikole ngoba uMnu Ncamu engafuni ziye esikoleni.
“Ngamaholidi bezingavunyelwe ukugoduka, bezingavumelekile ngisho nokuphatha omakhalekhukhwini, bengize ngixhumane nazo uma ngizivakashele. Okungihlukumeze kakhulu kunakho konke wukuthi isangoma esizithwasisayo kasisafuni ngizibone, sesiyangenqabela ukuba ngingene emagcekeni aso. Sithumela amanye amathwasa ukuba angivimbe, singisabisa ngokuthi sizozithatha lezi zingane kube ngezaso unomphela,” kusho yena.
Uthi indodana yakhe yona igcine yeqile esigodlweni sikaMnu Ncamu, babone ngayo isingena kubo yafike yasho ukuthi yeqile ibisikhathele wukuhlalela into engekho kudlalwa ngazo kuthiwa ziyathwasa.
“Uma ngiyibuza ukuthi isangoma besibenzani, kayifuni nokukhuluma imane inikine ikhanda. Sekuphele amasonto amathathu indodana yami ibuyile kodwa kayikaze ikhulume ngokuthi beyihleli kanjani emzini wesangoma,” kusho uNkk Ngcobo.
Uthi uMnu Ncamu ugcine esetshela naye (uNkk Ngcobo) ukuthi kumele aqale ukuthwasa kodwa washaya phansi ngonyawo.
Utshele ILANGA ukuthi ngesikhathi izingane zakhe zisaqala ukuthwasa, ubehlale ezivakashela azihambisele nemali yokudla njalo uma kuphele inyanga. Indaba iqale ukushuba emuva kokuba uMnu Ncamu esemtshela ukuthi ngeke esazithola izingane zakhe ngisho seziphothulile ukuthwasa, usezozithatha kube ngezakhe.
UMnu Ncamu uthe uyalwazi udaba lwezingane zakwaNgcobo wathi: “Ngicela ubuye ungishayele ngikukhulumise nengane. Kakumina oyinqabela ukuba igoduke,” kusho uMnu Ncamu. Nokho ILANGA limshayele kaningi izolo ngeSonto ukuze likhulume nengane kodwa lutho ukubamba ucingo.
Uthunyelelwe nomqhafazo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba izimpendulo zingabonwa.
UMnu Thandonjani Hlongwane, ongusihlalo weThekwini Health Traditional Practitioners, uthe bazolusukumela lolu daba ngoba kuyiphutha elikhulu ukuthi isangoma singagweva nengane, sinqabele abazali bayo ukuyibona.
“Sizongenelela, sisize umndeni wakwaNgcobo,” kusho uMnu Hlongwane.
Sithumela amathwasa ukuba angivimbe.