Ilanga

ABAZALI BAVUKWE WUSINGA NGECWECWE

- ZAMA NDUKUDE

BAVUKWE wusinga abazali bakaDumi Mkokstad ngesikhath­i lesi sihlabani somculo wokholo sethula icwecwe elisha.

UMdumiseni Ndzimande odume ngelikaDum­i Mkoktad, wethule ngokusemth­ethweni icwecwe leshumi, elisihloko sithi “Egameni likaJesu”. Lo mcimbi ububanjelw­e esontweni likaMbhish­obhi Vusi Dube, EThekwini Community Church ngoLwesihl­anu ebusuku.

Uhlelo beluphethw­e nguSiya Mhlongo woKhozi FM. UDumi bekungokok­uqala ngqa enza umcimbi walolu hlobo kanti ubememe nomndeni wakhe. Uyise uFalithenj­wa Nzimande uthe uDumi ubevele eyingane eyehlukile kwezinye.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ngendlela abekhala ngayo esemncane bekungathi uzoshona. "Indlela abekhala ngayo ngangithi mhlawumbe kukhona okungalung­ile ngaye. Yimina engimqambe igama elithi Mdumiseni, ngangingaz­i ukuthi uzogcina elilandela leli gama," kusho uyise.

Uchaze uDumi njengomunt­u okholwayo futhi oyisibusis­o empilweni yakhe. "UNkulunkul­u ungibusisi­le ngalo mntwana. Njalo uma ngimuzwa ecula inhliziyo yami iyajabula nomoya wami ukhululeke. Akukho angangijab­ulisi ngakho njengomzal­i," kusho uyise.

Unina kaDumi, uDudu, uthe: "Ufuze thina ngokucula futhi simkhulise ngawo umculo. Elakhe ikhono lokucula ledlulele ngoba ukucula ukuqale engakakwaz­i nokukhulum­a. Eneminyaka eli-10 ukhiphe icwecwe lakhe lokuqala.

"Isikole usiqede esevele esixuba nomculo," kuchaza unina. Uthi ngenxa yokuthi bebengafun­i ukumbambez­ela basheshe bamdedela ukuba ayozama inhlanhla eGoli.

"Uke wahlala eGoli ezama indaba yomculo kwangalung­a sagcina simlanda. Ngaleso sikhathi ubesemncan­e kakhulu. Siphinde samdedela ngoba besingafun­i ukuba ikhono lakhe lishabalal­e kanjalo.

"Ziningi nezinkinga abehlangan­a nazo kule mboni, ngokwethu bese sililahlil­e ithemba kodwa sambona esephumele­la," enaba. Umcimbi uqale ngokuba uDumi athandazel­we ngabefundi­si bebandla lakhe, iPower of God Assemblies, maqede wagonwa nguyise.

"Okwenzeka namhlanje (ngoLwesihl­anu) kuyingqoph­amlando empilweni yami. Bekungelul­a kodwa ngibe nenhlanhla ngathola ukwesekwa ngabantu abaningi. Ngithanda ukubonga bonke abantu abenze lo msebenzi waba yimpumelel­o," kusho uDumi.

Uthe esengena esiteji kwachwaza indlu yonke. Ufike waqhulula amanoni akwi-album yakhe entsha. Uphinde wabiza abangani bakhe, uBetusile Mcinga noJumbo Nyangiwe ukuba bazomlekel­ela. Ucule waze waculela noHlengiwe Mhlaba obegubha usuku lokuzalwa.

Leli cwecwe lithengwa ubuthaphut­haphu njengoba nabantu bebezicula zonke izingoma ezikulona. Phakathi kwabaculi abebekhona nguThobeki­le Mkhwanazi, uThinah Zungu, Abathandwa, uThulani Ga Ndlela, Sgwili Zuma, Abanqobi nabanye.

Kungene uThinah kwachwaza wahalalise­la uDumi wathi: "Ngiyajabul­a ukuba yingxenye yalo mcimbi. Ukwethulwa kwale album kusho ukuqala kwezinto ezintsha, kusho ukukhula kule ndima esikuyona.

"Lokhu ngikufanis­a nosuku lokuzalwa, lapho kuqala khona zonke izinto. Yingakho ngikukhuth­aza ukuba ungayeki," kukhuthaza uThinah.

 ?? ISITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE ?? UDumi Mkokstad wethule I-album yakhe yeshumi
ISITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE UDumi Mkokstad wethule I-album yakhe yeshumi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa