UGABE NGOSAZIWAYO UMJAHO WOKUQOQA IMALI EZOSIZA ABAHLWEMPU
UGABE ngosaziwayo abahlukene umjaho wokuqoqa isikhwama sabantulayo, obizwa ngeNtenga Foundation Charity Race, ezoba ngomhla ka-16 kwephezulu.
Lo mjaho ohlelwa nguCalvin Ntenga ongusomabhizinisi, usuzakhele igama njengoba nakulo nyaka kulindeleke ukuba udonse izinkumbi zabantu kwazise uzosuka eMoses Mabhida Stadium, uze uphothulwe eShaka Marine eThekwini.
Kulo nyaka kulindeleke ukuba kugijime nosaziwayo abahlukene ngenhloso yokuqoqa imali ezosiza abantulayo ngezidingo ezahlukene. Kosaziwayo abalindelekile kubalwa uL'vovo Derrango, uBrenda Mhlongo ongumlingisi weGenerations, uMgarimbe, uDJ Merlon, uHappy Gal, uMondli Ngcobo, uMusa Ngema, uNokuthula Mabika noNompilo Maphumulo ( osesithombeni) abangabalingisi bomdlalo Uzalo, uThandeka Zulu oyilungu leqembu i-Afro Soul nabaningi.
Ngokusho kukaNtenga ngemuva komjaho kuzoba nedili lomculo lapho kuzonandisa abaculi abahlukene eShaka Marine.
“Sinxusa abantu ukuba baphuthume bezobhalisa njengoba sizoba nemijaho emibili eka-5 km no-10 km kanti kulabo abangafuni ukugijima bangakwazi ukuhambela njengoba kuzobe kuwusuku lwabantu abasha nalabo abasazizwa bebasha,” kusho yena.
Uthi lo mjaho uhambisana nokubungaza inyanga yentsha njengoba kuzobe kuyindlela yokulwa nazo zonke izinto ezimbi intsha ehlangabezana nazo esikhathini samanje.
Uthi ukungenela kuzovalwa namuhla ngoMsombuluko (mhla ka-12) kodwa ngenhlanhla bazo- qhubeka bazamukele izicelo kuze kushaye uLwesine mhla ka-14 kwephezulu.
Uthi bonke abazongenela bazohlomula ngezikibha, bathole imedali uma bephothulile bese bebhanselwa ngokungena ngaphakathi eShaka Marine.
UNtenga uphethe ngokuthi inhlangano yakhe isisize inqwaba yabafundi abantulayo ezindaweni ezahlukene kanti uzimisele ngokuqhubeka nokwenza umehluko entsheni yaseNingizimu Afrika ukuze nayo ibe wutho.