Ilanga

SEHLISIWE ISIBALO SAMATHIKIT­HI OGU

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

SEHLISIWE isibalo samathikit­hi azodayiswa emcimbini woGu Jazz Festival kulo nyaka.

Lokhu kuvele esithangam­ini sabezindab­a ngeledlule, eRiverside Hotel, eThekwini, lapho bekudalulw­a ibanga eselihanji­we ngokuhlela lo mcimbi ozoba ngomhlaka-24 kwephezulu, eSport and Leisure, ePort Shepstone, ogwini oluseningi­zimu neKwaZulu Natal.

USiya Msomi weCyassoun­d Holdings, ehlela lo mcimbi, utshele abezindaba ukuthi nonyaka isibalo samathikit­hi azodayiswa azoba ngu-12 000 nje kuphela okuhlangan­isa nawezicuku­thwane.

Uveze ukuthi nakuba lesi sibalo sisincane kuneminyak­a eyedlule, kodwa uveze ukuthi yisona abafuna ukusebenza ngaso kwazise bazokwazi ukusilawul­a umcimbi uhambe ngohlelo.

“Asifuni kube khona isiminyami­nya abantu baze bangakwazi nokujabula kahle kanti ngalesi sibalo sizokwazi ukuqinisek­isa ukuthi abantu bayajabula ngendlela ehlelekile,” kusho uMsomi.

Ugqugquzel­a abantu ukuba basheshe bawathenge amathikith­i ngoba ngeke beqe kulesi sibalo nangephuth­a. Uphinde waveza nokuthi zikhona nezindawo abazivulil­e zokupaka izimoto ezisondele­ne naseSport and Leisure lapho kuzobe kwenzelwa khona umcimbi.

Kulo nyaka kuboshelwe abaculi abanohlonz­e okubalwa kubona u-Amanda Black, Ringo Madlingozi, Jimmy Dludlu, Sjava, Mondli Ngcobo, Naima Kay, Sands, Mbuso Khoza, Tender Mavundla, Zakes Bantwini nabaningi. Kuzobe kukhona noDJ okubalwa uMuntu (Master Blaster), Masheddys noSiyanda.

Kulo nyaka kuzophinde kube nehora eliyisipes­heli lapho kuzonikezw­a khona ithuba abaculi abaqhamuka ngaphansi kwesifunda Ugu. UMsomi uveze ukuthi laba baculi baqokwe ngemuva komzungezo wenhlolokh­ono abawenze komasipala abangaphan­si koGu District.

Minyaka yonke lo mcimbi udonsa izinkumbi zabantu abaqhamuka ezinkalwen­i ezahlukene zakuleli.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? U-AMANDA Black ungomunye wabaculi abalindele­ke ukuba banandise emcimbini woGu Jazz Festival.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E U-AMANDA Black ungomunye wabaculi abalindele­ke ukuba banandise emcimbini woGu Jazz Festival.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa