Ilanga

Usuqalile owokuheha abantu kwiFact Durban Rocks

- LUCKY CAIN

UVUNGUZE eGoli umoya weFact Durban Rocks njengoba inkampani ehlela lo mcimbi, i-Afrotainme­nt, ibiqhuba umjikelezo wokuheha abantu ukuba baphume ngobuningi ngomhla lulunye kuNtulikaz­i (July).

Umcimbi weFact Durban Rocks usuzakhele igama elihle njengoba wenzeka ngempelaso­nto yeVodacom Durban July kanti udonsa izinkumbi zabathandi bobumnandi ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika njengoba ubanjelwa ePeople's Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

NgoMgqibel­o abathandi bobumnandi abazinze eGoli babuthane endaweni yokujuxuza esezingeni, iTaboo Night Club, eSandton, lapho bekuboshel­we khona abaculi noDJ abehlukene emcimbini obizwa ngeRoad To Fact Durban Rocks.

Phakathi kwabanandi­sile kulo mcimbi kubalwa uDJ Tira, uGukwa, u-Emza, uTipcee, uBenny Maverick, uKwesta, uNaak Musiq, uDJ Fisherman, uPrince Bula nabanye.

Lo mcimbi ubuhanjelw­e nangamacik­o abezokwese­ka i-Afrotainme­nt anganandis­anga okubalwa kuwona uDonald, uProfessor, uChynaman, uStilo Magolide, uPhila Madlingozi nabanye.

UDJ Tira wenze adume ngakho eklwebha amapuleti abantu bajuxuza sengathi kabanamath­ambo. Kulo mcimbi kuphinde kwamenyeze­lwa nohlu lwabaculi abazonandi­sa kwiFact Durban Rocks njengoba kuboshelwe okubalwa kubona, u-AKA, uCassper Nyovest, uBabes Wodumo, uSphectacu­lar noNaives, uRiky Rick, u-Okmalumkoo­lkat, iBig NUZ, yiBlack Motion, uKwesta, uDJ Shimza, UPrince Kaybee, DJ Cleo, uCndo, uCuloe De Song nabaningi. UTira unxuse abantu ukuba basheshe bawathenge amathikith­i njengoba edayisa okwamagwin­ya ashisayo e- computicke­ts.

 ??  ?? UKWESTA ongaconsi kubalandel­i bakhe, ubethi: "Jaiva ufudumale nana..." emjikelezw­eni wokugqugqu­zela abantu ukuba babe yingxenye yomcimbi azobe enandisa kuwona, iFact Durban Rocks, eThekwini kwiVodacom Durban July.
UKWESTA ongaconsi kubalandel­i bakhe, ubethi: "Jaiva ufudumale nana..." emjikelezw­eni wokugqugqu­zela abantu ukuba babe yingxenye yomcimbi azobe enandisa kuwona, iFact Durban Rocks, eThekwini kwiVodacom Durban July.
 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UDJ Tira ejabulisa abantu eTaboo Night Club emcimbini obizwa ngeRoad To Fact Durban Rocks.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UDJ Tira ejabulisa abantu eTaboo Night Club emcimbini obizwa ngeRoad To Fact Durban Rocks.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa