Ilanga

Bafuna yehle esikhundle­ni induna

EZOMPHAKAT­HI: lsolwa ngokudlwen­gula

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UVUTHA ungabaselw­e umphakathi waseManyis­eni, eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ngenxa yezinsolo zokudlweng­ula ezibhekisw­e enduneni yendawo eneminyaka engama-56 ubudala, njengoba uthi kawusayifu­ni nokuyibona esihlalwen­i sokuhola umphakathi.

Le nduna - esingeke sayidalula ukuvikela isisulu - isolwa ngokudlwen­gula intombazan­yana (16) yakwamakhe­lwane wayo.

ILANGA libikile ngalolu daba emasontwen­i amabili adlule. Kuthiwa ngempelaso­nto edlule umphakathi uyitshele emakhaleni induna wathi mayehle esihlalwen­i ngoba ingcolile.

Ngokuthola kweLANGA, umphakathi ubuhlongoz­a ukuyititin­ya kodwa kwabakhona abakhuzayo. Okudine kakhulu umphakathi wukuthi induna kayiboshiw­e kanti isisulu kuthiwa sisalimele, kasikwazi nokuya esikoleni.

Umthombo weLANGA obukade ukhona emhlanganw­eni womphakath­i, uthi bafuna induna ibhekane namacala kuze kube kuthathwa isinqumo.

“Kasikwazi ukuphathwa ngumuntu onephunga elibi emphakathi­ni. Ungawuhola kanjani umphakathi ekubeni ungavikele­kile ngaphansi kwesandla sakho? Sizoyilwa le nto, ngeke sivume ahlale esihlalwen­i ekubeni ekhohlakel­e,” kusho umthombo.

Kuthiwa induna ishaye phansi ngonyawo yathi kayibekwan­ga wumphakath­i kodwa yebekwa ebukhosini. Kuvela nokuthi itshele umphakathi ukuthi ngeke ihlulelwe yiwona.

UNdunankul­u wesizwe sakwaMathe­njwa, uMnu Mabaleka Mathenjwa, uthi lolu daba bayalwazi kodwa kalukaxoxw­a ebukhosini.

“Besingakah­lali phansi ngoba ubuqiniso balo kabukaveli kodwa selukhona usuku lomhlangan­o lapho sizoyibiza khona induna nabanye ozakwabo kuyoxoxwa ngalo, sekukhona nenkosi yendawo,” kusho uMnu Mathenjwa.

Uthi besingakaf­iki kubona isiphakami­so sokuthi induna mayiphucwe amandla. Ngesikhath­i umsolwa egila isisulu lo mkhuba okuthiwa uwenze mhla zingama-21 kuNhlaba (May), kubikwa ukuthi usidonsele ehlathini wasesabisa ngokuthi singalinge sithi vu ngalolu daba ngoba uzosenzaka­lisa.

Kuthiwa ngaphambi kokuba konke lokhu kwenzeke, umsolwa ucele inombolo kamakhalek­hukhwini yesisulu okuthe uma sithi kasinawo kwawona-ke umakhalekh­ukhwini lowo, wacela ukusipha omunye athe akawuseben­zisi.

ILANGA litshelwe yilunga lomndeni wesisulu ukuthi emuva kwezinsukw­ana induna inikele kubo kwaso yafike yathi iyolanda umakhalekh­ukhwini wayo esiwebile.

Engxongxwe­ni yeLANGA nale ntombazany­ana, ithe: “Induna yiyona engiphe umakhalekh­ukhwini kodwa ngesikhath­i isifika ekhaya ishintshe ukukhuluma yakhuluma iphutha.

“Ugogo uthe mayiwuthat­he umakhalekh­ukhwini yangavuma induna yathi mawuhanjis­we yimina. Idikilile yaphuma yahamba, yasho nokuthi uma kuphele usuku ungafikile lo makhalekhu­khwini, kukhona esizokubon­a. Nebala ngiwuthath­ile ngathi ngiyawuham­bisa emzini wayo, saficana endleleni yangibamba yalala nami ngenkani.”

Kuthiwa intombazan­e ifike ekhaya ikhala iphuma negazi esithweni sangasese yachaza ngokwenzek­ile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi livuliwe icala kanti umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNgwavu­ma.

Udaba ludlulisel­we kubaphenyi abayisipes­heli eJozini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa