Bafuna yehle esikhundleni induna
EZOMPHAKATHI: lsolwa ngokudlwengula
UVUTHA ungabaselwe umphakathi waseManyiseni, eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ngenxa yezinsolo zokudlwengula ezibhekiswe enduneni yendawo eneminyaka engama-56 ubudala, njengoba uthi kawusayifuni nokuyibona esihlalweni sokuhola umphakathi.
Le nduna - esingeke sayidalula ukuvikela isisulu - isolwa ngokudlwengula intombazanyana (16) yakwamakhelwane wayo.
ILANGA libikile ngalolu daba emasontweni amabili adlule. Kuthiwa ngempelasonto edlule umphakathi uyitshele emakhaleni induna wathi mayehle esihlalweni ngoba ingcolile.
Ngokuthola kweLANGA, umphakathi ubuhlongoza ukuyititinya kodwa kwabakhona abakhuzayo. Okudine kakhulu umphakathi wukuthi induna kayiboshiwe kanti isisulu kuthiwa sisalimele, kasikwazi nokuya esikoleni.
Umthombo weLANGA obukade ukhona emhlanganweni womphakathi, uthi bafuna induna ibhekane namacala kuze kube kuthathwa isinqumo.
“Kasikwazi ukuphathwa ngumuntu onephunga elibi emphakathini. Ungawuhola kanjani umphakathi ekubeni ungavikelekile ngaphansi kwesandla sakho? Sizoyilwa le nto, ngeke sivume ahlale esihlalweni ekubeni ekhohlakele,” kusho umthombo.
Kuthiwa induna ishaye phansi ngonyawo yathi kayibekwanga wumphakathi kodwa yebekwa ebukhosini. Kuvela nokuthi itshele umphakathi ukuthi ngeke ihlulelwe yiwona.
UNdunankulu wesizwe sakwaMathenjwa, uMnu Mabaleka Mathenjwa, uthi lolu daba bayalwazi kodwa kalukaxoxwa ebukhosini.
“Besingakahlali phansi ngoba ubuqiniso balo kabukaveli kodwa selukhona usuku lomhlangano lapho sizoyibiza khona induna nabanye ozakwabo kuyoxoxwa ngalo, sekukhona nenkosi yendawo,” kusho uMnu Mathenjwa.
Uthi besingakafiki kubona isiphakamiso sokuthi induna mayiphucwe amandla. Ngesikhathi umsolwa egila isisulu lo mkhuba okuthiwa uwenze mhla zingama-21 kuNhlaba (May), kubikwa ukuthi usidonsele ehlathini wasesabisa ngokuthi singalinge sithi vu ngalolu daba ngoba uzosenzakalisa.
Kuthiwa ngaphambi kokuba konke lokhu kwenzeke, umsolwa ucele inombolo kamakhalekhukhwini yesisulu okuthe uma sithi kasinawo kwawona-ke umakhalekhukhwini lowo, wacela ukusipha omunye athe akawusebenzisi.
ILANGA litshelwe yilunga lomndeni wesisulu ukuthi emuva kwezinsukwana induna inikele kubo kwaso yafike yathi iyolanda umakhalekhukhwini wayo esiwebile.
Engxongxweni yeLANGA nale ntombazanyana, ithe: “Induna yiyona engiphe umakhalekhukhwini kodwa ngesikhathi isifika ekhaya ishintshe ukukhuluma yakhuluma iphutha.
“Ugogo uthe mayiwuthathe umakhalekhukhwini yangavuma induna yathi mawuhanjiswe yimina. Idikilile yaphuma yahamba, yasho nokuthi uma kuphele usuku ungafikile lo makhalekhukhwini, kukhona esizokubona. Nebala ngiwuthathile ngathi ngiyawuhambisa emzini wayo, saficana endleleni yangibamba yalala nami ngenkani.”
Kuthiwa intombazane ifike ekhaya ikhala iphuma negazi esithweni sangasese yachaza ngokwenzekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi livuliwe icala kanti umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNgwavuma.
Udaba ludluliselwe kubaphenyi abayisipesheli eJozini.