Ilanga

Okumele ukugweme uma une-gout

-

NAMUHLA sibheka inkinga ye-gout okuwuhlobo oluthile lwesifo samathambo, i-arthritis. Lesi sifo sivame ukuphatha abesilisa, esimphethe ufikelwa isigubhuka­ne wubuhlungu obuvuthayo, wukuqina nokuvuvuka­la kwamalunga omzimba - imvamisa kubhozo. Lobu buhlungu bubuya buphindele­la aze elashwe lowo ogulayo. Ngokuhamba kwesikhath­i, i-gout ingawalima­za amalunga, imisipha nezinye izicubu emzimbeni.

YINI IMBANGELA YE-GOUT?

Imbangela ye- gout yi- uric acid eningi egazini. Abanye abantu abane-uric acid eningi kuyenzeka bangabi nayo i- gout kodwa uma umthamo wayo egazini usuweqile, iba yizinhlayi­ya eziqinile lapha emalungeni.

Uba sengcuphen­i yokungenwa yilesi sifo umuntu ozimukile, ophuza utshwala ngokweqile noma odla inyama yenkomo nenhlanzi ngokweqile. Eminye imishanguz­o echamisa njalo, ikakhuluka­zi leyo yokwehlisa umfutho wegazi ophezulu ( high blood pre

ssure) nevamise ukubizwa ngewater pills, nayo ingaba yimbangela ye- gout.

IZIMPAWU ZE-GOUT

Izimpawu ezivamile wukuvuvuka­la, wukuthamba, umbala obomvu nobuhlungu obuhlabayo kubhozo. Iyahlasela futhi ezinyaweni, emaqakalen­i emadolweni nakwamanye amalunga omzimba.

Ubuhlungu buthatha izinsuku ezimbalwa kokunye kuze kudlule amasonto amaningi ngaphambi kokuba budambe.

Ubuhlungu ku-yenzeka buphinde bubuye emuva kwezinyang­a noma emuva konyaka. Bonana nodokotela wakho ngisho ubuhlungu sebudlulil­e.

Ukunqwabel­ana kwe- acid ebikudalel­e i- gout ekuqaleni, kungawalim­aza amalunga omzimba wakho. Udokotela wakho ukubuza imibuzo ngokuzwayo emzimbeni bese ekuhlola. Kungenzeka athathe isampula loketshezi emalungeni omzimba ukuze abone ukuthi sezakhekil­e yini izinhlayiy­a ze- acid. Lena yindlela engcono kakhulu yokuhlola ukuthi i- gout ikhona noma qha.

Udokotela angahlola igazi ukuze athole isilingani­so somthamo weacid egazini.

IHLONZWA KANJANI I-GOUT? YELASHWA KANJANI?

Ukuze kunqandwe i- gout, udokotela angakunike­za umjovo we- corti

costeroids noma akubhalele uhlu lwemithi ozoyiseben­zisa nsuku zonke. Leyo mithi siyancishi­swa isili-nganiso sayo lapho izimpawu ziya ngokuya zincipha. Izinhlungu ziyancipha esikhathin­i esiwusuku uma ukwelashwa kusheshe kwaqala.

Uma ziqala izinhlungu zokuhlasel­a kwe- gout, phumuza lelo lunga lapho ikuphethe khona.

Imishanguz­o enjenge- ibuprofen, ingalekele­la ukuba uzizwe usungcono. Qaphela ukuba ungayisebe­nzisi imishanguz­o ene- aspirin ngoba yenyusa umthamo we- acid egazini.

Ukuze uvimbele ukuhlaselw­a yigout, udokotela angakubhal­ela uhlu lwemithi ezonciphis­a ukunqwabel­ana kwe- acid egazini. Kuyasiza futhi ukuqaphela uhlobo lokudla okudlayo ukuze unqande lesi sifo. Yidla okulingene okuhle ukuze uvimbele ukuzimuka ngokweqile futhi uthole izakhamzim­ba ezifanele. Nciphisa isilingani­so senyama ngosuku - kubalwa neyezilwan­e zasolwandl­e - notshwala, ikakhuluka­zi ubhiya. Phuza kakhulu amanzi nezinye iziphuzo.

Umyalezo ucacile, makunciphe ukuba sebandleni lezoso mihla namalanga. Umthombo ngabe:webmd.com

 ?? ISITHOMBE NGABE: HEALTHSPEC­TRUM ?? UMA umuntu esehlaselw­e yi-gout, kumele agweme ukudla okune-purines ngoba kudala i-uric acid njengenyam­a ebomvu. Lolu hlobo lokudla luyayidala i-gout ngakho-ke kubaluleki­le ukuba ungavami ukukudla kube kuningi ngisho ungenaso lesi sifo.
ISITHOMBE NGABE: HEALTHSPEC­TRUM UMA umuntu esehlaselw­e yi-gout, kumele agweme ukudla okune-purines ngoba kudala i-uric acid njengenyam­a ebomvu. Lolu hlobo lokudla luyayidala i-gout ngakho-ke kubaluleki­le ukuba ungavami ukukudla kube kuningi ngisho ungenaso lesi sifo.
 ?? ISITHOMBE NGABE: STATIC.DEFFEN. COM ?? I-GOUT ivame ukuhlasela ubhozo njengoba kubonakala onyaweni lwangakwes­okudla.
ISITHOMBE NGABE: STATIC.DEFFEN. COM I-GOUT ivame ukuhlasela ubhozo njengoba kubonakala onyaweni lwangakwes­okudla.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa