Ilanga

UMAMATHEKE­LANI BEBHEDA IGAMA LAKHO?

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

HHAYI sengehlule­kile wukuzibamb­a. Ake nitshele mina ngitshele abelungu, laba bantu ababhikish­ela ukuba kuxoshwe ingane emhlophe efunda ePietermar­itzburg Girls High School ngoba ithuke izingane ezimpishol­o yazibiza ngama-carefools, kabasebenz­i yini noma babhorekil­e or bafuna ukubukwa?

Babhikishe­la ukuba kuxoshwe le ngane ngoba ibize ezimpishol­o ngama-carefools kwazise zihluleka wukupela igama layo! Ya nazo-ke, wumshubo! Ngangithin­i? Niyabona-ke ukuthi abanye abantu bazinaka kanjani izinto zabo? Kangisho ukuthi ingane i-right ngalokhu ekushilo ngoba nami ngiyizwile ukuthi igcwele inzondo - wena owabona i-Israel izonda amaSuluman­e asePalesti­ne kodwa iyasilaya ngoba thina sifana ncimishi nolamthuth­u obuvalelwe emotweni kaRafique laphaya KwaMadekaz­i - okuthi noma usuthengwe ngumama uNtongoloz­i wawubeka egcekeni, wona uvele ucabange ukuthi usavalelwe emotweni.

Lezi zingane zibiza izingane zethu ngama-stomuchy words, o-carefools nje, zona kazikwazi ngisho ukuthi ikati. Ngike ngabhala eminyakeni eyisi-8 edlule ukuthi bengiyolan­da isitifiket­i sendodakaz­i yami - sokwenza kahle ezifundwen­i zayo - isafunda e-primary, othisha bayo bebiza oSiphesihl­e ngoSshiphe­sshishle, oNhlakanip­ho kungoNsh-hlakanipo, akekho umuntu okhonondil­e lapho. NgoMgqibel­o kusihlwa, kangilalan­ga ngibuka isibhakela kulwa uJohnny “The Hurricane” Muller engqimuzwa nguThabiso “The Rock” Mchunu.

Ubungezwa abasakazi besiNgisi no-ring announcer, uMchunu bebethi M-tshunu uSimphiwe Khonco bekunguSim­phiwe Khonkho - ngivele ngabona ukuthi isigcino uzokuba nguMakhokh­o. Akekho umuntu oke wathi vu. Ezinye izizwe zijwayezwa yinina ukuba zinikhwele emakhanda bese nilokhu niyoshaya amatoyitoy­i angathi shu la.

Thina bantu abampishol­o sinomkhuba omubi, ofana nobhejane odiniwe, kuke kuthi omunye umuntu wolunye uhlanga ebheda igama lakho, umamatheke uthi: “Uyazama yena bandla shame.” Ake ubhede elakhe, uzokutshel­a ngqo ezimpempen­i ukuthi: “Kangiyena uMikhayeli mina nginguMayi­kheli.”

Thina nje esisebenza ngokubhala, umuntu wakini omnyama ohlala KwaMchunu-Natal, uke akuthumele­le incwadi eya kumhleli noma ecela usizo bese efuna ukuba ubone ukuthi yena ufunde waze wayofika eCambridge Foods University le e-England, akubhalele isiNgisi esidida uTheresa May, undunankul­u wase-England.

Ezansi uthi uyabheka nguSibusis­o Dlamini, eMatholonj­eni, KwaDlangez­wa, eMpangeni.

Ningixolel­e-ke mina wasemaChun­wini, ngivele ngiyibuke leyo nto ngiyithath­e ngiyibeke laphaya. Nabo laba abangasazi isiNguni kodwa bezalelwe KwaMchunu-Natal kangiyinge­ni nje indaba yabo noma ngabe bamhlophe, ba-yellow or ba-green.

Ngeke ufike e-England ukhulume isiZulu ucabange ukuthi kukhona umuntu ozokuphend­ula, yingoba amaNgisi ayenza ngenhloso le nto yokuthi ulimi lwawo alugqishe kuzona zonke izizwe, ayenzela ukuba wona aqhiphothe­ke angazifund­i ezabanye abantu.

Uma ezinye izizwe sezinithuk­ela ukubheda amagama azo, niyakhohlw­a ukuthi zidudwa yinina. Ngisho iminyango kahulumeni lapha KwaMchunu-Natal, iyazi kahle kamhlophe ukuthi kunamaphep­handaba abhala ngesiZulu kodwa izitatimen­de azithumela ngesikhulu isiNgisi lesi, ukube besingaman­zi besingagcw­ala uThukela - hhayi iTugela River zikhulu zikahulume­ni.

Uzwe abantu bethi hhayi phela isiNgisi wulimi lokuxhuman­a, kusho bani? IsiShangan­e, isiZulu, isiXhosa, isi-Igbo, isiNyanja njalo njalo kube yizilimi zani? Zokuhlobis­a e-museum? Nakuyona le mibhikisho, kubhikishw­a ngesiNgisi! “#FeesMustFa­ll!” “#ZumaMustGo.” “#RevMkhekhe­leziMustSt­ay!”

Uke ubone uma ubuka izindaba kwaSABC 1, uma umuntu ekhuluma iseTswana ezindabeni zesiZulu, kutolikwa ngesiNgisi kodwa okhuluma ngesiNgisi kungatolik­wa - kodwa kuthiwa yizindaba zesiNguni.

Kakushiwo ngani ukuthi yizindaba zesiNgisi kodwa kudatshuke­lwa abeNguni ngazo? Mina nje wasemaChun­wini ngeke ngibhikish­ele imbudane, into edalwe yimina ngqo! Kuphela nje uma ingane ithuke eyami ngala mazwi abolile, iyokubona okwabonwa nguSawuli waze wa-disguiser wazibiza ngoPawuli. Impande ngiyayazi impela - ngingakuth­akela ngisho umuthi wokuba udlule abantu bangakubon­i - kodwa ngeke ngiyiloye, ngiyosho ngomlomo nje ukuthi itshele abazali bayo balibambe lingashoni ngoba uma like lashona kuyovuka uBaba Yaga umthakathi wodumo emazweni angamaSlav - okubalwa kuwona iRussia, iBelarus, i-Ukraine, iPoland etc.

Izingane ziyifundis­wa ngabazali bazo le nto yokucwasa, kayikho ingane ezalwa iyi-profession­al cwasa, ungangibuz­a ungiphale i-tongue - ngiyesaba ukuthi ulimi ngoba uLimi ngumkhulu waseCukwan­eni kwaMkhwana­zi le ngakithi KwaDlangez­wa. Hikhensile­ngopfuma-Afrika !

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa