UKUQALA UHAMBO LOKUYA PHESHEYA
UMaqhinga uthi kazikho izigameko eziphathelene nezihasho zakhe kodwa lezi zokuthi ungumdlalisi wentombi, uzethiwe ngudadewabo kanina ebuncaneni bakhe ngoba bekukhombisa ukuthi uzokhula athandwe yizintombi.
Uthi imvamisa omasikandi abaningi bayakuthanda ukuveza ukuthi baphuza umfula othile, yi- ngakho-ke yena eqhamuke nento ehlukile wathi uphuza kwakhe hhayi emfuleni ngoba ikhona indodakazi yakhe iyawakha amanzi.
“Esikhathini esedlule bekunzima ukuba ngumculi kamasikandi ngoba bekudingeka ukuba kube Ngokomlando wakhe kwezomculo, uthi uzalelwe emndenini onekhono lokushaya izinsimbi ezisetshenziswa emculweni ngoba uyise ubedlala inkostina kanti unina ubeshaya imfiliji, okuyilapho kuqale khona uthando lomculo kuyena.
Ube esezinikeza isikhathi sokufunda isigingci kwazise ubesebonile ukuthi emndenini wakhe uyathandwa umculo.
Uthi ngesikhathi efunda eNtokozo Primary School eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal - okuyindawo akhulele kuyona njengoba bekade bezinze khona - ubecula isicathamiya kwaqala lapho ukuba agxile emculweni.
Kuthe uma esethatha isinqumo sokuyeka isikole kwaGrade 8, ngenxa yokuthi ubezalelwe esithenjini, esefuna ukuyozama amatoho eThekwini, wafika khona wathenga isigingci wazifundisa sona. Utshele ILANGA ukuthi uqale lapho wasidlala kwaze kwaba uyasifunda. “Bengigula uma ngibone umuntu odlala isigingci okwedlula mina. Ngizinikeze isikhathi esanele ngazitshela ukuthi isifiso sami ngesokuba ngihlonishwe entanjeni ngelinye ilanga.
"Isigingci yisona esingivulele amasango, enginakho namhlanje kungenxa yaso futhi kangesabi ngisho ukukubonisa umuzi wami ngoba sengisebenzile ngakwazi nokufundisa izingane zifundela ubuthishela, ubunjiniyela nokunye. "Mina umculo ngingene kuwona ngothando hhayi
ngoba ngi- Uthi nakuba uyaziwa emculweni kungenxa yentatheli yeLANGA, uMnu Victor Ndlovu, eyafika kuyena ekoqozisa i- demo eMlazi, eningizimu yeTheku ngeminyaka yowe-1990, yawuthanda umsebenzi wakhe.
Ngokusho kwakhe yawuthatha yawuzwisa uSolwazi Joseph "Mshengu" Shabalala weBlack Mambazo. Uthi emuva kwezinsukwana, uthole ucingo kuMshengu ethi ucela babonane ngoba uwuthandile umsebenzi wakhe.
Uveze ukuthi mhlawumbe ngabe akekho emculweni ukuba intatheli kayimsizanga yathatha i- demo yakhe yamfunela amadlelo aluhlaza.
“UShabalala uthe kimina kuneqembu lesicathamiya okuyiThulisa Brothers elizoqopha i-albhamu ngakho-ke ucela ngiyofaka isigingci kwenye yezingoma ngoba usethole i- demo yami walithanda leli khono.
"Ukuxhumana kwami naye kuqale lapho baqhubeka ubudlelwano kwathi ngonyaka we-1993 sesihlangene, kwaba khona umqhudelwano wokuhlonzwa kwamakhono owenziwe yiJuba neHoward College, nebala ngaphumelela,” kusho uMaqhinga.
Uthi mhla zingama-28 kuNhlolanja (February) we-1995, bekuwusuku lokuqala kwakhe ukuya phesheya kwezilwandle elibangise e-United States of America (USA), ehamba neBlack Mambazo kunomdlalo weshashalazi lapho bekufanele adlale khona isigingci. Bahlale izinyanga ezintathu e-USA.
Utshele leli phephandaba ukuthi izindlela ziqale lapho ukukhanya ngoba ubuyelile futhi esehamba nembongi yaseZimbabwe, u-Albert Nyathi ngowezi-2005.
“Ikhono lami emculweni bese livelile nangesikhathi ngicula kwiShabalala Rhythm kwaze kwabakhona abacela ukuba ngiyenze i-albhamu ngaphansi kwegama lami,” kusho yena.
Emuva kwalokho uqophe i-albhamu ethi “UMatekisi" kwalandela "Ama-clevage," "Facebook," "Isishwapha Somona" kanti njengamanje umatasa upheka ethi "X-Yami”.
Unezingane eziyisi-6 okungabafana abane namantombazane amabili kanti amazwe asewavakashelile kubalwa kuwona i-USA, iGermany, i-England ne-India. Ukuphela kukaNcwaba (August) uya e-Italy.