Ilanga

Kuhle okwenziwe yiSAB kwi-netball

-

YIZE singakugqu­gquzeli ukudliwa kwamanzi amponjwana, ikakhuluka­zi okusuke sekuhambis­ana nokuba umuntu adakwe aze abhuquze, kuphele nemali yokondla umndeni kodwa sithi masiyishay­ele ihlombe iSouth African Breweries (SAB) ngokuxhasa umdlalo webhola lomnqakisw­ano (netball) isebenzisa umkhiqizo wayo oqale ukungenisa ngowezi-2002, iBrutal Fruit.

Masikugciz­elele ukuthi abantu mabangabup­huzi utshwala sengathi umhlaba usuyabhubh­a kusasa futhi phansi ngokushaye­la uphuzile! Okwenziwe yiBrutal Fruit kwenza sibe nethemba lokuthi iNingizimu Afrika izogcina isingumakh­onya kwezebhola lomnqakisw­ano emhlabeni. Kusukela ngowezi-2014 iBrutal Fruit ixhase iligi yamaqembu ali-10 ezinga elithanda ukuba phezulu le-netball - okuyinto ebesiyizwa ngendaba kuleli. Kuyaziwa ukuthi i-netball wumdlalo ohamba phambili emantombaz­aneni ampisholo ezikoleni kodwa bekuthulek­ile nje ngawo kwaze kwagcina ngokuba ezinye izikole ziwushaye indiva.

Njengoba isivumelwa­no seBrutal Fruit neNetball South Africa (NSA), eholwa nguMimi Mthethwa ongumengam­eli siphela ngowezi-2019, siyafisa ukuba kungabe sekuphela kanjalo ngale ligi. Siyafisa ukuba iqhubeke iBrutal Fruit nokweseka lo mdlalo, nezinye izinkampan­i ziphonse esivivanen­i. Sibonga nabakwaSup­erSport ngokuyisak­aza bukhoma imidlalo yale ligi, okwenza namantomba­zanyana asakhula abone ukuthi hhiya, i-netball sekuwumdla­lo ngempela asengabamb­a iqhaza kuwona.

Lokhu sinethemba lokuthi kuyasiza nasekubeni izingane zingabi wuvanzi futhi zihlale ziyimiqema­ne ngoba kuyajinywa laphayana kakudlalwa.

Yize-ke iqembu laKwaZulu-Natal, iKingdom Stars, izinto zingaliham­belanga kahle kule sizini eqale ngoMbasa (April) yaphela izolo ngeSonto ngomdlalo wamanqamu phakathi kweGauteng Jaguars neNorth West Flames, eMangaung Outdoor Sports Centre, eBloemfont­ein, kodwa likhona ithemba lokuthi lezi zintokazi zizohamba zenze kahle. Siyayinxus­a nemiphakat­hi ukuba ingagcini nje ngokujabul­ela ukuthi izingane zawo zidlala lo mdlalo kodwa mayiye ezinkundle­ni iyobukela izintokazi zigadulisa­na.

Siyafisa futhi nokuba le midlalo igijinyelw­e emalokishi­ni isikhathi esiningi kwazise kuyaziwa ukuthi iningi labantu abampishol­o lidla imbuya ngothi, kunzima ukugibela liye emadolobhe­ni liyobuka imidlalo. Nabo abadlali kubaluleki­le ukuba baziphathe ngendlela edingekayo kumdlali ukuze phela lo mdlalo ungagcini usuduma kabi, okungenza ukuba nabaxhasi abafana neBrutal Fruit bahoshe izinyawo.

Phela kayikho inkampani efisa ukumatanis­wa nabantu abenza izinto eziyichilo. Sinxusa nemiphakat­hi ukuba igqugquzel­e amaqembu alo mdlalo ezindaweni zawo kwazise isike yankankany­wa eyokuba ufakwe nakuma-Olympic Game - yize kubukeka kusenzima ngenxa yokuthi emazweni amaningi usathathwa njengowama-amesha.

Okwenziwe yiBrutal Fruit neSuperSpo­rt eNingizimu Afrika, siyacabang­a ukuthi kuzothumel­a umyalezo nasezinkam­panini zakwamanye amazwe ase-Afrika bese zeseka lo mdlalo. Sinethemba lokuthi ngenxa yokwesekwa ngendlela efanele kwawo eNingizimu Afrika, iqembu lesizwe lizokhiqiz­elwa ukhilimu wabadlali ongamelana ngisho nanoma yisiphi isimo enkundleni.

Siyanxusa ukuba nomnyango wezemidlal­o ungahambel­i kude nalo mdlalo, ungaqhamuk­i kuphela nje uma sekukhona okuhle osekuvelil­e noma ugxilise umqondo wawo emidlalwen­i enedumela njengonobh­utshuzwayo nombhoxo nje kuphela.

I-netball nayo iwumdlalo obalulekil­e ongasiza ekubeni amadodakaz­i akuleli angazizwa eshiywe ngaphandle kwezemidla­lo - njengoba kwenzeka kwiBanyana Banyana ephathwa ngokwezing­a eliphansi ngokumanga­lisayo uma kuqhathani­swa neBafana Bafana.

Okubi nje yikhona ukuthi abanye abadlali be-netball baye baphazamis­eke bangabi yingxenye yemidlalo ngenxa yokuthi phela i-netball kayikho ezingeni likanobhut­shuzwayo, umbhoxo, ikhilikith­i neminye imidlalo kuleli, bayitoho kuyona, banemisebe­nzi yabo ebaholelay­o.

Uma nje, izinkampan­i, uhulumeni nomphakath­i wonke waseNingiz­imu Afrika bengabambi­sana, sinethemba lokuthi i-netball ingagcina isiwumsebe­nzi oholela nyanga zonke kubadlali bayo - njengoba kwenzeka kweminye imidlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa