INHLOSO YOKUZA KUKANKULUNKULU EMHLABENI
NJENGOBA ngoLwesine mhla zili-15 kule nyanga sonke simenyiwe yiNkosi yaseKuphakameni, iNkosi Vukile “Ncoyincoyi” Shembe, emzini wayo wasoThandweni, eBhanganoma, sibone kubalulekile ukuba noma siqhubeka nesihloko esingenhla esigcine sisidingida kodwa sikhethe indaba eyisibonelo esisobala sokufika kukaNkulunkulu emhlabeni nesizophendula imibuzo yobunjalo bukaShembe mayelana nobuNkulunkulu.
Le ndaba iphinde iveze zonke izinhlangothi zezethulo zemiyalezo emine eyimibala kaNkulunkulu uma eya kubantu. Izinto esasikhulume ngazo phambilini kulesi sihloko kwakuyindaba yothando lukaNkulunkulu, wumusa, amandla nenhloso yakhe ngabantu.
USHEMBE UFIKA EMZINI WAKWANXUMALO NOKUVELA KOMUZI WASOTHANDWENI
Ukhokho uJeremiya Nxumalo wabuya emsebenzini eGoli wafika ekhaya lakubo KwaNcengisekhona, wahlangabezana nosizi olukhulu lokuthi abantwana bakwabo sebasala bodwa njengoba uyise nonina basebashona. Ekushoneni kwabo babeshiye abantwana ababesebancane kakhulu kungukhokho uJeremiya owayesethanda ukuba mdala. Lokhu kwamphoqa ukuba aphenduke umama nobaba ezinganeni zakwabo. Endaweni kwabe kukhona umuzi wakwaMzimela owawakhiwe egqumeni, eMadubeni.
Umnumzane walowo muzi walubona usizi lwalaba bantwana babafana ababehleli bodwana, wabe esethumela umntwana wakhe wentombazana owabe esebhekile ukuba abasize ngokubabasela umlilo. Kwahamba kwahamba abakwaMzimela bangabe besathanda ukuba lo mntwana wabo ayosiza laba bantwana bakwaNxumalo ngoba kwasekubonakala ukuthi sekuqubuke umoya wokuthandana phakathi kwabantwana ababili, okunguPhindicala Nxumalo noMaMzimela.
Bamthatha uMaMzimela bayomganisa kwenye indawo bathola izinkomo khona kodwa akahlalanga lapho wabuya weza kwaNxumalo. Kuthe noma uNxumalo esefuna ukumlobola abe ngumkakhe kabangavuma abakwaMzimela ukuthatha izinkomo kuyena ngoba basebezamukelile kwenye indawo ngaye lowo mtwana.
Kwagcina ngokuba abasemaNzimeleni bathuthe bayokwakha ngaKwaNgenetsheni. Kuthe noma esethi uyalandelela uNxumalo ngokulobola, kwafumaniseka ukuthi akasekho umuntu oqondile ukwamukela izinkomo. Kwakuvela mvelivelayo azibize njengoqondile nofanele ukuba amukele izinkomo kodwa kubuye kucace ukuthi kakuyena.
Lokho kwalandelwa wukuba umaMzi- mela agcine ngokuhlala kwaNxumalo engaphelelisile. Wahlala kwaNxumalo waze waqala ukuthola abantwana kodwa babengahlali, babedlula emhlabeni noma bachitheke. Namanye amakhosikazi akhe uNxumalo ayeselandele uMaMzimela ngokugana, nawo ayelahlekelwa ngabantwana.
Ngaleso sikhathi ukhokho uNxumalo wayesesukile KwaNcengisekhona wayohlala komunye umuzi wakwaNxumalo okuthiwa kuKwaDliwayo ngaphansi kukaMa-
Songobala. Umnumzane wakhona uMqemane wayeyinduna yenkosi yaseBhanganoma. Uma uNxumalo eseKwaDliwayo, wathola ukuthi abakulo muzi basebeqalile ukulandela enkolweni yobuNazaretha nakuba umnumzane wakhona wayengagxilile kuyona ngenxa yesikhundla sobuduna.
Ekushonelweni ngabantwana bakhe uNxumalo, wabe esehlangana nenye indoda yakwaDuma eyamyalela uShembe. Ithi le ndoda ukhona umuntu osiza abantu, angaluqeda usizi lwakhe. UNxumalo uthi pho angamubona kanjani lowo muntu. Ithi le ndoda yakwaDuma ukhona uhambele KwaHlabisa. “Kuphathwani uma kuyiwa kuyena?” kubuza uNxumalo.
Uthi uDuma kakuphathwa lutho kodwa uma beya kuyena kuyomele bashiye imithi yabo, ugwayi namahewu ngoba lezo zinto kazingeni laphaya. Ngaleso sikhathi uNxumalo wayenenqawe ayeyibhema, ngalelo langa wayilahla nyovane ukuze angayiboni lapho iwele khona. Uthi kubantu ababehamba nabo kwakukhona omunye umama owayezithwele.
Sebesendleleni behamba nalo mnumzane wakwaDuma nalaba bantu beya enkosini KwaHlabisa, lo muntu wesifazane kwacaca ukuba umtwana usesondele. Kwadingeka ukuba omame benze isihenqo ukuze abesilisa bangaboni.
Uma bebikelwa bona ngalokho, uDuma wathi: “Kukhona ophethe into obekuyalezwe ukuba ingaphathwa uma kuyiwa enkosini, lowo makavele ngoba kakukwazi ukuba kuthi kuyiwa kuNkulunkulu bese kuvela okunje.”
Uthi nempela wavela omunye umama owayephethe isigujana sotshwala ayethi usifihlele indlela ukuze acime ukoma. Nebala kwacaca ukuthi inkulu indaba abahamba ngayo. Uthi uShembe kuNxumalo uma behlangana, “Shiya konke obukwenza ungilandele. Gcina iSabatha emzini wakho ungaloni, sisha umlilo ngesikhathi, yeka umuthi yembatha ingubo emhlophe. Uma ukugcinile lokho, ngiyokunika abantwana abangaseyukufa.” Nempela-ke uNxumalo wakugcina okwakushiwo nguShembe, wabathola abantwana ukufa kwanqamuka ekhaya. Abokuqala kulabo yilaba:
Ngugogo uMaNxumalo (uBagabazile) owaba ngomunye wondlunkulu beNkosi yamaNazaretha, iNkosi Galilee “iLanga” Shembe, umkhulu ozala ubaba ongizalayo uValinkonzo Nxumalo (igama lakhe waqanjwa emuva kokuba efike emhlabeni ngeSabatha emuva kwenkonzo), uKhanyile, uJoconiya, uMesiya Nxumalo ongumshumayeli wasoThandweni KwaNongoma, uNhlanhlani, uMsineleni, uMandlakayise, u-Enock, uMasisane, uFanyana nabanye abaningi.
Laba engibabalile ngengisabakhumbulayo ngokuxoxelwa kanti abanye babo basaphila namanje. Amathuna abashona ngaphambi kokufika kukaShembe akhona nanamhlanje ngakumdedele emzini wasoThandweni. Lona okuthiwa nguNhlanhlani wabe eliwele. Uthi uShembe kuNxumalo, uzobathola abantwana abangaseyukufa.
Abanye bayofika babe babili kodwa ngiyomthatha omunye uyoba ngowami. Ngempela bazalwa laba bantwana, wabaqamba ngokuthi uNhlanhlani noMsineleni. Kepha uMsineleni kaphilanga, uNkulunkulu washeshe wamthatha njengokwezwi likaShembe. UNxumalo uhlangana noShembe nje usengaphansi kwayo inkosi yaseBhanganoma, uyinsila yeNkosi Mchitheki Zulu. Kwakunguye na owayephatha ukudla kwenkosi notshwala, efanele wukususa ubuthi ekudleni kwenkosi ngaphambi kokuba ibuphuze.
Kuthe esehlangene noShembe kwase kuba lukhuni ukuthi uzoyazisa kanjani iNkosi Zulu ukuthi useliNazaretha - ngokomthetho kaNkulunkulu kakasafanele aphathe utshwala kungabalwa nakubalwa ukubuphuza. Uthi kwadingeka ukuba ayazise inkosi ekugcineni ngoba kwasekufanele ukuba uma ebubeka utshwala angabususi ubuthi. Uthi inkosi yakhubeka kakhulu yabuza ukuthi ungubani yena lo Shembe “okuyekisa ukudla”.
“Ungubani lo Shembe othi ngidla amanyala mina, lo othi ungakudli ukudla okudliwa yimina?” kubuza inkosi. Kwafunyaniseka ukuthi kayikwazi ukumphoqelela uNxumalo ngoba nosizi lwakhe lokweswela izingane yayilwazi, isiyibona nemisebenzi yalo “muntu” okuthiwa nguShembe.