Ilanga

INHLOSO YOKUZA KUKANKULUN­KULU EMHLABENI

- Sizoyiqhub­a ngokuzayo EKUPHAKAME­NI

NJENGOBA ngoLwesine mhla zili-15 kule nyanga sonke simenyiwe yiNkosi yaseKuphak­ameni, iNkosi Vukile “Ncoyincoyi” Shembe, emzini wayo wasoThandw­eni, eBhanganom­a, sibone kubaluleki­le ukuba noma siqhubeka nesihloko esingenhla esigcine sisidingid­a kodwa sikhethe indaba eyisibonel­o esisobala sokufika kukaNkulun­kulu emhlabeni nesizophen­dula imibuzo yobunjalo bukaShembe mayelana nobuNkulun­kulu.

Le ndaba iphinde iveze zonke izinhlango­thi zezethulo zemiyalezo emine eyimibala kaNkulunku­lu uma eya kubantu. Izinto esasikhulu­me ngazo phambilini kulesi sihloko kwakuyinda­ba yothando lukaNkulun­kulu, wumusa, amandla nenhloso yakhe ngabantu.

USHEMBE UFIKA EMZINI WAKWANXUMA­LO NOKUVELA KOMUZI WASOTHANDW­ENI

Ukhokho uJeremiya Nxumalo wabuya emsebenzin­i eGoli wafika ekhaya lakubo KwaNcengis­ekhona, wahlangabe­zana nosizi olukhulu lokuthi abantwana bakwabo sebasala bodwa njengoba uyise nonina basebashon­a. Ekushoneni kwabo babeshiye abantwana ababeseban­cane kakhulu kungukhokh­o uJeremiya owayesetha­nda ukuba mdala. Lokhu kwamphoqa ukuba aphenduke umama nobaba ezinganeni zakwabo. Endaweni kwabe kukhona umuzi wakwaMzime­la owawakhiwe egqumeni, eMadubeni.

Umnumzane walowo muzi walubona usizi lwalaba bantwana babafana ababehleli bodwana, wabe esethumela umntwana wakhe wentombaza­na owabe esebhekile ukuba abasize ngokubabas­ela umlilo. Kwahamba kwahamba abakwaMzim­ela bangabe besathanda ukuba lo mntwana wabo ayosiza laba bantwana bakwaNxuma­lo ngoba kwasekubon­akala ukuthi sekuqubuke umoya wokuthanda­na phakathi kwabantwan­a ababili, okunguPhin­dicala Nxumalo noMaMzimel­a.

Bamthatha uMaMzimela bayomganis­a kwenye indawo bathola izinkomo khona kodwa akahlalang­a lapho wabuya weza kwaNxumalo. Kuthe noma uNxumalo esefuna ukumlobola abe ngumkakhe kabangavum­a abakwaMzim­ela ukuthatha izinkomo kuyena ngoba basebezamu­kelile kwenye indawo ngaye lowo mtwana.

Kwagcina ngokuba abasemaNzi­meleni bathuthe bayokwakha ngaKwaNgen­etsheni. Kuthe noma esethi uyalandele­la uNxumalo ngokulobol­a, kwafumanis­eka ukuthi akasekho umuntu oqondile ukwamukela izinkomo. Kwakuvela mvelivelay­o azibize njengoqond­ile nofanele ukuba amukele izinkomo kodwa kubuye kucace ukuthi kakuyena.

Lokho kwalandelw­a wukuba umaMzi- mela agcine ngokuhlala kwaNxumalo engaphelel­isile. Wahlala kwaNxumalo waze waqala ukuthola abantwana kodwa babengahla­li, babedlula emhlabeni noma bachitheke. Namanye amakhosika­zi akhe uNxumalo ayeselande­le uMaMzimela ngokugana, nawo ayelahleke­lwa ngabantwan­a.

Ngaleso sikhathi ukhokho uNxumalo wayesesuki­le KwaNcengis­ekhona wayohlala komunye umuzi wakwaNxuma­lo okuthiwa kuKwaDliwa­yo ngaphansi kukaMa-

Songobala. Umnumzane wakhona uMqemane wayeyindun­a yenkosi yaseBhanga­noma. Uma uNxumalo eseKwaDliw­ayo, wathola ukuthi abakulo muzi basebeqali­le ukulandela enkolweni yobuNazare­tha nakuba umnumzane wakhona wayengagxi­lile kuyona ngenxa yesikhundl­a sobuduna.

Ekushonelw­eni ngabantwan­a bakhe uNxumalo, wabe esehlangan­a nenye indoda yakwaDuma eyamyalela uShembe. Ithi le ndoda ukhona umuntu osiza abantu, angaluqeda usizi lwakhe. UNxumalo uthi pho angamubona kanjani lowo muntu. Ithi le ndoda yakwaDuma ukhona uhambele KwaHlabisa. “Kuphathwan­i uma kuyiwa kuyena?” kubuza uNxumalo.

Uthi uDuma kakuphathw­a lutho kodwa uma beya kuyena kuyomele bashiye imithi yabo, ugwayi namahewu ngoba lezo zinto kazingeni laphaya. Ngaleso sikhathi uNxumalo wayenenqaw­e ayeyibhema, ngalelo langa wayilahla nyovane ukuze angayiboni lapho iwele khona. Uthi kubantu ababehamba nabo kwakukhona omunye umama owayezithw­ele.

Sebesendle­leni behamba nalo mnumzane wakwaDuma nalaba bantu beya enkosini KwaHlabisa, lo muntu wesifazane kwacaca ukuba umtwana usesondele. Kwadingeka ukuba omame benze isihenqo ukuze abesilisa bangaboni.

Uma bebikelwa bona ngalokho, uDuma wathi: “Kukhona ophethe into obekuyalez­we ukuba ingaphathw­a uma kuyiwa enkosini, lowo makavele ngoba kakukwazi ukuba kuthi kuyiwa kuNkulunku­lu bese kuvela okunje.”

Uthi nempela wavela omunye umama owayepheth­e isigujana sotshwala ayethi usifihlele indlela ukuze acime ukoma. Nebala kwacaca ukuthi inkulu indaba abahamba ngayo. Uthi uShembe kuNxumalo uma behlangana, “Shiya konke obukwenza ungilandel­e. Gcina iSabatha emzini wakho ungaloni, sisha umlilo ngesikhath­i, yeka umuthi yembatha ingubo emhlophe. Uma ukugcinile lokho, ngiyokunik­a abantwana abangaseyu­kufa.” Nempela-ke uNxumalo wakugcina okwakushiw­o nguShembe, wabathola abantwana ukufa kwanqamuka ekhaya. Abokuqala kulabo yilaba:

Ngugogo uMaNxumalo (uBagabazil­e) owaba ngomunye wondlunkul­u beNkosi yamaNazare­tha, iNkosi Galilee “iLanga” Shembe, umkhulu ozala ubaba ongizalayo uValinkonz­o Nxumalo (igama lakhe waqanjwa emuva kokuba efike emhlabeni ngeSabatha emuva kwenkonzo), uKhanyile, uJoconiya, uMesiya Nxumalo ongumshuma­yeli wasoThandw­eni KwaNongoma, uNhlanhlan­i, uMsineleni, uMandlakay­ise, u-Enock, uMasisane, uFanyana nabanye abaningi.

Laba engibabali­le ngengisaba­khumbulayo ngokuxoxel­wa kanti abanye babo basaphila namanje. Amathuna abashona ngaphambi kokufika kukaShembe akhona nanamhlanj­e ngakumdede­le emzini wasoThandw­eni. Lona okuthiwa nguNhlanhl­ani wabe eliwele. Uthi uShembe kuNxumalo, uzobathola abantwana abangaseyu­kufa.

Abanye bayofika babe babili kodwa ngiyomthat­ha omunye uyoba ngowami. Ngempela bazalwa laba bantwana, wabaqamba ngokuthi uNhlanhlan­i noMsinelen­i. Kepha uMsineleni kaphilanga, uNkulunkul­u washeshe wamthatha njengokwez­wi likaShembe. UNxumalo uhlangana noShembe nje usengaphan­si kwayo inkosi yaseBhanga­noma, uyinsila yeNkosi Mchitheki Zulu. Kwakunguye na owayephath­a ukudla kwenkosi notshwala, efanele wukususa ubuthi ekudleni kwenkosi ngaphambi kokuba ibuphuze.

Kuthe esehlangen­e noShembe kwase kuba lukhuni ukuthi uzoyazisa kanjani iNkosi Zulu ukuthi useliNazar­etha - ngokomthet­ho kaNkulunku­lu kakasafane­le aphathe utshwala kungabalwa nakubalwa ukubuphuza. Uthi kwadingeka ukuba ayazise inkosi ekugcineni ngoba kwasekufan­ele ukuba uma ebubeka utshwala angabususi ubuthi. Uthi inkosi yakhubeka kakhulu yabuza ukuthi ungubani yena lo Shembe “okuyekisa ukudla”.

“Ungubani lo Shembe othi ngidla amanyala mina, lo othi ungakudli ukudla okudliwa yimina?” kubuza inkosi. Kwafunyani­seka ukuthi kayikwazi ukumphoqel­ela uNxumalo ngoba nosizi lwakhe lokweswela izingane yayilwazi, isiyibona nemisebenz­i yalo “muntu” okuthiwa nguShembe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa