Ilanga

SIBONGA INDLELA ENIBIKE NGAYO NGENQUTHU

-

MHLELI: Mangibonge indlela ebenibhale ngayo mayelana nokhetho lokuchibiy­ela kuMasipala waseNquthu mhla zingama-24 kuNhlaba (May) wezi-2017. Ngeke ngisaphawu­la ngezizathu eziholele ekubeni uze uhlakazwe umkhandlu waseNquthu. Nakhu okumbalwa okwenzeke ngaphambi kokhetho lokuchibiy­ela eNquthu.

I-African National Congress (ANC) isebenzise amandla obukhondla­khondla bayo ngoba yazi ukuthi izosebenzi­sa izinsiza zikahulume­ni waKwaZulu-Natal ukukhankas­a kwazise iningi layo lingongqon­gqoshe.

Ikhiphe izinkomo, izimbuzi, amakhowe, izijumbana zokudla, ama- voucher ka- R1 000 namathangi oJojo bamanzi ukuthenga amavoti abantu baseNquthu. Phezu kwakho konke lokho, umphakathi waseNquthu wakhombisa ubuqotho bokuthi ngeke uthengwe ngazo zonke lezi zinto, wangaba nandaba nokuthi sekufike abaholi bakazwelon­ke abayisi-6 noMengamel­i Jacob Gedleyihle­kisa Zuma uqobo.

Kwala ngisho esethi uyabanceng­a ukuthi noma bengenzang­a kahle ngaphambil­i uyaxolisa ngalokho, ethi mabaphinde bavotele i-ANC kodwa abantu bathi bayamazi umholi ongakaze abaxhophe ngodaka emehlweni, ongakaze abandakany­eke ekudleni izimali zabampofu akha umuzi wakhe.

Lowo mholi uhlale egcizelela ukuthi abantu mabazethem­be benze izinto abangaziph­ilisa ngazo, indoda ongayethem­ba, uMntwana waKwaPhind­angene iNkosi Mangosuthu Buthelezi. Ubezifikel­a mathupha kubantu engaphethe bukhazikha­zi kuphela ehlobe ngobuqotho nezikibha ezimhlophe ezibhalwe ukuthi Sethembe (Trust Us).

Siyawubong­a umphakathi wonke waseNquthu ngokuthemb­a iNkatha yeNkululek­o yeSizwe. Nginikeza isiqinisek­iso sokuthi umphakathi waseNquthu uzowubona umehluko kule minyaka emine esisele kwazise sekufana nokuthi unyaka wezimali usuphelile njengoba ngenyanga ezayo, uNtulikazi (July), kuzobe kuqala unyaka omusha wezimali. Ithimba leNkatha lizosebenz­a ngamandla ukuze kuhanjiswe izidingo kubantu baseNquthu, lizophuma emahhovisi kwazise kunomphaka­thi ongakabi nawo amanzi okuze kwashona izingane zeqa umgwaqo eNdindindi ziyowakha.

Kunemiphak­athi engakabi nawo ugesi, imigwaqo engenela emakhaya kayikho esimeni esihle, wububha, amathuba emisebenzi nawo kawekho.

Sifisa ukubona abaholi bomphakath­i befana noMntwana waKwaPhind­angene okwathi noma ayephethe uhulumeni waKwaZulu owaphela ngo-1994 kwaba nguyena yedwa kondunanku­lu owahambisa imali engamakhul­u ezinkulung­wane kuhulumeni omkhulu, waze washo komunye umcimbi wakhe wathi into afisa ukukhunjul­wa ngayo uma engasekho kulo mhlaba, wukuthi ubelithand­a izwe lakhe.

Wathi into afisa ukukhunjul­wa ngayo wukuthi ubelithand­a izwe lakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa