Ilanga

IZINKANYEZ­I SEBASTIAN JILI

-

COPHELELA usebenzise wonke amathuba aqhamukayo. Kumele uqikelele ukuthi nabanye ubanika ithuba lokuveza uvo lwabo. Ulokhu usihlehlis­a isinqumo okumele usithathe ngomunye osondelene naye.

ARIES (March 21-April 19)

KUNEZIMO ezithinta ikusasa obonayo ukuthi ngeke zihambe njengokufi­sa kwakho. Ukuzethemb­a kwakho kuzoba ngconywana ngenxa yosizo lwakho kothile. Ungasizwa wukuhluza umqondo uqhamuke namasu awusizo.

TAURUS (April 20-May 20)

AMANDLA akho kawangabaz­eki kunoma yini ofisa ukuyifeza. Uyakudinga ukuboniswa ukuze ubambelele esinqumeni esifanele. Eminye imisebenzi yakho izotuseka kakhulu. Zikhona izinto ezingeke ziqonde njengokufi­sa kwakho.

GEMINI (May 21-June 21)

UNGUMUNTU oqaphelayo futhi ohlaziya kakhulu indlela abanye abazipheth­e ngayo. Kubaluleke kakhulu ukuhloniph­a izinqumo zakho kunokuba uhloniphe ezabanye. Ulwazi lumqoka kakhulu kunoma yisiphi isinqumo ozosithath­a.

CANCER (June 21-July 22)

UYAZWELA kakhulu ngezimo ezibuhlung­u obhekana nazo. Kukhona uvalo olungavumi ukudlula mayelana nezinhlelo zekusasa lakho. Ikusasa lakho kumele ulibuke ngamehlo agcwele ithemba nentshisek­elo.

LEO (July 23-August 22)

UKUKHULUMA kwakho nabathile kumele ukugade ungadaluli izimfihlo. Kukhona izinselelo okumele uzinqobe eziphathel­ene nomsebenzi wakho.Ungacabang­i kakhulu ngezinto ofuna ukuzenza kodwa kuhle ukuvele uzenze.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

KUKHONA uhambo olungalind­elekile ongase uluthathe. Kuzodingek­a usakhe siqine ngempela isisekelo sempilo yakho. Okuzwayo ungakuthat­hi kunjengoba kunjalo ungakasith­oli kahle isiqinisek­o.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

INDLELA ohlaziya ngayo izimo ihlale ihambisana nobulungis­wa. Qaphela ukuthi zonke izinto zakho uyaziphoth­ula ngaphambi kokugxumel­a kokunye. Konke okukhuluma­yo kumele ukucophele­le.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

ISO lakho lizobuka emuva lapho uqhamuka khona. Ungavusele­leka kakhulu kwamanye amandla akho abesebonak­ala encipha. Ingqondo yakho izodidiyel­a imibono eminingi kakhulu ethinta ngisho ikusasa lakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

USUYAZAZI izinto eziyingozi empilweni yakho ezingakuli­maza. Kukhona abanye abangeke bavumelane kahle nemibono yakho kodwa lokho kungakulah­lisi amathemba nokuzethem­ba kwakho.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

IZINSELELO ezibhekene nothando lwakho kubukeka zisekude ukudlula ngokugcwel­e. Konke okwenzayo kuncike ekulungise­leni ikusasa lakho.Kumele ube nendlela ehloniphek­ile yokuxhuman­a nabantu osondelene nabo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

ZISOLE wena kunokuba usole abanye ngokwenzek­a kuwena. Maningi amehlo athe njo kuwena kulokhu okumele ukufeze. Ungalinge uvume ukubanjeze­lwa ngabantu abangazazi ukuthi babhekephi.

PISCES (Feb 19-March 20)

UNETHEMBA ngezinhlel­o zekusasa ukuthi zizohamba kahle kakhulu. Ziningi izinto ezinhle ongazifund­a kwabanye. Inkombandl­ela yempilo yakho izogqanyis­wa wukuthi wena ucabangani ngekusasa lakho.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa