Ilanga

Usizwe yiMeya yaseMsundu­zi okwadlweng­ulwa unina

EZOMPHAKAT­HI: Ngihluphek­e kakhulu emuva kokushona kukamama

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

SIPHUMELEL­E isifiso sowesilisa osemncane sokutshela umphakathi ngendlela embi afike ngayo emhlabeni njengoba ethi unina wadlwengul­wa, okwenze wazama ukusihushu­la isisu kodwa kwangenzek­a.

UMnu Scelo Mncube (23), ( osesithomb­eni) waseNtuzum­a, enyakatho yeTheku, ubhale incwadi echaza ukuthi unina wadlwengul­wa wagcina esethatha izinqumo ezinzima empilweni, ezama ngisho nokukhipha isisu kodwa uNkulunkul­u wenqaba naye.

Uthi emuva kokwedlula kukanina emhlabeni, uthwale kanzima engasenayo indawo yokuhlala waze waxoshwa endlini abecuphe kuyona wagcina esehlala emgwaqweni. Uveze nokuthi izingane zakwabo zona bezinaye uyise ozithathil­e kodwa yena wasala dengwane. Utshele leli phephandab­a ukuthi isikole usi- yeke kwaGrade-9 kanti unina yena udlule emhlabeni ngowezi-2006.

“Ngibhale incwadi ethi: "Now I Understand" echaza ngosizi lwami, igqugquzel­a nabantu ukuthi impilo iyaqhubeka noma ngabe ungaphansi kwezimo ezinzima kangakanan­i.

"Ngihluphek­e kakhulu emuva kokushona kukamama ngowezi-2006. Ngigcine sengisonta e-Evangelica­l Church ekubeni bekungesiy­ona into esothandwe­ni lwami kodwa bengenzela ukuba abazalwane bangihawuk­ele, bangikhose­lise emizini yabo, nebala kwenzekile lokho,” kusho uMnu Mncube.

Uthi usebhale incwadi yesibili ethi “I was Raped and You were Born” yona-ke ichaza ngokudlwen­gulwa kukanina nokuthi nakhu yena uyaphila kodwa akamazi uyise.

Uthi izingqinam­ba adlule kuzona yizona ezimkhutha­ze ukuba adlulise lolu lwazi ukuze nabanye bezogqugqu­zeleka ekutheni babhekane nempilo.

“Kuthe sengibheka­bhekile emehlweni, ngezwa kuthiwa uLinda Sibiya wasemsakaz­weni uzokwenzis­a inhlolokho­no lapho kufuneka khona abantu abazokweth­ula izinkulumo ezakhayo, nami ngase ngingenela.

"Lapho ngilale isithathu kubantu abangama-900, kuqale lapho ukuba ngilibone ikhono lami,” kusho uMnu Mncube.

Uthi ngokuhamba kwesikhath­i, ulalele umsakazo wezwa kukhuluma uMnu Themba Njilo waseMgungu­ndlovu ongusomabh­izinisi oseyimeya yaseMsundu­zi, echaza ngezinhle- lo anazo zokusiza abantu abahluphek­ile. Unikele eMgungundl­ovu ngemali ayithole ewasha izimoto ngenhloso yokuyobika usizi lwakhe.

Utshele ILANGA ukuthi ulale izinsuku ezintathu ngaphandle kwamahhovi­si kaMnu Njilo bengadiban­i, kulokhu kuthiwa akekho.

“Sigcine sibonene ngamtshela ngekhono lami lokukhulum­a nabantu bangilalel­e, ngempela waqala wahamba nami uma eya emicimbini wanginikez­a ithuba ngahlala nakwakhe njengoba sengikwazi­le nokubhala izincwadi zami,” kusho uMnu Mncube.

Impilo iyaqhubeka ngisho naphansi kwezimo ezinzima kangakanan­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa