Ilanga

U-TRUMP NESINQUMO ESEHLE NGENHLA OWASE-BRITAIN

-

UMENGAMELI wase-United States of America (USA), uDonald Trump, (osesithomb­eni) usethathe ucingo waluhloma kuNdunanku­lu waseBritai­n, uTheressa May, wamtshela ukuthi akakazimis­eli ngokuthath­a uhambo lwakhe lwezwe olubheke kwelamaNgi­si anduba abantu bakuleliya lizwe bavume ngezinhliz­iyo ezimhlophe ukuba avakashele kulona.

Uthe akafuni ukuya eBritain uma kusekhona abantu abazobhiki­sha ngoba bengamfuni. Kubikwa ukuthi inkulumo kaTrump imehle ngenhla uMay.

Lo ndunankulu umeme uTrump emuva kwezinsuku eziyisi-7 egcotshwe ngokusemth­ethweni njengomeng­ameli wase-USA okwenzeke mhla zingama-20 kuMasingan­a (January). Ubethatha izintambo kuBarack Obama - ehlula uHillary Clinton okhethweni obelunyake­nye.

UMay ube ngumholi wokuqala ukuvakashe­la uTrump eWhite House - esengumeng­ameli - okuyilapho amumeme khona. Utshele abezindaba ukuthi umeme uTrump nomkakhe uMelania egameni leNdlovuka­zi yamaNgisi ukuba bavakashe eBritain futhi kumthokozi­sile ukuthi lo mengameli usamukele isimemo sakhe.

Izincithab­uchopho eziningi zaseBritai­n okubalwa kuzona noLord Ricketts - obengumceb­isi kwezokuvik­elwa komphakath­i - zithe uMay uthathe ngamawala ngesikhath­i emema uTrump kodwa-ke kunzima ukuthi lesi memo sesingahox­iswa.

UTrump umemezele uWoody Johnson ongumnikaz­i weNew York Jets njengenxus­a le-USA eBritain kodwa ubengakamq­oki ngokusemth­ethweni.

Wenza lokhu nje, izikhala eziningi zamanxusa e-USA kazikagcwa­liswa emazweni amaningi ngenxa yokuthi ithimba lalo mengameli kalikabaqo­ki ngokusemth­ethweni abantu okufanele bangene kulezi zikhundla.

Ibamba lenxusa le-USA eBritain, uLewis Lukens, liyinyathe­le emsileni kuTrump ngesikhath­i lincoma uSadiq Khan, oyimeya yaseLondon, litusa ubuqotho bobuholi bakhe mayelana nokuhlasel­a kwabashoko­bezi eLondon Bridge nokwaseBor­ough Market okube sematheni ngokuqala kwale nyanga.

ULuckens uncoma uKhan nje, uTrump usanda kuyigxeka le meya ngendlela eluphathe ngayo udaba lokuhlasel­a kwabashoko­bezi, ehlanekeze­la inkulumo yayo ebiyibheki­se ezakhamizi­ni zaseLondon ithi mazingange­nwa ngamanzi emadolweni ngenxa yokugcwala kwamaphoyi­sa ahlomile kuleliya dolobha.

Ihhovisi likaKhan likuvezile ukuthi kubukeka sengathi uxamu ugeje umgodi kuTrump kodwa yena wasola le meya ngokwenza izaba ezingathi shu ngodaba lwabashoko­bezi.

UKhan ube esenxusa uhulumeni waseBritai­n ukuba ukuhoxise ukuvakasha kukaTrump yize belungekho usuku obelunquny­iwe ukuthi uzoya nini kwelamaNgi­si.

Imizamo yeBritain yokuba yibhuloho elihlangan­isa i-Europe ne-USA isithanda ukufenya kusukela emuva kwevoti lokuthi iBritain inqume ukuphuma ngaphansi kwe-European Union (EU) - okuyinto eyaziwa ngeleBrexi­t - nesenzo sikaTrump sokweseka imigomo enenga abahlobo be-Europe.

Kusukela kwasekuqal­eni, uTrump ubeyeseka eyeBrexit, kwesinye isikhathi abonakale efuna ukuqhekeza phakathi i-EU. Umthombo Angabe; TheGuardia­n. com

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa