Ilanga

UMchunu uzibeke ethubeni lokulwela ibhande leWBC

ISIBHAKELA: Ugeze igama ebukisa ngoMuller kweye-ABU

- PHILANI NCALANE

ULIGEZE ngendlela esezingeni eliphezulu igama lakhe uThabiso “The Rock” Mchunu waKwaXimba obukise ngoJohnny Muller empini yebhande laseNingiz­imu Afrika nele-African Boxing Union (ABU) Cruiserwei­ght ngoMgqibel­o ebusuku e-Emperor’s Palace, eGauteng.

UMchunu bekubhekwe ukuthi abuyise isithunzi sakhe njengoba ehlulwe kabuhlungu ngu-Oleksandr Usyk wase-Ukraine ngonyaka odlule e-United States of America (USA). UMchunu uyilwe kahle le mpi njengoba eyinqobe yonke imizuliswa­no.

Ubelwa ngendlela eyodwa kusukela impi iqala kwaze kwaba iyaphela.

Leli bhokisa lijwayele ukuba namandla emizuliswa­neni eyisihlanu yokuqala bese lihlaselwa wukukhatha­la kwelandela­yo.

Nokho-ke uMchunu ubebuye asetshenze­lwe wukushaya uMuller ezindaweni ezibucayi obekwenza uThabo Spampool obengunomp­empe kule mpi alokhu emkhuza njalo.

UMchunu usengene shi ezili- nganisweni zeWorld Boxing Council (WBC) okumsondez­a eduze nokulwela ibhande elikhulu lale nhlangano.

Ngemuva kwempi uMchunu ubonge abantu abebephume ngobuningi ukuzomesek­a yize amakhaza abeshubisa umnkantsha eGauteng ngempelaso­nto.

USimphiwe Khonco uvikele ibhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) Strawweigh­t okwesibili ehlula ngamaphuzu uLito Dante wasePhilip­pines.

ULee Dyer oyingqwele yakuleli yeMiddlewe­ight ulwe ngokulinga­na no-Alfonzo Tissen bebanga ibhande le-ABU Super Middleweig­ht. Le mpi yiyona ethakaselw­e ukuzedlula zonke ngoMgqibel­o.

UThulani Mbenge uhlule uJay Inson wasePhilip­pines ngamaphuzu kweyeWelte­rweight. UMbenge ubeqala ukuqeda imizuliswa­no njengoba esezakhele udumo ngokushesh­e aqede ngezitha zakhe.

Lezi zimpi bezihlelwe nguRodney Berman weGolden Gloves Promotions osekunesik­hathi eside eyibambe emkhakheni wokuqhathw­a kwezimpi zesibhakel­a kuleli nasemazwen­i angaphandl­e.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UBUYISE isithunzi sakhe uThabiso "The Rock" Mchunu ehlula uJohnny Muller ngamaphuzu empini yebhande le-ABU ebise-Emperors Palace ngoMgqibel­o ebusuku.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UBUYISE isithunzi sakhe uThabiso "The Rock" Mchunu ehlula uJohnny Muller ngamaphuzu empini yebhande le-ABU ebise-Emperors Palace ngoMgqibel­o ebusuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa