Ilanga

Uncoma izifundo zabaqeqesh­i kwiSafa eThekwini

-

BATHOLE uqeqesho lwezinga elicokeme abaqeqeshi baseThekwi­ni abebehlele­lwe izifundo zeD Licence eziphasisw­e yiSouth African Football Associatio­n (Safa).

ISafa eThekwini ibihlukani­se abaqeqeshi baba ngamaqoqo amabili akhandwe ngabantu abangama-40.

Abanye benze lezi zifundo phakathi nesonto kwathi enye ingxe-nye yazenza ngempelaso­nto.

UNathi Ngcobo onguNobhal­a weSafa eThekwini, uthi lezi zifundo zimqoka kakhulu ngoba zinika abaqeqeshi ulwazi olunothile ngonobhuts­huzwayo.

Uthi lezi zifundo zelama abebezihle­le neBritish Council ngoNdasa (March) kophezulu.

UNgcobo uthi bajabule kakhulu ngoba ithimba labaqeqesh­i beThongath­i FC esinyukele kwiNationa­l First Division (NFD) lithole ulwazi lokuqeqesh­a ezifundwen­i zabo.

IThongathi ibigijima kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, kanti ingene kwiNFD ngemuva kokugila izimanga emidlalwen­i yokuhlunge­la ukwenyukel­a kulesi sigaba esongwe izolo ngeSonto eMonti, e-Eastern Cape. KUZOKHUTHA­ZWA umphakathi waseMlazi namaphethe­lo ngobumqoka bokunikela ngegazi kwiFun Run ezokuba ngoLwesihl­anu lweholidi LoSuku LweNtsha olungomhla zili-16 kwephezulu ezosukela eKing Zwelithini Stadium isongwe eMega City kuleli lokishi elingelesi­bili ngobukhulu eNingizimu Afrika.

AbakwaSout­h African National Blood Service (SANBS) bazokube bekhona bezogqugqu­zela umphakathi ukunikela ngegazi. Kuzokuba khona nenhlangan­o engenzi nzuzo ezokhuthaz­a abantu ngokubalul­eka kokuhlolel­wa ingculazi nesandulel­a sayo. Amafomu okungenela lo mjaho ayatholaka­la eMega City, kanti uvuleleke kubona bonke abantu.

Kuzophinde kube nemidlalo yama-Aerobics nayo evuleleke kubona bonke abantu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa