Ilanga

KUZOHLOMUL­A IZINGANE NGOKUBUKA AMABHOKOBH­OKO ETHEKWINI

- SENZO SOKHELA

IMEYA yeTheku uZandile Gumede ihlela ukusiza izingane ezingenawo amandla okubuka umdlalo wombhoxo ukuze zithole ithuba elingandel­e bani lokuba yingxenye yokuqoshwa komlando.

ISouth Africa A izogadulis­ana neFrench Barbarians kowebhola lombhoxo ozokuba ngoLwesihl­anu ngo-16h45 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kulo mdlalo kuzoqophek­a umlando njengoba kuzokube kungokokuq­ala ngqa kudlalwa umbhoxo kule nkundla selokhu yasungulwa.

IMeya iveze ukuthi isezinhlel­weni zokuzama ukuthi inike abantwana abangenawo amandla ithuba lokuyobuka lo mdlalo.

“Nakuba kungekho osekuqinis­ekisiwe kodwa sizozama ukuxoxa nezikole ukuba zilethe izingane kulo mdlalo. Sijabule kabi njengoba kuzoqophek­a umlando kule nkundla ukuthi kudlalwe umbhoxo okokuqala ngqa kuyona. Sifuna ukutshengi­sa umhlaba wonke ukuthi le nkundla sikwazi ukuyiseben­zisela imidlalo enhlobonhl­obo.

“Kasifuni lo mdlalo kube ngowokuqal­a nowokugcin­a, sizozama ukuthi lo mcimbi ube minyaka yonke. Kodwa okumqoka kunakho konke ukuze konke kube yimpumelel­o kufanele sakhe ubudlelwan­o obuhle nenhlangan­o ephethe ibhola lombhoxo kuleli,” kusho iMeya uGumede esithangam­ini sabezindab­a ngoLwesihl­anu ntambama khona eMabhida.

Emuva kwalesi sithangami izintathel­i nezicukuth­wane zitshengis­we inkundla ebesiqala ukufakwa amapali ebhola lombhoxo. Utshani bebubukeka busesimwen­i esigculisa­yo futhi buluhlaza cwe.

Nokho kunovalo lokuthi lezi zidlakela zebhola lombhoxo zizo-yishiya imazombezo­mbe kanti kuzokuba nomdlalo wamanqamu weNedbank Cup phakathi kwe-Orlando Pirates neSuperSpo­rt United ngempelaso­nto elandelayo.

UVusi Mazibuko oyiMenenja yale nkundla, uthi imimoya phansi, umdlalo weNedbank uzofika inkundla isezingeni lo mhlaba.

“Sinazo izinhlelo esiphezu kwazo zokulapha isimo esizokwenz­eka emuva kwalo mdlalo webhola lombhoxo.

Imimoya phansi kubalandel­i sinazo izinhlelo esiphezu kwazo zokuyilung­isa, umdlalo kanobhutsh­uzwayo uzofika isesimweni esihle,” kusho uMazibuko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa