Ilanga

I-CHIEFS EZINHLELWE­NI ZOKUTAKULA UTHULANI SERERO

- SENZO SOKHELA

UKHALA ngokubanje­zelwa yiSouth African Football Associatio­n (Safa) u-Owen da Gama ( osesithomb­eni) obengumsiz­i ka-Ephraim “Shakes” Mashaba oxoshwe ngasekuphe­leni konyaka odlule esigqikini sokuba ngumqeqesh­i weBafana Bafana.

UMashaba ukhonjwe indlela yiSafa ngenxa yokuhlulwa wukuziphat­ha. Ubengeneme ngokuxoshw­a kwakhe wase ebopha iSafa. Ugotshwe wukuvalwa umlomo yiSafa ngemali. Nokho iSafa inqume ukuqasha uStuart Baxter njengomqeq­eshi omusha weBafana.

Ukuqashwa kwalo mqeqeshi kwenze uDa Gama waphumela obala ukuthi akazimisel­e ngokuba ngumsizi uzoncamela ukuphuma ayofuna umsebenzi kwenze indawo. Kuze kube yimanje bekungakac­aci ngekusasa lalo mqeqeshi.

Ekhuluma neLANGA uDa Gama, ukhale ngokuchith­elwa isikhathi yiSafa ekubeni kunamakila­bhu agijima kwi-Absa Premiershi­p amfunayo.

“Kunamakila­bhu amabili angishayel­e efuna ukungiqash­a kodwa kangikwazi ukwenza lutho ngoba ngisanenko­ntileka neSafa. Okungiphat­ha kabi wukuthi babethe sizohlanga­na ngoLwesihl­anu (lokugcina lwenyanga edlule) kodwa akwaze kwenzeka. Baphinde bangithemb­isa ukuthi isonto eledlule ngeke liphele singahlang­ananga kodwa liphelile. Ibuhlungu le nto ngoba ngiyantunt­a nje emahhovisi eSafa kodwa ngibe ngazi ukuthi kangiyilut­ho. Umhlangano wethu kangikholw­a ukuthi uzodonsa, cishe uzokuba ngaphansi kwehora bese sihlukana ngokuthula. Sengithemb­e ukuthi leli sonto eliqalayo lizophela sekucacile ukuthi kwenzakala­ni ngami ngoba isikhathi siyahamba,” kubalisa uDa Gama. Imizamo yokuthola uDennis Mumble oyisikhulu esiphezulu kwiSafa iphunzile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe. IKAIZER Chiefs isezinhlel­weni zokutakula umdlali weBafana Bafana osehlale iminyaka eminingi e-Europe okuvela ukuthi usanda kuchayiswa nayikilabh­u yaseSpain.

Ikusasa likaThulan­i “Cream” Serero odlala esiswini kwi-Ajax Amsterdam yaseNether­lands libukeka lishona phansi njengoba izinto zingamuham­beli kahle. Lo mdlali ngesizini edlule ubewukudla kwebhentsh­i, isikimu esizwa ngendaba. Uke wafunwa yiReading yase-England kodwa izinto zangalunga ngenxa yokuklelis­wa kude kweBafana ezibalweni zeFederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa).

Kuphinde kwavela ukuthi iDeportivo La Coruna yaseSpain iyamfuna kodwa yabuye yahlehla.

ILANGA lihabule ngemithomb­o yalo ukuthi uBobby Motaung oyiMenenja­jikelele yeChiefs uzama ngawo wonke amandla ukuncenga lo mdlali ukuba azogijima kwiChiefs. Kuthiwa inkontilek­a yalo mdlali ne-Ajax iyaphela uma kusongwa le nyanga okusho ukuthi unalo ilungelo lokuxoxa nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo.

“USerero useNingizi­mu Afrika, usapholisa ikhanda njengoba izinto zingamuham­beli kahle kulezi zinsuku. Kubukeka i-Ajax ingeke isamugcina njengoba ingakaze isho lutho ekubeni inkontilek­a yakhe iphela. Ungitshele ukuthi angakujabu­lela ukubuyela kuleli, usekhumbul­a ekhaya.

“Ukubeke kwacaca ukuthi angakujabu­lela ukubuya adlale kwiChiefs ngoba yiyona kuphela ekhombisa ukumfuna. Maduzane nje uzohlangan­a nayo babhunge ngodaba lwenkontil­eka, vele iChiefs ngeke ikhokhe imali ngaye ngoba inkontilek­a yakhe iyaphela uma kusongwa le nyanga.

“Into engase iphazamise iChiefs yiVitesse Arnhem yaseNether­lands nayo emuhluphay­o, efuna azoyidlale­la. Kodwa kuzocaca ngokuqhube­ka kwezinsuku ngoba njengamanj­e uyafana nomuntu ongenakila­bhu,” kusho lo mthombo oncikene kakhulu noSerero.

Leli phephandab­a lishayela uMotaung ngalolu daba, uthe okwamanje akukho angakusho kodwa wakuqinise­kisa ukuthi ikilabhu izama ukusayinis­a abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu.

“Uma sekukhona esiqedile nabo sizomemeze­la okwamanje akukho okuphathek­ayo engingakus­ho. Futhi-ke sinenkinga uma nje sike saphumela obala sathi sifuna umdlali wonke umuntu uvele amgijimele. Kungcono simemezele yonke into uma sesiqedile,” kusho uMotaung.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUTHULANI Serero ozingelwa yiKaizer Chiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUTHULANI Serero ozingelwa yiKaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa