UTHONGATHI FC LUBONGE UNKULUNKULU LUNQOBA
UQALE ngokubonga uNkulunkulu umqeqeshi weThongathi FC eyizingqwele zeSouth African Football Association (Safa) ABC Motsepe League National PlayOffs ngokunqoba iSuper Eagles yaseFree State ngo-1-0 kowamanqamu izolo ngeSonto ntambama eBuffalo City Stadium, e-Eastern Cape.
UThongathi FC lunqobe lo mdlalo ngegoli likaSiyabonga Vilane alibhakuzise enethini ngomzuzu wama-26 kulo mdlalo obuhanjelwe nanguMzimase Mnguni ozakhele olukhulu udumo ephethe amabhokisa ahlukene aseNingizimu Afrika awahole anqoba izicoco ezimqoka emhlabeni kubalwa noVuyani “The Beast” Bungu. UMnguni usehamba ngesihlalo kanti ubengesinye sezimenywa ezimqoka njengoba edlulisele kubadlali eminye imiklomelo emuva komdlalo.
URonnie Gabriel ongumqeqeshi woThongathi FC uqale ngokubonga uNkulunkulu ngempumelelo yezakhe kule midlalo eziyiqale zaze zayiqeda zingayazi induku. Ziyinqobe yomine imidlalo eziyigijimile.
“Inkulu inselelo esizobhekana nayo kwiNFD. Umsebenzi wokulungiselela impilo yakwiNFD uqala manje. Nakuba sinabo abadlali abangakwazi ukuyibamba ishisa kwiNFD kodwa kumqoka ukuthi siyiqinise ikilabhu ezingxenyeni ezithile ezimqoka. Kakumele sizikhohlise ngokuthi singakwazi ukumelana nesigaba esisha ngaphandle kokuqinisa izindawo ezimbalwa,” kusho uGabriel obonge abadlali, izikhulu nabalandeli boThongathi FC abaphume ngobuningi ukuhambela le midlalo ukuyofaka le kilabhu ugqozi.
UTshegofatso Mashego ongumqeqeshi we-Eagles, ukhale ngamathuba abawamoshile ikakhulukazi ngesiwombe sesibili ababuye ngamandla kusona.
“Esiwombeni sokuqala besingekho, kodwa sabuya ngamandla ngesesibili futhi sawathola namathuba okulinganisa kodwa sawamosha. UThongathi belungcono kakhulu kunathi kulo mdlalo,” kusho uMashego.
UPatrice Motsepe weMotsepe Foundation exhase lesi sigaba uzwakalise injabulo ngokukhiqizeka kwabadlali kulesi sigaba. Uthi baningi abadlali asebephila kahle bebe bevundululwe kule midlalo.
UThongathi beluzenzela kule midlalo okufakazelwe wukunqoba kukaCelimpilo Ngema umklomelo wokuba ngumdlali walo mqhudelwano. Ubuye waqokwa njengomdlali wosuku nakowamanqamu, kwathi unozinti wezakhe uMartin Mthimkhulu wahlabana ngomklomelo wokuvelela ezintini. Abagadli abavelele kube nguJoseph Chikila we-EC Bees noTsepang Selepe weSuper Eagles.
UThongathi - oluphethwe nguNico Mkhize ongusomabhizinisi odumile embonini yamatekisi - luzuze u-R1 million ngokunqoba kanti u-R200 000 wale mali kumele liwunikele esikhungweni sabahlwempu, kwathi i-Eagles yazuza uR500 000. Izonikela ngo-R100 000 kwabahlwempu.
Ngemuva kwalo mdlalo, uPhilani “Slwane” Mkhize ongusoma- qhinga bekubonakala ukuthi uphelelwa wumoya yinjabulo. Nokho uSlwane ubevele etshele leli phephandaba ngaphambi kokulibangisa kulo mqhudelwano ukuthi uyazethemba ezakhe ukuthi zizonqoba.