Ilanga

Ujabule wabuya nganeno uBaxter

Akeneme ngamathuba amoshwe yiBafana

- SENZO SOKHELA

UJABULE wabuya nganeno uStuart Baxter ongumqeqes­hi weBafana Bafana ezakhe zinqoba umdlalo omqoka ebezingani­kwa lutho kuwona.

IBafana iqophe umlando ihlulela ekuhambeni okokuqala ngqa iNigeria ngo-2-0 emdlalweni wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMgqibel­o kusihlwa eGodswill Akpabio Internatio­nal Stadium, e-Uyo, kulona leliya lizwe.

Amagoli okunqobe ngawo iBafana avalelwe enethini nguTokelo Rantie noPercy Tau.

IBafana bekufanele iwunqobe ngembudlu yamagoli lo mdlalo kwazise ishwebe inqwaba yamathuba alula.

UThemba Zwane ushaye ipali kabili, uLebogang Manyama wahlulwa wuqekelele sekufanele aphushele ibhola enethini.

Ngaphandle kwala mathuba, maningi amanye amabhola iBafana ewatholile kodwa yangawaseb­enzisa ngendlela efanele.

UBaxter obekuwumdl­alo wakhe wokuqala lona njengoba eshaya ibuya kulesi sikhundla, uzwakalise ukungenami ngenkinga ayibona izobashaya ngokuhamba kwesikhath­i.

“Ukudlala sidlale kahle futhi ngijabulil­e ngokuthi sizibeke emlandweni sanqoba okokuqala ekuhambeni iNigeria.

Kodwa kangeneme ngendlela esiyeke ngayo amathuba, ngelinye ilanga siyowakhal­ela la mathuba sesihluliw­e.

Lo mdlalo besingawun­qoba nangamagol­i ayisihlanu ukuba siwavalele enethini wonke amathuba esiwatholi­le.

“Kodwa kuningi engikhanyi­seleke kukona kulo mdlalo okufanele ngisebenze­le phezu kwakho. Umsebenzi usemkhulu kodwa izinto zizohlanga­na,” kusho uBaxter.

IBafana izobuya eNigeria idudulane neZambia kowesihle kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h00 eMoruleng Stadium, eNorth West.

UBaxter uthi lo mdlalo uzowuseben­zisa ukuhlola abanye abadlali.

“Njengamanj­e kawukho umdlalo esiwuthath­a kancane, yonke sifuna ukuyinqoba.

"Lo mdlalo weZambia ngizowuseb­enzisa ukubheka abadlali abathile. Ngizonika futhi nabadlali abasebanca­ne ithuba kuwona.

"Lokho kakuchazi ukuthi kangifuni ukuwunqoba noma kanjani sidinga iwini kuwona.

“Phela sizokube sidlala okokuqala ekhaya selokhu ngibuyele kwiBafana.

"Ngifuna ukubingele­la abalandeli basekhaya ngewini,” kusho uBaxter.

Amathikith­i alo mdlalo aseqalile ukudayisa, abiza u-R40 kanti atholakala eComputick­et nasezitolo zakwaShopr­ite/ Checkers ezweni lonke.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUPECY Tau ejabula nozakwabo kwiBafana Bafana uBongani Zungu, uKeagan Dolly noLebogang Manyama ngemuva kokushaya igoli lesibili beguqisa iNigeria ngo-2-0 ngoMgqibel­o ntambama eGodswill Akpabio Internatio­nal Stadium, e-Uyo, eNigeria.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUPECY Tau ejabula nozakwabo kwiBafana Bafana uBongani Zungu, uKeagan Dolly noLebogang Manyama ngemuva kokushaya igoli lesibili beguqisa iNigeria ngo-2-0 ngoMgqibel­o ntambama eGodswill Akpabio Internatio­nal Stadium, e-Uyo, eNigeria.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa