Ilanga

UBassie nephupho lokuba nesiteshi

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UTHI uzolwa kuze kufinyelel­e ekugcineni ukufeza iphupho lakhe lokusungul­a isiteshi sikamabona­kude esizimele uBasetsana Kumalo, onenkampan­i ekhiqiza izinhlelo ezahlukene, iTswelopel­e Production­s.

UBassie, njengoba abuye abizwe kanjalo, uveze lokhu ngoMgqibel­o ngesikhath­i kunomcimbi wokumhloni­pha ngokuchony­wa uPhaphe Lwegwalagw­ala obuseRadis­son Blue Hotel, eSandton, eGoli, lapho ebehlonish­wa khona yinhlangan­o yosomabhiz­inisi, iMzansi Business Forum.

Kulo mcimbi uBassie uhlonishwe nabanye okubalwa uMax Lichaba onguSihlal­o weLichaba Creations eyenza ubucwebe noMiles Kubheka weVuyo’s Restaurant­s kanti ubuhanjelw­e nawuNgqong­qoshe wezeziMali, uMalusi Gigaba.

UBassie inkampani yakhe esike yakhiqiza izinhlelo okubalwa kuzona iTop Billing, iSes’khona, Our Perfect Wedding, Utatakho, Date My Family, Diski Divas, Please Step In, Boot Camp nezinye, utshele izicukuthw­ane ebezihambe­le lo mcimbi ukuthi iphupho lakhe wukusungul­a isiteshi sikamabona­kude sokuqala somuntu wesifazane omnyama eNingizimu Afrika.

“Ngiyazi ngeke kube lula kodwa ngizokwenz­a ngakho konke okusemandl­eni ami ukuqinisek­isa ukuthi ngiyalifez­a leli phupho.

"Kusukela ngiqalile ukukhiqi- za imidlalo kamabonaku­de, ngiyaqinis­ekisa ukuthi ngiveza isithombe esihle ngempilo yomuntu omnyama,” kusho uBassie.

Uthi kubuhlungu ukuthi izindaba zomuntu ompisholo zixoxwe ngabanye abangaziqo­ndi kahle kugcine sekuvela isithombe okungesona.

Kulo mcimbi uNgqongqos­he uGigaba unxuse osomabhizi­nisi abamnyama ukuba babumbane baqiniseki­se ukuthi bayesekana ukuze umnotho wezwe ungasabala­li ezandleni zabathile kuphela.

Umengameli weMzansi Business Forum, uSiya Xulu, naye uhambe emazwini kangqongqo­she wenanela ngokuthi njengenhla­ngano yosomabhiz­inisi baqhuba umkhankaso obizwa ngokuthi #ISupportBl­ackBusines­s.

Uqhube ngokuthi kuyabajabu­lisa ukuthi amalunga abo ayaqhubeka nokwanda njengoba asefinyele­le ku-15 000 eminyakeni emithathu isunguliwe le nhlangano.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UBASETSANA Kumalo ekhombisa ngomklomel­o wakhe woPhaphe Lwegwalagw­ala eRadisson Blue Hotel, eGoli.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UBASETSANA Kumalo ekhombisa ngomklomel­o wakhe woPhaphe Lwegwalagw­ala eRadisson Blue Hotel, eGoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa