Ibandla malelekelele lo mndeni
MHLELI: Kwelakho elingakhethi ngithi ake ngidlulise usizi oluthwelwe ngomunye umnumzane osemncane ohlukunyezwa bukhoma yinkosikazi yakhe endaweni yakithi eMagwababeni. Ngifisa yaziwe le nto ngoba abanye abantu bayazibulala uma bebhekene nezimo ezifana nalezi.
Le ndoda isebenza kahle njengoba iyisikhulu kwenye yezinkampani ezenza umkhiqizo wobisi eHowick. Inkosikazi kayisebenzi, iwumthwalo wendoda kepha ike yasebenza enkampanini eyodwa nendoda ifakwe yiyona. Kuthe uma indoda ikhushulelwa izimendlela emsebenzini, gwiqiqi yashiya le nkosikazi yayohlala ekhaya. Le nkosikazi uma ike yabona kunwetshwa umuzi kwamakhelwane, gwiqiqi isikhalela indoda ifuna kunwetshwe umuzi nayo. Ikhadi lomholo wendoda lihlala kuyona inkosikazi le. Lapho-ke kayizali iyaqhulula. Basebancane laba abangabashadile kodwa sebenezi-ngane ezilamana eduze eziyisi-5, ikhulelwe eyesi-6 manje.
Basonta ematendeni alaba befundisi abathanda izinto, inkosikazi kayifuni ukwedlulwa muntu wesifazane ngengqephu, kubukwa yona, isukuma njalo nasesontweni phathaphatha isiyochama.
Indoda lapho iphindaphinda amahembe aseze aphupha aguga imiqala kodwa yiyona esebenzayo. Baneveni ebelikahle ngoba liwulayisha wonke umndeni uma beyobukwa esontweni. Kuthe ngonyaka odlule umama wadonsa indoda yakhe le ngekhala wayoyithengisa unyanyavu olusha ceke lwemoto ebizayo.
Uyithengisa le moto nje, ucikwe wukubona uninalume womfana abambukela phansi ehamba ngalolu hlobo lwemoto kanti ulubolekile luzobuye luhambe.
Kumanje banesikweletu esibolekwe ebhange kunwetshwa lo muzi, kwawona ongaphelile ukwakhiwa. Inhliziyo ingaphandle kulo mama, uba wukuzwa ukuthi umakhelwane wakhe uqhuba izifundo zakhe ukuze
azithuthukise, naye usehlohloloza indoda a kuthiwa funda kukhona lapho asekhona kulezi zikhungo ezingo-qhibukhowe eThawini. Engakaqedi, useshiye phakathi ngoba ethi kunento emcikile. Khuzani we mphakathi waseMpo-phomeni ngoba ngelinye ilanga lo othanda izinto uzobulalisa indoda ingasakwazi ukwenza yonke le misangano ayenzisa yona ngemali. Sengixakwa wukuthi ngoba yindaba wayo le nasesontweni pho kunganiumfundisi wabo nabazalwane bengambonisi lo mlisa ngoba phela usemncane.