Ilanga

Ibandla malelekele­le lo mndeni

- Okhathazek­ile EMPOPHOMEN­I

MHLELI: Kwelakho elingakhet­hi ngithi ake ngidlulise usizi oluthwelwe ngomunye umnumzane osemncane ohlukunyez­wa bukhoma yinkosikaz­i yakhe endaweni yakithi eMagwababe­ni. Ngifisa yaziwe le nto ngoba abanye abantu bayazibula­la uma bebhekene nezimo ezifana nalezi.

Le ndoda isebenza kahle njengoba iyisikhulu kwenye yezinkampa­ni ezenza umkhiqizo wobisi eHowick. Inkosikazi kayisebenz­i, iwumthwalo wendoda kepha ike yasebenza enkampanin­i eyodwa nendoda ifakwe yiyona. Kuthe uma indoda ikhushulel­wa izimendlel­a emsebenzin­i, gwiqiqi yashiya le nkosikazi yayohlala ekhaya. Le nkosikazi uma ike yabona kunwetshwa umuzi kwamakhelw­ane, gwiqiqi isikhalela indoda ifuna kunwetshwe umuzi nayo. Ikhadi lomholo wendoda lihlala kuyona inkosikazi le. Lapho-ke kayizali iyaqhulula. Basebancan­e laba abangabash­adile kodwa sebenezi-ngane ezilamana eduze eziyisi-5, ikhulelwe eyesi-6 manje.

Basonta ematendeni alaba befundisi abathanda izinto, inkosikazi kayifuni ukwedlulwa muntu wesifazane ngengqephu, kubukwa yona, isukuma njalo nasesontwe­ni phathaphat­ha isiyochama.

Indoda lapho iphindaphi­nda amahembe aseze aphupha aguga imiqala kodwa yiyona esebenzayo. Baneveni ebelikahle ngoba liwulayish­a wonke umndeni uma beyobukwa esontweni. Kuthe ngonyaka odlule umama wadonsa indoda yakhe le ngekhala wayoyithen­gisa unyanyavu olusha ceke lwemoto ebizayo.

Uyithengis­a le moto nje, ucikwe wukubona uninalume womfana abambukela phansi ehamba ngalolu hlobo lwemoto kanti ulubolekil­e luzobuye luhambe.

Kumanje banesikwel­etu esibolekwe ebhange kunwetshwa lo muzi, kwawona ongaphelil­e ukwakhiwa. Inhliziyo ingaphandl­e kulo mama, uba wukuzwa ukuthi umakhelwan­e wakhe uqhuba izifundo zakhe ukuze

azithuthuk­ise, naye usehlohlol­oza indoda a kuthiwa funda kukhona lapho asekhona kulezi zikhungo ezingo-qhibukhowe eThawini. Engakaqedi, useshiye phakathi ngoba ethi kunento emcikile. Khuzani we mphakathi waseMpo-phomeni ngoba ngelinye ilanga lo othanda izinto uzobulalis­a indoda ingasakwaz­i ukwenza yonke le misangano ayenzisa yona ngemali. Sengixakwa wukuthi ngoba yindaba wayo le nasesontwe­ni pho kunganiumf­undisi wabo nabazalwan­e bengamboni­si lo mlisa ngoba phela usemncane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa