Ilanga

I-DA izochazela i-EFF ngesinqumo

EZEPOLITIK­I: Mayelana noZille

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

IZIMISELE ngokuhlala ne-Economic Freedom Fighters (EFF) ibonisane nayo ngesinqumo sayo sokugcina uNkk Helen Zille esikhundle­ni sokuba nguNdunank­ulu waseWester­n Cape iDemocrati­c Alliance (DA).

Lokhu kutshelwe ILANGA nguMnu Zwakele Mncwango ongumholi we-DA KwaZulu-Natal aphinde abe sesigungwi­ni sayo esiphezulu kuzwelonke.

NgoLwesibi­li iDA imemezele ukuthi uNkk Zille uyahoxa kuzona zonke izigungu ezithatha izinqumo kuleli qembu kodwa uzoqhubeka nokuba ngundunank­ulu waseWester­n Cape - okuyinto enyuse izinhloze kwabanye abantu kubalwa ne-EFF, okuyiqembu elivota neDA kwabanye omasipala okubalwa kubona iNelson Mandela Bay, iTswane neJohannes­burg.

Esigcawini sabezindab­a uNkk Zille uxolisile ngombhalo wakhe kwiTwitter - okuyiwona omdalele amazinyo abushelele­zi, wasolwa ngokuthela iqembu lakhe ngehlazo - obukhombis­a ukweseka ubukholoni.

Lo mbhalo kaNkk Zille ususe omkhulu umsindo iningi limgxeka ngawo. Lokhu kuholele ekubeni kube neziphakam­iso zokuthi amiswe kwiDA noma akhonjwe indlela.

Esigcawini sabezindab­a ebesingele­dlule, uKhomanda Omkhulu weEFF, uMnu Julius Malema, uthe uma iDA ingamkhomb­i indlela uNkk Zille, iqembu lakhe lizohoxa ebudlelwan­eni nayo kubona bonke omasipala evota nayo kubona.

UMnu Mncwango utshele ILANGA ukuthi uyakuqonda okushiwo nguMnu Malema kodwa bazimisele njengeqemb­u ukuba babonisane ne-EFF ukuze isiqonde isizathu esibenze bafinyelel­a kulesi sinqumo.

“UMnu Malema uyakuqonda ukuthi uma ehoxisa ubudlelewa­no uzobe enikezela ngalabo masipala kwi-ANC nakumaGupt­a, ngakho okwethu wukuba simenze aqonde ukuthi kungani sikhethe ukumgcina uNkk Zille njengondun­ankulu. Inhloso yethu enkulu wukubheka unyaka wezi-2019 (wokhetho) , ngakho-ke ngeke sikuvumele ukuphazami­seka ezinhlelwe­ni zethu ngoba isinqumo esi-sithathile kakusona eseDA kuphela kodwa sibheke iNingizimu Afrika njengoba kunesimo esibhekene naso sokuwa komnotho,” kusho uMnu Mncwango.

Uthi uyakuqonda ukuthi isinqumo abafinyele­le kusona ngeke sijabulise bonke abantu kodwa uma behlangana nabo bonke abathintek­ayo bebachazel­a ngesizathu sokufinyel­ela kusona kuzokwenza bacacisele­ke.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uDkt Somadoda Fikeni, uthi isinqumo seDA besingelul­a kodwa bekumele ibheke izinhlango­thi zonke njengoba lesi sigameko sesilihluk­anisile iqembu.

“Kuyiqiniso esingeke siliphike ukuthi kunoqhekek­o phakathi kwamalunga amnyama namhlophe kwiDA.

"Lesi sinqumo isithathe ngokubheka abayinikel­ela ngezimali, okuyibona abahambisa­na noNkk Zille, ngakho-ke bekungelul­a nje ukuba akhonjwe indlela ngokugcwel­e eqenjini,” kuchaza uDkt Fikeni.

Ngasohlang­othini lwe-EFF, uveze ukuthi akayiboni ihoxisa ubudlelwan­o bayo neDA njengoba bebheke ukwenza kahle okhethweni ngowezi-2019.

“UMnu Malema uyazilimaz­a uma enza izinkulumo ezifuze lezi bese ejika kuzona ngoba lokho kumenza umuntu ongabambel­eli ezwini lakhe kubalandel­i bakhe,” kusho yena.

Khona manjalo, iDA icacise mayelana namakhanse­la ayo kuMasipala iMogale City, eGauteng ahlolelwa ukuqamba amanga.

Umholi waleli qembu eGauteng, uMnu John Model, uthi yiwona amakhansel­a aziqokele ukuhlolelw­a amanga emuva kwesinqumo sokuketula imeya ebithunywe yileli qembu eMogale City, uMnu Michael Holenstein.

UMnu Holenstein uketulwe ngesonto eledlule ngemuva kokuvota kwamaqembu ahlukene kulo masipala.

UMnu Moodey uthi beyiqembu kabazange bawaphoqe amakhansel­a ukuba abe yingxenye yalolu hlelo lokuhlolel­wa amanga njengoba kube yiwona akhokhele ukuba ahlolwe.

Izolo ngoLwesith­athu kugcine kubhuntshi­le ukuqokwa kwemeya entsha eMogale City emuva kokuba amaqembu okubalwa kuwona i-DA, EFF neNkatha Freedom Party (IFP) engalubhad­anga emhlanganw­eni womkhandlu.

Lesi sinqumo isithathe ngokubheka abayinikel­ela ngezimali okuyibona abahambisa­na noNkk Zille, ngakho-ke bekungelul­a nje ukuba akhonjwe indlela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa