Ilanga

ITHEMBISA UHOLO OLUNGENANK­OHLAKALO EYE-IFP

- PHUMLANI GAMA

ITHEMBISA ukuba yilanga lasebusika enkohlakal­weni imeya entsha yaseMzinya­thi, uMnu Petrus Ngubane, engene kulesi sikhundla ngethikith­i leNkatha Freedom Party (IFP). Igcotshwe nabanye ozakwabo ngoLwesibi­li ukuhola lo masipala.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMasipala wesiFunda waseMzinya­thi uke wafana nesitimela esingenakh­anda njengoba ubungenabu­holi ngenxa yokuthi izinto bezijamile ngowaseNqu­thu oyinkonyan­e lawo - selokhu kuvotiwe mhla zintathu kuNcwaba (August) nyakenye.

Aphelile amaphupho mhla zingama-24 KuNhlaba (May) nonyaka i-IFP ibhaxabula i-African Natiobal Congress (ANC) ngevoti yamuka nayo iNquthu.

UMnu Ngubane ubonge iqembu lakhe ngokumqoke­la kulesi sikhundla ukuba alimele lona nomphakath­i wonkana waseMzinya­thi.

“Ngithembis­a ukusebenza ngokuzikha­ndla ukuze izidingo zizoya ngamandla ebantwini. Ngifisa ukuziqhele­lanisa nenkohlaka­lo, kangiyifun­i nje nalapho ihambe khona.

"Ngicela sibambisan­e makhansela amaqembu wonke ukuze sizokwazi ukuhambisa intuthuko kubantu.

Eqhulwini ngibeke ezokuthuth­ukiswa kwezolimo ngoba ngibuka ukuthi inhlabathi yethu ivundile futhi ikhona imifula enamanzi lapha njengaseMv­oti.

"Ukuthuthuk­iswa kwezinhlel­o zentsha, imifundaze, imidlalo yeshashala­zi, ukubhekele­lwa kwabantu abaphila nokukhubaz­eka, osomabhizi­nisi abasathuth­uka nokunye okuningi engisa- zophuma nethimba lami siyokuzwa kubantu abasivotel­e,” kusho uMfu Ngubane oke waba yimeya yaseMvoti.

Utshele ILANGA ukuthi ugabe ngesipiliy­oni nangeziqu ezahlukene.

“Ngiyethemb­a ukuthi ngeke ngehluleke ngoba okuningi ngikufunde­le okuhlangan­isa ukuphathwa komasipala. Ngokomsebe­nzi nginguthis­ha kodwa sengizogxi­la ekusebenze­leni umphakathi,” kusho uMnu Ngubane.

I-IFP iziqoqe zonke izikhundla ezibalulek­ile njengoba isekela lemeya kunguNkk Ntombi Mdlalose kanti kwesikasom­lomo kwaba nguMnu Felinkosi Skhakhane obeyimeya eMsinga ngaphambi kokhetho lwanyakeny­e. Nakwi-Executive Committee (Exco) kukhonya yona iNkatha kulo mkhandlu obunjwe ngamaqembu amabili, okuyi-IFP ne-ANC. Unamakhans­ela angama-27. Awe-IFP ali15 kanti awe-ANC ali-12.

I-IFP ithatha lo masipala nje, kuke kwaba nezinsolo zokuthi kujanyiswe izinto eNquthu ngoba kunovalo lokuthi uma ike yawuthatha izofica amanyala enkohlakal­o abenziwa phambilini kusaphethe i-ANC.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa