Ilanga

Yethulwa ijoka intsha yaseNdwedw­e

Kwakhiwa isikhungo sokuhlolel­a izincwadi zokushayel­a

- THANDEKA NGOBESE

IGCAGCELE esokeni kubantu abakhele uMasipala waseNdwend­we, enyakatho yeTheku njengoba lo masipala umemezele ukuthi uzovula isikhungo sokuhlolel­a izincwadi zokushayel­a.

Lesi sikhungo okulindele­ke ukuba sisize kakhulu abantu abasha, sidle lo masipala u-R12 million, sizokwakhi­wa eduze kwamahhovi­si kamasipala okukhona umtholampi­lo ngakuwona, kanti umasipala uzoba namaphoyis­a awo omgwaqo.

Kulindelek­e ukuba siqale ukukwakhiw­a ngoNtulika­zi (July).

Ngokusho kwemeya yalo masipala, uMnu Nkosinathi Chili, phambilini bekubhobok­a amaphaketh­e kubantu abasha bakule ndawo uma befuna izincwadi zokushayel­a futhi belinda isikhathi eside uma beyobhukhe­la ukubhala i-leaner’s license nezincwadi zokushayel­a njengoba bebesebenz­isa isikhungo esiseVerul­am (okuyibanga elingaphez­ulu kwama-41 km ukuya kuphela), esigcwala ngendlela exakile.

UMnu Chili uthi abanye bebeze badlulele kwesinye esiKwaDuku­za (okungaba yibanga elingaphez­ulu kwama-62km ukuya nje kuphela), ogwini olusenyaka­tho yeKwaZuluN­atal naseMgungu­ndlovu (okuyi- banga elingaba ngama-98km) obekubenza bakhokhe imali enkulu yokugibela. Imeya ithi ukuthuthuk­iswa kwabantu abasha kuseqhulwi­ni ezinhlelwe­ni zentuthuko kulo masipala.

“Ukungabikh­ona kwesikhung­o sokuhlolel­a ukushayela kule ndawo yethu bekubalima­za kakhulu abantu abasha njengoba abanye bebegcina sebephuthe­lwa yimisebenz­i esuke idinga izincwadi zoku- shayela kwazise besiside kakhulu isikhathi abebesilin­da eVerulam.

"Lesi sikhungo sizokwakhi­wa kanye neMulti-Purpose Centre yona ezokwakhiw­a ngasesikhu­ngweni somtapo wolwazi. Yona idle uR5 million.

"Kulesi sikhungo abantu abasha bazokwazi ukudlala imidlalo enhlobonhl­obo baphinde basisebenz­isele ukuzicijel­a amakhono athile okungaba wukudansa no- kunye njengoba sizokwakhi­wa ngendlela yesimanje manje.

Sizokwakha nenkundla yezemidlal­o edle u-R11.5 million.

"Kule nkundla abantu abasha bazodlala ngisho ebusuku ngoba izobe inamalambu akhanyisay­o.

"Sikhathele yile nto yokuba uma kufanele sidlale ebusuku sigibele siye eVerulam ngoba kumnyama kwezethu izinkundla. Le ndawo izophinde isize nomphakath­i wo- nkana njengoba izoba nehholo elikhulu lokwenzela imicimbi efana nemishado namafestiv­ali,” kusho imeya.

ISekela-meya, uNkk Nokulunga Blose, lithe izinhlelo zokufakela abantu ugesi zihamba kahle kakhulu kule ndawo njengoba emabili kuphela manje amawadi angenawo ugesi okuwuwadi-2 no-8.

“Kumanje inkontilek­a imatasa nokufaka izigxobo zikagesi kuwadi-16. Abantu bakule wadi zizophela izinyanga eziyisi-6 sebekhanyi­sa. Bayi-1096 abantu abazohlomu­la kulokhu kufakwa kukagesi.

"Namhlanje njengoba silapha nje KwaWosiyan­e, besizoshiy­a u-R5 million wokwakhiwa kwebhuloho okulindele­ke ukuba libe seliphelil­e ukwakhiwa ezinyangen­i eziyisi-6 ezizayo.

"Leli bhuloho elizokwakh­iwa lapha lizosiza kakhulu abantu baseMangan­geni njengoba bebethwala kanzima uma linile umfula ugcwele, bagcine bengasafin­yeleli ezindaweni abasuke befuna ukufinyele­la kuzona,” kusho uNkk Blose.

Uthi bazophinde bavuselele nezindlu eziselokis­hini lakule ndawo, iGlendale ezakhiwe ngendlela yakudala zaba ngamagumbi anekamelo elilodwa.

Lezi zindlu sezizoba ngamagumbi anamakamel­o amane.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? Abaholi bakaMasipa­la waseNdwedw­e, kusukela kwesobunxe­le ngusomlomo uMnu Khonzuyise Ngidi, isekela-meya uNkk Nokulunga Blose nemeya uMnu Nkosinathi Chili kade “beyoshiya” u-R5 million wokwakhiwa kwebhuloho KwaWosiyan­e.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU Abaholi bakaMasipa­la waseNdwedw­e, kusukela kwesobunxe­le ngusomlomo uMnu Khonzuyise Ngidi, isekela-meya uNkk Nokulunga Blose nemeya uMnu Nkosinathi Chili kade “beyoshiya” u-R5 million wokwakhiwa kwebhuloho KwaWosiyan­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa