Ayaveva amathwasa "okunqwahwe" nawo
Athi abazali mabakhohlwe yiwo
ATHELEKE emhlophe wu wumcako ebusweni emahhovisi eLANGA amathwasa kaMnu Themba Ncamu - esibike ngaye ngoMsombuluko - eshaya ngonyawo egqoke ezimhlophe qwa izolo ngoLwesithathu ezoziphendulela ngodaba esibike ngalo ngeledlule lokuthi ugobela wawo ugweve nawo.
La mathwasa abevutha engabaselwe, elibeka ngembaba elokuthi amalunga emindeni yawo mawahlukane nawo phansi, akhohlwe yiwona ngoba kwaNcamu ayophuma uma sekukhulume idlozi.
Athi ngisho angahlala iminyaka eli-10 entwasweni kawanankinga, uma nje lingakakhulumi idlozi, kawayi ndawo. Kwenzeka lokhu nje, ILANGA belishayelwe nguMnu Nkosinathi Ngqulunga ekhala isililo esifanayo nesikaNkk Precious Ngcobo esibike ngaye ngeledlule, ekhala ngendodakazi yakhe osekuphele unyaka ithwasa futhi angasavumelekile ukubonana nayo.
UMnu Ngqulunga ushayele leli phephandaba ekhala ngokuthi indodana yakhe, uMnu Thobani Ngqulunga - elaxaze umsebenzi wobuntatheli kwelinye lamaphephandaba esiNgisi - sekuphele iminyaka emine ihleli kwaNcamu.
Utshele leli phephendaba ukuthi indodana yakhe ishiye nezingane zayo ezintathu, enye yazo iyishiye inezinyanga izelwe. UMnu Ngqulunga ubekhala ngokuthi indodana yakhe isiphenduke isigqila sakwaNcamu njengoba ike ibonakale edolobheni idayisa izimbiza zakhe.
Uthi akasakwazi ngisho nokuxhumana nayo, uma beyifonela ocingweni lukagobela wayo, uMnu Ncamu uyayiphika, abatshele ukuthi ikhona isaphila uzowudlulisa umlayezo wokuthi kade befonile.
“Ngihlale ngizwa kuthiwa abantu bayathwasa kodwa kangikaze ngiyibone le nto eyenziwa nguNcamu ezinganeni zethu, kugcwele inqwaba yamatwasa emzini wakhe, wonke kuthiwa aseneminyaka afika kawagoduki.
“Okusikhathaza kakhulu wukuthi umuntu usengadela izingane zakhe nabazali isikhathi eside kangaka. Sesakhetha ukuba singabe sisaya kwaNcamu ngoba bekungasekuhle uma sifike khona, kucaca ukuthi uMnu Ncamu akasidingi emzini wakhe, akakujabuleli ukufika kwethu,” kusho uMnu Ngqulunga.
Uqhube wathi indodana iphunyelwe yimali ngesikhathi ishiya umsebenzi, yayithatha yonke yayinika uMnu Ncamu, izingane zakhe wangazinika ngiso isenti leli.
UMnu Ngqulunga ufone ngemuva kokuba ILANGA lishicilele udaba lukaNkz Thandeka Ngcobo Mncube (21) abazali bakhe abebekhala ngokuthi sekuphele unyaka engabuyi ekhaya ehleli kwaNcamu. ILANGA likhulume nonina kaThandeka uNkz Precious Ngcobo obehluleka nokuzibamba ebalisa ngendodakazi yakhe.
UThobani uthe: “Kuyangimangalisa okushiwo ngabazali bami ngoba kabakaze bangeseke nangelilodwa ilanga selokhu ngafika kwaNcamu, kabazi nokuthi ngilala ngidleni.
“Ngifuna ukubatshela ukuthi mabakhohlwe yimina, kakukho okuyongihlanganisa nabo ngenxa yokuthi kabafuni ukuhlonipha isiphiwo sami.
“Bayangixaka uma bekhuluma kanje ngoba bayalwazi usizi ebengibhekene nalo ngaphambi ngokuba ngiqale ukuthwasa kwaNcamu."
Uqhube wathi abazali abanenkinga nendlela abathwasa ngayo, yilaba abafundile, abazitshela ukuthi bazi kakhulu bayakhohlwa ukuthi imfundo nezinto ezenziwa edlozini kazifani.
ILANGA limxhumanise noyise ngocingo wakhwela wadilika kuyise emtshela ukuthi makahlukane naye, aphume aphele empilweni yakhe.
Wonke la mathwasa abekhuluma izwi elilodwa encoma uMnu Ncamu ngokuthi usefana noyise wawo omusha ngoba uwenzela konke selokhu afika emagcekeni akwakhe.
Athi ngisho angaphuma entwaseni ngeke esabuyela emakubo. UThandeka uthe:
“Umama makakhohlwe yimina ngiye kwaNcamu ngathola insindiso ngeke ngihambe kwaNcamu bangenza noma ngabe yini".
UMnu Ncamu uphike walala ngomhlane ukuthi ugweve namathwasa wathi yiwona angafuni ukubuyela emakubo athi ayohamba uma esephothulile ukuthwa- sa.
Uvumile ukuthi uMnu Ngqulunga usehlale iminyaka engaphezu kwemithathu ethwaseni engaphothuli. Uthi kungamampunge ukuthi uyawanqabela amathwasa ukuba axhumane namalunga emindeni yawo.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthi lubathintile kakhulu lolu daba bazothumela osonhlalakahle ukuba bangenelele kuye neminye iminyango kahulumeni ukuze beyobheka ukuthi kalikho yini ilungelo lomuntu elihlukumezekile.