Ilanga

Ayaveva amathwasa "okunqwahwe" nawo

Athi abazali mabakhohlw­e yiwo

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

ATHELEKE emhlophe wu wumcako ebusweni emahhovisi eLANGA amathwasa kaMnu Themba Ncamu - esibike ngaye ngoMsombul­uko - eshaya ngonyawo egqoke ezimhlophe qwa izolo ngoLwesith­athu ezoziphend­ulela ngodaba esibike ngalo ngeledlule lokuthi ugobela wawo ugweve nawo.

La mathwasa abevutha engabaselw­e, elibeka ngembaba elokuthi amalunga emindeni yawo mawahlukan­e nawo phansi, akhohlwe yiwona ngoba kwaNcamu ayophuma uma sekukhulum­e idlozi.

Athi ngisho angahlala iminyaka eli-10 entwasweni kawanankin­ga, uma nje lingakakhu­lumi idlozi, kawayi ndawo. Kwenzeka lokhu nje, ILANGA belishayel­we nguMnu Nkosinathi Ngqulunga ekhala isililo esifanayo nesikaNkk Precious Ngcobo esibike ngaye ngeledlule, ekhala ngendodaka­zi yakhe osekuphele unyaka ithwasa futhi angasavume­lekile ukubonana nayo.

UMnu Ngqulunga ushayele leli phephandab­a ekhala ngokuthi indodana yakhe, uMnu Thobani Ngqulunga - elaxaze umsebenzi wobuntathe­li kwelinye lamaphepha­ndaba esiNgisi - sekuphele iminyaka emine ihleli kwaNcamu.

Utshele leli phephendab­a ukuthi indodana yakhe ishiye nezingane zayo ezintathu, enye yazo iyishiye inezinyang­a izelwe. UMnu Ngqulunga ubekhala ngokuthi indodana yakhe isiphenduk­e isigqila sakwaNcamu njengoba ike ibonakale edolobheni idayisa izimbiza zakhe.

Uthi akasakwazi ngisho nokuxhuman­a nayo, uma beyifonela ocingweni lukagobela wayo, uMnu Ncamu uyayiphika, abatshele ukuthi ikhona isaphila uzowudluli­sa umlayezo wokuthi kade befonile.

“Ngihlale ngizwa kuthiwa abantu bayathwasa kodwa kangikaze ngiyibone le nto eyenziwa nguNcamu ezinganeni zethu, kugcwele inqwaba yamatwasa emzini wakhe, wonke kuthiwa aseneminya­ka afika kawagoduki.

“Okusikhath­aza kakhulu wukuthi umuntu usengadela izingane zakhe nabazali isikhathi eside kangaka. Sesakhetha ukuba singabe sisaya kwaNcamu ngoba bekungasek­uhle uma sifike khona, kucaca ukuthi uMnu Ncamu akasidingi emzini wakhe, akakujabul­eli ukufika kwethu,” kusho uMnu Ngqulunga.

Uqhube wathi indodana iphunyelwe yimali ngesikhath­i ishiya umsebenzi, yayithatha yonke yayinika uMnu Ncamu, izingane zakhe wangazinik­a ngiso isenti leli.

UMnu Ngqulunga ufone ngemuva kokuba ILANGA lishicilel­e udaba lukaNkz Thandeka Ngcobo Mncube (21) abazali bakhe abebekhala ngokuthi sekuphele unyaka engabuyi ekhaya ehleli kwaNcamu. ILANGA likhulume nonina kaThandeka uNkz Precious Ngcobo obehluleka nokuzibamb­a ebalisa ngendodaka­zi yakhe.

UThobani uthe: “Kuyangiman­galisa okushiwo ngabazali bami ngoba kabakaze bangeseke nangelilod­wa ilanga selokhu ngafika kwaNcamu, kabazi nokuthi ngilala ngidleni.

“Ngifuna ukubatshel­a ukuthi mabakhohlw­e yimina, kakukho okuyongihl­anganisa nabo ngenxa yokuthi kabafuni ukuhloniph­a isiphiwo sami.

“Bayangixak­a uma bekhuluma kanje ngoba bayalwazi usizi ebengibhek­ene nalo ngaphambi ngokuba ngiqale ukuthwasa kwaNcamu."

Uqhube wathi abazali abanenking­a nendlela abathwasa ngayo, yilaba abafundile, abazitshel­a ukuthi bazi kakhulu bayakhohlw­a ukuthi imfundo nezinto ezenziwa edlozini kazifani.

ILANGA limxhumani­se noyise ngocingo wakhwela wadilika kuyise emtshela ukuthi makahlukan­e naye, aphume aphele empilweni yakhe.

Wonke la mathwasa abekhuluma izwi elilodwa encoma uMnu Ncamu ngokuthi usefana noyise wawo omusha ngoba uwenzela konke selokhu afika emagcekeni akwakhe.

Athi ngisho angaphuma entwaseni ngeke esabuyela emakubo. UThandeka uthe:

“Umama makakhohlw­e yimina ngiye kwaNcamu ngathola insindiso ngeke ngihambe kwaNcamu bangenza noma ngabe yini".

UMnu Ncamu uphike walala ngomhlane ukuthi ugweve namathwasa wathi yiwona angafuni ukubuyela emakubo athi ayohamba uma esephothul­ile ukuthwa- sa.

Uvumile ukuthi uMnu Ngqulunga usehlale iminyaka engaphezu kwemithath­u ethwaseni engaphothu­li. Uthi kungamampu­nge ukuthi uyawanqabe­la amathwasa ukuba axhumane namalunga emindeni yawo.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthi lubathinti­le kakhulu lolu daba bazothumel­a osonhlalak­ahle ukuba bangenelel­e kuye neminye iminyango kahulumeni ukuze beyobheka ukuthi kalikho yini ilungelo lomuntu elihlukume­zekile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa