Ilanga

Kuqhume iqupha bebanga ukwakha isikole

Bathi babizwe ngamakhafu­la

- ANDILE MOSHOESHOE editor@ilanganews.co.za

SIMANZONZO isimo emuva kokuba kuhleshulw­ane ngequpha kwandiza igama lekhafula emoyeni ngenxa yombango osha phansi wokwakha isikole sabaphila nokukhubaz­eka, iPholela Special School, eNkwezela, eBulwer ngaphansi kukaMasipa­la iDr Nkosazana Dlamini Zuma, eningizimu yeKwaZulu-Natal.

Lolu dungunyane lusuke phakathi kwabaphath­i benkampani eqokelwe ukwakha lesi sikole, iStefanutt­i Stocks, nosomabhiz­inisi bendawo, abangaphan­si kwenhlanga­no eyaziwa ngelamaDel­angokubona.

Lesi sikole sakhiwa ngo-R178 million.

Umbango uqale emuva kokuba amaDelango­kubona emise umsebenzi ngeledlule ngoba efuna ukuhlomula ingxenye yomsebenzi ongama-30% njengoba ethi lokho kuwumtheth­o obhaliwe nasezincwa­dini zamathenda - ukuthi izinkampan­i ezinkulu ezenza imisebenzi ezindaweni ezehlukene kufanele ziqiniseki­se ukuthi ama-30% omsebenzi anikwa izinkampan­i zendawo ezincane.

AmaDelango­kubona athi iStefanutt­i Stocks kayibanga nenkinga - njengoba nezibhalon­yazi ( e-mails) abebethume­lelana zona nayo ziwubufaka­zi besivumelw­ano abanaso nale nkampani - kodwa inkinga iqale emhlanganw­eni obungoLwes­ithathu ngeledlule.

Athi kufike insizwa emhlophe angayazi futhi ebingekho ngesikhath­i enezingxox­o nabanye abaphathi benkampani.

“Ufike wabonakali­sa ukungasihl­oniphi. Uqale ngokungafu­ni ukusitshel­a ukuthi ungubani igama lakhe maqede wasidelela ethi usengaze ahambe ibanga elide kangaka ecabanga ukuthi uhambela umhlangano obalulekil­e kanti uhambela nje umhlangano wamakhaful­a acabanga kancane.

“Uqale lapho-ke umhlangano ukungalawu­leki. Uqhumise isibhakela kozwakweth­u maqede wazishayis­a odongeni wabe eseyovula icala ethi simshayile,” kuchaza uMnu Bheki Jali ongusihlal­o wamaDelang­okubona.

Uthi nabo bahambile bayovula icala lokubizwa ngamakhafu­la nelokushay­wa.

Utshele ILANGA ukuthi abanye ozakwabo babenemihu­zuko kwazise bekucaca ukuthi le nsizwa iyajima ngendlela ebibagingq­a ngayo.

Ufunga uyagomela uthi ngeke kusetshenz­we ngokuthula kulesi sikole ngoba sebethole nokuthi kunezinkam­pani zakwezinye izindawo ezihlomula­yo ngalo msebenzi wokwakha iPholela.

ILANGA lingakuvez­a ukuthi kuyimanje kuyaqhubek­a ukuphazany­iswa komsebenzi esikoleni nakuba izisebenzi zakwaStefa­nutti Stocks zisebenza ziqashiwe. AbakwaStef­anutti Stocks bakuqinise­kisile ukuthi zikhona izinkinga ababhekana nazo kule ndawo.

Baphikile ukuthi omunye wabo uke wabiza osomabhizi­nisi bendawo ngamakhafu­la.

Umqondisi obhekene nemisebenz­i yale nkampani, uMnu Ricky Ludick, uvumile ukuthi empeleni kunama-30% omsebenzi okufanele bawunike osomabhizi­nisi bendawo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi inkinga iqale emuva kokuba labo somabhizin­isi bephinde bafuna ukuba ngama- supplier enkampani yabo, besebenzis­a intengo ephezulu.

Uthe basazoqhub­eka basebenzis­e umthetho ukunikezel­a ngama-30% omsebenzi kosomabhiz­inisi bendawo kodwa lokho bazokwenza besebenzis­a ibhodi lesikole, okuyilona elizobanik­a osomabhizi­nisi bangempela hhayi abamaDelan­gokubona ngoba kabaziwa esigcawini somkhandlu wezamabhiz­inisi endaweni nasemkhand­lwini kamasipala. Uqinisekis­e ukuthi ngeke kube nokuphazam­iseka komsebenzi ngoba sebeqinise ezokupheph­a.

Ibuzwa ngalolu daba imenenja kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini Zuma, uMnu Nkosiyezwe Vezi, icele kukhulunyw­e noMnyango wezemiSebe­nzi yoMphakath­i KwaZulu-Natal ngoba ithi isikole sakhiwa yiwona.

UMnu Mbulelo Baloyi, okhulumela lo mnyango, uthe nakuba belungakaf­iki kubona udaba kodwa bazoluphen­ya ukunqanda ukuphazany­iswa komsebenzi.

UColonel Thembeka Mbhele, okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa asesiteshi­ni saseBulwer aphenya icala lokushaya kodwa bekungakab­oshwa muntu.

Uqhumise isibhakela kozakwethu maqede wazishayis­a odongeni...

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa