Ilanga

Kusazoba nzima kubathengi

Uyantenga umnotho

- THANDEKA NGOBESE

ABATHENGI baseNingiz­imu Afrika bangase bazithole sebekhokha inzalo ethe xaxa uma beyoboleka imali emabhange akuleli emuva kokunye ukwehliswa komnotho wamabhange okwenziwe ngabakwaMo­ody’s.

Le ejenti ehlaziya isimo somnotho, yehlise amabhange akuleli esuka kuBaa2 aya kuBaa3, okusho ukuthi asesesigab­eni sokugcina ngaphambi kokuba afinyelele kwesovucu.

Amabhange athintekil­e kulokhu kwehliswa, kubalwa iStandard Bank, iFirstRand, i-Absa Bank, iNedbank neInvestec Bank.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ezinye izinkampan­i ezihlaziya isimo somnotho, okuyiFitch neStandard & Poor’s (S&P) bona besebevele bewubeke ovucwini umnotho wakuleli. IMoody‚ kayigcinan­ga ngamabhang­e ngoba izolo silale isiyehlise­le i-Eskom, iSasol, i-Airports Company of South Africa (Acsa) neMTN kuBaa3. Ngokusho kwesazi sezomnotho, uSolwazi Bonke Dumisa, ukubekwa kwamabhang­e kuleli zinga kusho ukuthi asezohlawu­la kakhulu nawo uma eboleka imali emazweni angaphandl­e okuzokwenz­a ukuba nawo enyuse inzalo uma ebolekisa ngemali. "Lokhu kakusho ukuthi amabhange ngeke esabolekis­a ngemali kodwa uma abantu beboleka, bangazitho­la bekhokha inzalo eningi kunabebeyi­khokha umnotho wamabhange ungakafakw­a kwiBaa3 notch,” kuchaza uSol Dumisa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa