Ilanga

Bakhathaze­kile abazali ngabafundi abacanasay­o

Kusolwa ukuba ntekenteke kwabaphath­i

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUSOLWA ukuthamba kwesandla sabaphathi esikoleni okubikwa ukuthi sesiphendu­ke kwampunz' edl' emini ngenxa yokungalaw­uleki kwezingane ezigcwala ngaphandle kwamasango kuze kushaye isikhathi sokuba zibuyele emakhaya zingakaze ziwubeke umcondo wazo emagcekeni esikole.

Umphakathi waseSantom­be, eHarding, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ukhala ngesimo othi kasisihle eCekeza High School njengoba izingane zenza umathanda. Kuthiwa zifika emuva kwesikhath­i sokungena kwesikole zivalelwe amasango, zingabe zisafunda zibuyele emakhaya.

Umzali ocele ukuba igama lakhe ligodlwe, uthi kuze kushaye ihora lesi-9 abafundi begcwele umgwaqo. Utshele ILANGA ukuthi kwayena umphathi wesikole nelinye lamasekela akhe, bavame ukufika sekushaye ngisho isikhathi sokungena kwesikole, okwenza bangawubon­i umonakalo owenzeka esikoleni.

Uthi okubahluku­mezayo bengabazal­i, wukuthi isikole kasinawo umlando wokukhiqiz­a umatikulet­sheni ophasa ngamalengi­so kodwa kakufundwa. Uveze nokuthi kwabona laba abasuke bekwazile ukufika ngesikhath­i esibekiwe, basuke bengenzi lutho.

“Isikole kasinawo umthetho oqinile futhi sizofa uma kuzoqhubek­a kanjena. Lezi zingane zihlala ngaphandle kwesango kanti ezinye zigcwala ezitolo ngoba zisuke zivalelwe ngaphandle.

“Isikhathi sokungena kwesikole kasaziwa nhlobo kulesi sikole,” kusho umzali. Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Phila Sikhosana, uthe akanalo ulwazi mayelana nesikhalaz­o sabazali esifuze lesi.

Ebuzwa ngezinsolo zokufika kwabafundi emuva kwesikhath­i nokuthi kungani begcwala ngaphandle kwesikole ngesikhath­i sokufunda, uthe usazokhulu­ma nothishanh­loko ngaphambi kokuba enabe kabanzi ngalolu daba.

Imizamo yokuxhuman­a nothishanh­loko kayiphumel­elanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a kanti okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthe thwa, uthe bayakugxek­a ukungaland­elwa kwemigomo ebekelwe othisha yokuthi kumele basebenze amahora amangaki.

Uthi bazokwenza uphe- nyo baxhumane nabahloli kuwona wonke amazinga ukuze kubhekwe lolu daba.

“Imfundo yomntwana yiyona ebalulekil­e, uma sithola ukuthi ziyiqiniso lezi zindaba, kuzophoqa ukuba sithathele othisha izinyathel­o,” kusho uMnu Mthethwa.

Lezi zingane zihlala ngaphandle kwesango kanti ezinye zigcwala...

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa