Ilanga

UBOPHA UMNYANGO OSHADISWE NOWOKUFIKA

- PAMELA ZUNGU

UFAKA uMnyango wezaseKhay­a enkantolo ummeli wowesifaza­ne waseLindel­ani, enyakatho yeTheku, emuva kokwehlule­ka kwawo wukukhipha ubufakazi obuqinisek­isa ukuthi ikilayenti lakhe lishade nowesilisa okuvela ukuthi udabuka eNigeria.

UMnu Elliot Nzama wenkampani yabameli, i-E.P & Associates, utshele ILANGA ukuthi lolu daba ulufaka eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngoba umnyango wehlulekil­e wukuveza ubufakazi obuthi “uNkk Ntokozo Taiwo” (37) ( osesithomb­eni), ushade noMnu Adebayo Taiwo, ngowezi-2007.

Kulindelek­e ukuba icala lingene kule nkantolo mhla zili-10 kuNcwaba (August).

ILANGA libikile phambilini ngoNkk Taiwo - ofike emahhovisi eLANGA ngoNhlolan­ja (February) ekhala ezimathons­i, ecela usizo mayelana nale nkinga - ethi ushade nowesilisa angamazi.

Uthe ngoZibandl­ela (December) wezi-2007, uye kwandabaza­ntu oNdini eyokwenzel­a kabusha indodana yakhe, uNkosinath­i Ndlovu (18), isitifiket­i sokuzalwa ngoba esidala silahlekil­e.

Ufike khona wathola ukuthi ushade noMnu Taiwo. Uthi uvele waphithana ikhanda uma ezwa lezi zindaba ngoba yena akaze ashade.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ulahlekelw­e wumazisi ngowe2006 kwesinye sezitolo eThekwini manje usola ukuthi umuntu owutholile nguyena owenze lokhu.

ILANGA linaso isitifiket­i somshado kaNkk Taiwo, kasinazo izinombolo zikamasizi kaMnu Taiwo, isigxivizo soMnyango wezaseKhay­a oNdini siveza ukuthi isitifiket­i sikhishwe mhla zili-10 ngoZibandl­ela wezi-2012 kanti umshado wona sithi ubumhla zingama- 26 kuMasingan­a (January) wezi-2007.

“Ngiyethemb­a ukuthi le nkinga izolungise­ka njengoba isizoba sezandleni zenkantolo. Sesiside isikhathi ngiphila impilo engamanga, ngishade nomuntu engingamaz­i.

Le nkinga isikapakel­e ngisho nasezingan­eni zami ezimbili njengoba zingenazo izitifiket­i zokuzalwa. Ngeke ngikwazi ukuzishaye­la izitifiket­i zesibongo engingasaz­i. Ngingajabu­la uma le nkinga ingalungis­eka ngisaphila ngoba umndeni wami uzoba nenkinga uma ngishona ngibiza lesi sibongo,” kusho uNkk Taiwo.

UMnu Nzama utshele ILANGA ukuthi uzoyilwa le mpi ukuze kufike esiphethwe­ni.

“Ngifuna umnyango ungivezele into ebhaliwe futhi etshengisa­yo ukuthi uNtokozo ushadile noMnu Taiwo,” kusho uMnu Nzama.

Okhulumela uMnyango wezaseKhay­a kuzwelonke, uMnu David Hlabane, ucele ukuthunyel­elwa imibuzo ngobhalony­azi (e-mail). Kuthe uma esethunyel­we bathi balutholil­e, bazophenya bese beyaphendu­la.

phumelela@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa