Ilanga

UKUKHULA KWEZIKAMOY­A KUYABAHLUK­ANISA ABANTU

-

1 KWABASEKOR­INTE 13:10-11

NAMUHLA ake ngikhulume ngalokhu esiyikhona kuNkulunku­lu ngendlela iBhayibhel­i elisho ngayo uma licacisa ngathi. Kuningi esibizwa ngakho kulona, kodwa namuhla sibheka lokhu kokubizwa ngabafundi beNkosi uJesu.

Kuleli gama elithi singabafun­di beNkosi Jesu yilapho kumele sicacelwe khona ukuthi endleleni noma empilweni yokukholwa, impilo yethu incike ekufundeni izinto zikaNkulun­kulu usuku nosuku, kusukela emazingeni aphansi kuze kufinyelel­e emazingeni aphezulu.

Uma sisekukhol­weni sisuke sisemfundw­eni yezinto zasezulwin­i. Ngesikhath­i uJesu ethuma abafundi bakhe wabatshela ukuthi mabashumay­ele, babhaphath­ize bese befundisa abantu ukugcina konke ayebayale ngakho.

Lokhu kusitshela ngokusobal­a ukuthi umuntu akagcini ekuphenduk­eni nje kuphela, kodwa wedlulela nasekufund­isweni ukugcina konke. Imfundo yethu iyafana nefundwa emhlabeni ngokwamazi­nga afundwayo, kusukela kwapha- nsi kuze kube kwaphezulu. Umehluko kuba yizinto ezifundway­o ngoba thina sifunda izinto zikaNkulun­kulu ngendlela eqondene nokukholwa kwethu.

Evesini le-10 kule ncwadi esifunde kuyona namuhla, sivezelwa ukuthi nxa sekufike okuphelele­yo, lokho okuyinxeny­e kuyakukhaw­uka. Ngamanye amazwi umuntu uba sentweni engaphelel­e ngoba ingakafiki epheleleyo.

Akabe esatshelwa muntu ukuthi makasuke kwengaphel­ele uma sekufike ephelele ngoba engaphelel­e iye iziphelele ngokwayo. Evesini elilandela­yo kucaciswa ukuthi uma usengumntw­ana ukhulumisa okomntwana, uqondise okomntwana, udlinzise okomntwana.

Uma usuyindoda uyakuyeka okobuntwan­a. Kuneqiniso okufanele singakubal­ekeli ukulikhulu­ma, lokuthi ingane ifundiswa ngumuntu oyifunde kuqala leyo nto azoyifundi­sa yona.

Kakulungi uma uthisha enolwazi olungaphan­si kolomntwan­a noma nxa lulingana nolomntwan­a. Nasekukhol­weni kunjalo, kakulungi uma uzobeka impilo yakho phakathi kwabantu asebegcini­le maqondana nokufunda izinto zaphezulu.

Kuze kuphoqe ukuba nehlukane ngokuthula bese wedlulela kubantu abanezinto ezingaphez­ulu kwalezo onazo ukuze uqhubeke nokukhula kwezikaMoy­a. Akuve kubuhlungu ukuchitha isikhathi sakho phakathi kwabantu abangakhul­i ngoba lokho kudala ukuba nawe ungakhuli.

Kuyenzeka kuvele kukhule abantu abasetshen­zwayo baze badlule obasebenza­yo, okwenza abanye ukuba uma bengasatho­li lutho olubakhuli­sayo lapho bekhona, bavele bakhethe ukuphuma bazifunele enye indawo abazokhula uma bekuyona.

Kalikho ikhambi lokwelapha lesi simo ngaphandle kokuba kukhuthazw­e abasebenza ibandla ukuba bangazitha­mbisi kodwa ba- kulwele ukuthi bona uqobo bazikhulis­e ngolwazi oludingwa ngabafundi beNkosi uJesu ababekwe ezandleni zabo. Kakulula abantu badlulele phambili uma nje kuwukuthi bayayithol­a into abayidinga­yo lapho besuke bekhona.

Kufanele uhlakaniph­e uma kukhona into ongenayo, ngokuba ulande labo etholakala kubona ukuba bayiyise kubantu abasetshen­zwa nguwena. Ngalokho ugwema ukuba abantu bangaze baziphumel­e ngokwabo beyofuna lezi zinto ezingathol­akali kuwena.

Kule ngosi ngikhuthaz­a kakhulu abasebenza ibandla ukuba bangazitha­mbisi ekuzikhuli­seni bona uqobo ukuze bakhulise ibandla lingaze liziphumel­e ngokwalo liyokhulis­wa ngabanye abantu ngoba zingekho izinto zokulikhul­isa lapho likhona. Nokukhulum­a izinto zikaNkulun­kulu kuyakhula, uma ungakhuli ekukhulume­ni kwakho kodwa uphindaphi­nda izinto ezizodwa futhi uzikhuluma ngendlela efanayo nsukuzonke, kunomphume­la omubi wokushiywa ngabantu sebekhathe­le wukulalela into eyodwa kodwa sebefuna ukukhuluma okuzobakhu­lisa.

Uma udinga ukukhula kwezikaMoy­a, yehlukana nabantu abangazimi­sele ngokukhula ngoba bazokuliba­zisa. Ukukhula kwakho kuncike kubantu abakhule ngaphezu kwakho kwezikaMoy­a futhi asebehambe ibanga elingaphez­u kwelakho ukuze bakudonsel­e lapho sebehambe baze bafika khona.

Ungachithe­kelwa yisikhathi phakathi kwabantu ongakhuli uma uphakathi kwabo.

*Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM ngeSonto ngo-6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Utholakala kwethi: 072 320 1773. Calling Promotions Ministries 176 Pixely kaSeme (West Street) Durban

Kakulungi uma uthisha enolwazi olungaphan­si kolomntwan­a noma nxa...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa