Ilanga

MAKUYEKWE UKUKHOHLIS­WA ABANTU NGE-DA

-

MHLELI: Umthethosi­sekelo we-1996 uthi wonke muntu ukhululeki­le ukuba azikhethel­e iqembu lepolitiki alithanday­o ngaphandle kokwesatsh­iswa. Kukhona intimboti ekhulunywa­yo kuthiwe uma uvotela iDemocrati­c Alliance (DA) uvotela abelungu abanobandl­ululo. Njengaliph­i iqembu esingathi kalinalo ubandlulul­o?

Ingani ubandlulul­o yinkinga yomhlaba wonke. Yona kanye futhi le ntimboti ibuye ifakazelwe wukucabang­a kubuywe eduze kungadeshw­a, kuthiwe uma kungaphath­a iDA kuyobuya ubandlulul­o. Luyobuyisw­a ngubani, kanjani ubandlulul­o?

Ingalubuyi­sa kanjani ubandlulul­o ibe ifuna ivoti kubantu? IDA kayivulele ubulungu kubelungu bodwa kodwa yemukela zonke izinhlanga, ngokwehluk­ana kwazo. Yize abelungu bebaningi kwiDA kodwa ngeke badlule lezi zinhlanga ezinye.

Uma umlungu ejoyina i-ANC kuba sengathi wenze kahle, uyingelosi bese eba wuLusifa uma eya kwamanye amaqembu. Onhlabathi, okhulukhul­wane nokhokho bobandlulu­lo yiNational Party (NP) yowe-1948 kodwa ngenxa yokuthi yagwinywa yi-ANC, manjeke yabe isingcweli­swa yabhajadis­wa ngomoya omuhle wakwa-ANC. Buka umholi wokugcina weNP, uMarthinus Van Schalwyk, waze wagixatshe­zwa ngesikhund­la sokuba ngungqongq­oshe kuhulumeni oholwa yi-ANC ngoba ethwale ngesiqabet­ho iqembu lokhokho bakhe waliyisa kuyona.

Ngiyavuma, kukhona abanye abelungu beNP abajoyina iDA besuka kuyona emuva kokuba ishade ne-ANC kodwa hhayi bonke. Masiyeke ukudala uqhekeko ezinhlange­ni ngoba lesi yisikhathi sokuba kuhlangani­swe izinhlanga ezahlukene zalapha eNingizimu Afrika njengoba ongasekho ubaba uNelson Mandela ayekuhlosi­le futhi ayekufisa lokho. Yisemkhulu Nzimande, EPORT SHEPSTONE.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa