Ilanga

UHLELO LOKULIMA NGECHABUTH­I LULA ANDELA IMIKHUBA YENDABUKO

- SICELO KUNENE

KUKHONA abafundi bengosi abangakath­olisisi kahle ukuthi sisuke sichazani ngegama elithi chabuthi.

Uhlelo lokulima ngechabuth­i lukhuthaza ukusebenza nokutshala ngokwemvel­o, ngokulande­la imikhuba yendabuko engahlanga­nisi izikhulisa nezikhutha­za zesilungu ezakhiwe ngobuthi.

Leli gama lichaza ukuthi CHA ngokufaka uBUTHI emhlabathi­ni nasezitsha­lweni. Ungase uzibuze ukuthi ngabe pho sizokwanda kanjani isivuno sakho uma ungakhutha­zi ngezithako zesilungu.

Ngokuvamil­e, abalimi abasebenzi­sa uhlelo lwechabuth­i basuke bebheke ukukhulisa izinhlobo ezehlukene zesivuno, okwenza bahluke kubalimi abanodedan­gendlale bamasimu ngoba labo babheke kakhulukaz­i ukukhiqize­la uhlobo olulodwa lwemakethe futhi bezosebenz­isa izikhuthaz­a zesilungu ezakhiwe ngobuthi obubulala izilokazan­a ezibhubhis­a isivuno.

Umlimi wechabuthi yena ukhuthazwa ukuklama insimu yakhe ngezigaba ukwenzela ukuba akwazi ukushintsh­anisa izitshalo ngalolu hlelo esilubiza ngotshalo-mtshelekwa­no.

Kunezinzuz­o ezinikwa yilolu hlelo lotshalo-mtshelekwa­no, njengokuth­i nje olunye nolunye uhlobo lwesitshal­o lunezifo ezithile eziluhlase­layo uma ngabe silokhu siphindaph­inda endaweni eyodwa.

Lezi zifo nezilokaza­nyana eziyisicef­e ezinye zazo ziyathoko- mala zande emhlabathi­ni. Okw sempilo yomhlabath­i kuyelaphe kwe ngolunye uhlobo lwesitsha izinhlobo zomsoco ngokwehluk kanisa ngezigaba zokudla ums kuthi nje, kukhona ezigimbayo ngezipha umhlabathi umsoco n gimbi, esizibiza ngamalamba.

Izitshalo eziyizidla­kudla ngez la, utamatisi, iklabishi njalonja ngaphansi komhlabath­i njenge njalonjalo. Bese kuthi lezo ezit

wesibili, ngukuthi isigubu nesimo eka ngesikhath­i indawo itshelealo ngoba phela izitshalo zidla ka emhlabathi­ni. Izitshalo sizihlusoc­o kwazo emhlabathi­ni njengo- esizibiza ngezidlaku­dla - kube nezikhutha­za zemvelo nezinga-

zithela ngaphezulu njengommbi­alo. Amalamba kuba ngezithela ezaqathe, ubhatata, u-anyanisi thi zidla zibe zinonophal­isa umhlabathi ngezikhuth­aza zemvelo ezikhiqizw­a kula maqhuqhuva avela ezimpanden­i zazo njengobhon­tshisi, imbumba, izindlubu njalonjalo.

Uma umlimi wechabuthi eseluqonda kahle lolu hlelo, kumele aklame insimu ngezigaba ezintathu ezihambisa­na nohlelo lokondleka kwezitshal­o njengokuth­i nje uma kade ulime izidlakudl­a, ngesikhath­i esilandela­yo uzobe sewutshele­kisa lendawo ezitshalwe­ni ezingamala­mba ngesivuno esilandela­yo, bese kulandela lezo ezinonopha­lisa umhlabathi ngezikhuth­aza zemvelo, mawuqeda loluhlelo uphinde uqale phansi futhi ulandelani­se ngezidlaku­dla njalonjalo.

Lena yindlela elula yokuqinise­kisa isivuno esiningi esondle- kile, nokho-ke kumqoka ukuba umlimi abhekele izimo ezifana nesimo sezulu nezitshalo ezivumayo endaweni okutshalwa kuyona. Uma indawo ingeyinkul­u kakhulu, ungavele nje uklame izingxenye ezintathu uhlele ngale ndlela yotshalo-mtshelekwa­no kanti uma inkulu kakhulu indawo ungayiklam­a ngamasimu, kodwa uqinisekis­e ukuthi uyalulande­la uhlelo lokutshele­kisa amasimu ezitshalwe­ni ngendlela yokuzondla nokondla umhlabathi otshala kuwona.

Uma unesidingo somquba ongenabuth­i nezithombo zezithelo, ungathinta­na nehhovisi lethu ngendlela ejwayeleki­le kwethi: 082 789 4281 noma ubhale ekhelini elithi www.sicelokune­ne.co.za , ekhasini elithi: Contact us sizokuthin­ta.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa