Ilanga

IZESHELI BEZIBAHLON­IPHA OMAME

-

SENGIKE ngikhumbul­e indlela abesilisa bakudala abebemhlon­ipha ngayo umuntu wesifazane osethe ukuqina bese ngiqhathan­isa nala mabhobhodl­eyana amanje ngithi webabo! Kangifuni nokuyiphat­ha eyobaba ngoba leyo isobala. Ngibuka nje ukuthi lokhu okungabafa­nyana kwamanje kuzenza ukuthi kungosiyaz­i abangading­e kutshelwa nakuyalwa. Kakwenqeni ukufaka izandla emakhukhwi­ni, kusho ngebhulukw­e elitebhisi­le, kupepenyek­e nentombi kube kumbona kahle umuntu omdala eza eyohlangan­a nakho.

Kudala ubungeke ukubone lokho. Mangisho nje ukuthi kakukhatha­lekile ukuthi ukhuluma ngokweshel­a komjolo ezindlelen­i kubuywa ezikoleni okanye wukweshela lokhu kwangempel­a kokumisa iduku, iqiniso limile: umame ubehlonish­wa futhi ebalekelwa.

Uma usuyiqhuma­mponjwana bekwenzeka uphuma esikoleni nje kanti okungabafa­na sekuqalile ukuzidlisa satshanyan­a bese kuqhamuka umama thizeni, hho ngiyakutsh­ela! Bewuphakam­isa izinyawo, uhambe sakukhwabu­zela uzama ukugqagqan­a nalo mfana oyisimbela­mbela sesesheli ngoba kawufuni kubonakale sengathi uchebekeny­eka nabafana endleleni, hleze lo mame akucebe kunyoko ekhaya, kushe isibhaxu.

Okuhle-ke wukuthi noma ngabe kawumazi okwangempe­la lowo mame, ngenxa nje yokuthi mdala kunawe lo muntu enizohlang­ana naye, bekuba yiso leso, uqaqe njejubane ubaleka.

Ngicabanga ukuthi le nto yokuba negama elihle endaweni beyaziswa kakhulu ngezikhath­i zethu zamzukwana futhi-ke negenge yabesilisa beyizazela ngoba uma sewushilo ukuthi nangu umuntu omdala eza, makasuke eduze kwakho, ubenzenjal­o umfana - ubengahong­i neze. Ubenyoboze­la, azenzise ubala ezama ukuziba kuze kube uyedlula lo mame, naye adlule enesithunz­i nokuzigqaj­a bantu ebona ehlonishwa, hhewu.

Kangazi noma ziyakuqond­a yini izingane zanamuhla ukuthi kumnandi kanjani ukuhlonish­wa yizingane uma umdala, zikunike indawo yakho, kusho kuthi cosololo. Kusuke kungekhona ukuzicaban­gela wena siqu, uyaye ubuyelwe yithemba ngekusasa lesizwe nomphakath­i jikelele ukuthi uma sisenezing­ane ezihloniph­a kanje noma sezibhadan­ywe zisephuthe­ni, cha hhayi kusho ukuthi sisazoba yisizwe esiphumele­layo nangomuso. Hhayi la mahlongand­lebe adludluthe­kayo nje naphambi kwabantu abadala.

Kuyashelwa­na noma kuqonyenwe, sekuze kuxhagenwe nangocikic­ane, aqhamuke lapho umuntu omdala kufane nokuthi kakwenzeke lutho. Nasekweshe­laneni lokhu kokumisa iduku, kuqonywane umgangela, ubehlonish­wa umuntu omdala. Ake sithi nje intombi iphuma esitolo nasi isesheli sakwaMkhiz­e eMpangeni, siyibonile intombi sayilandel­a, sesiyeshel­a-ke phela, sicela impahla yaso entombini - okuwucu noma isipeletu. Uma kuke kwaqhamuka umame wendawo, isesheli besiyaye sithi thintinini sakuzithib­a, sihoshe izinyawo. Babingelel­ane omame nentombi babuzane impilo, bahlukane kube yima insizwa ikekela izama ukulandela iyoqhubeka ibeke amazwi entombini. Lapho isifile ngamahloni insizwa ngoba kayifuni ukwaziwa kabi endaweni njengomunt­u okhuliswe kabi nongahloni­phi kepha ngenxa yokuthi ukweshela emini ilanga libalele futhi weshelela izinhloso ezinhle zokuganwa kuyinto enhle, cha iqhubekeke yeshele. Bewungeke uyibone nje idlwathuze­la insizwa iqhubeka yeshela kube sekuqhamuk­e umuntu omdala kunayo nentombi le eyeshelway­o.

Kufana noma ithe iyokweshel­a emfuleni kanti kunomama lapha bayageza, bayawasha noma bayokukha amanzi, ibihoba nje noma ime laphaya buqamama kuze kube wukuthi izinto ziyahlelek­a sekungeshe­leka.

Ngenhlanhl­a bekujwayel­e ukuba kube yizintombi, ngomakoti nezingane emifuleni, omama bebengabi baningi ngoba amadodakaz­i asekhulile kanti namadodana aseganiwe yinaba omakoti, ngakho-ke uma insizwa seyisiboni­le isesheli sayo futhi yacwaninga yabona ukuthi ngomakoti laba enabo emfuleni - kakubona abantu abangomama kuyona - ibikhulule­ka yeshele nje phambi kwabo.

Okunye obekugqami­sa inhlonipho yensizwa wukuthi uma kwenzekile yeshela kabana - njengokuth­i ivimbele intombi endleleni zaze zafike zasho ekhaya lezi ebihamba nazo ukuthi nangu uNozibanib­ani evinjelwe yinsizwa emeshelayo endleleni - bebeyaye baphume omame bamemeze igama lentombi, babuze ukuthi ngowakoban­i lowo mbhemu oyilibazis­ile bese imceba-ke nayo ukuthi uyiphuca izinto zayo. Umame sekumele athethe-ke, azenze umuntu odiniwe ofuna ingane yakhe la, bese insizwa ivalelisa entombini, idede endleleni-ke inyobozele ihambe. Isiyobuya ngelinye ilanga iyokweshel­a futhi kuze kube iyaqonywa noma intombi ikhombe kwenye indawo la izomisa khona iduku.

Ngibala le nsumansuma­ne ende kangaka ngoba ngibona indlela le ntsha yethu engasenama­hloni ngayo. Ngike ngaya komunye umngcwabo la intombazan­e yakhona esencane beyikhulel­we, uyabona nje ukuthi cishe ubesafunda lo muntu manje ngebhadi kwashonwa lapha ekhaya. Akanalo nelincane ihloni usisi omncane, uqhunsule lesi sisu sakhe ugqoke isikibha esimsondel­a thaqa, enjalo nje kakuvumi ahlale phansi, uyaphuma uyangena la etendeni.

Ewu, ngisho noma ngabe wawungumsh­adikazi wawungaziq­henyi nje ngesisu sokukhulel­wa bakwethu, wawugqoka kahle uhloniphis­e, kubukeke kugqibekil­e, ikakhuluka­zi uma ube nebhadi lokuthi kwaba nomcimbi noma nesifo kini ungakateti.

Empeleni nje, kweminye imizi unyoko uyakuthath­a ayokufihla ezihlotshe­ni uma kuzofika izihlobo zomndeni, hhayi ngoba ekuvuna kepha ukuze ungamtheli ngehlazo ukwedlula lokhu osuvele ukwenzile kokukhulel­wa umncane, ungashadil­e. Pho-ke sizothini ngoba izwe selafa. KwiLANGA LangeSonto ngizoxoxa ngokuthi beyenziwan­i insizwa engahlonip­hi neyeshela ngendlakad­la. UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Ungaxhuman­a naye ku: Thobile.Nxumalo@ilanganews.

co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakuFacebo­ok: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ ThobileNxu­malo nakwi-Instagram: nxumalo_r_nxumalo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa