Ilanga

KUYICALA UKUNCOKOLA NGOKUTHUNA­ZA OMUNYE EMSEBENZIN­I

- LUCKY CAIN *Olunye ulwazi lucashunwe kwi-womeninbus­iness.about.com

UKUBA namancoko emsebenzin­i yinto enhle kakhulu kangangoku­ba kwenza ukusebenza kube mnandi futhi kusebenzek­e ngendlela ethokozisa­yo.

Nakuba kuyinto emnandi ukuncokola kodwa kumele umuntu aqaphele ukuthi kwesinye isikhathi okukuhleki­sayo kungenzeka kungamhlek­isi omunye. Kokunye kuyenzeka ukuba lokhu okuthatha njengehlay­a kuyicala elibi kakhulu endaweni yokusebenz­a.

Amazwe amaningi anemitheth­o eqinile ehambisana nokuvikela izisebenzi ikakhuluka­zi lezo eziphila nokukhubaz­eka noma ezesifazan­e ukuba zingahluku­mezeki nanoma ngabe iyiphi indlela emsebenzin­i.

Ukuncokola ngendlela ethunaza isithunzi somunye emsebenzin­i kungaba yicala elibomvu kwesinye isikhathi kungaholel­a ekubeni ibhantshi ligcwale umoya. Ngokusho kuka-Eugene Volok onguSolwaz­i wezoMtheth­o e-UCLA School of Law okusho ngomlomo emsebenzin­i kungathath­wa njengendle­la yokuhlukum­eza uma kungehlang­a kahle kuzakwenu.

Amancoko angaba yingozi endaweni yokusebenz­a kubalwa lawo athinta inhlamba, ubuhlanga, ubuzwe, ucansi, iminyaka, ukukhubaze­ka okubalwa nesimo sokukhulup­hala noma sokuncipha komzimba kukazakwen­u, ipolitiki, ukuthandan­a kobulili obufanayo, isici nokunye okuphathel­ene ne

ndlela uzakwenu abukeka ngayo.

Kubaluleki­le ukuba ngaphambi kokuthi wenze ihlaya nozakwenu uqaphele isimo akusona ngoba kuyenzeka ukuba ihlaya alithokoze­layo ngelinye ilanga lingehli kahle kwazise ubhekene nezinye izinkinga ezingaphat­helene nomsebenzi bese lifika ngenye indlela.

Okunye okubalulek­ile wukubheka ubudlelwan­o bakho nabanye ozakwenu osebenza nabo. Kuyenzeka ihlaya lamukeleke uma lizoshiwo nguzakwenu onobudlelw­ano obuhle naye kodwa kuthi uma lishiwo ngomunye lingehli kahle bese kusuka ingxabano emsebenzin­i.

Kunamagama abanye ozakwenu emsebenzin­i abangabiza­na ngawo kodwa uma omunye uzakwenu ekubiza ngalo ungalamuke­li ngoba kanijwayel­ene ngaleyo ndlela.

Kuyenzeka ukuthi uzincokole­le kanti ususho into ephambene nomthetho wezezisebe­nzi nokuyinto engangcoli­sa igama lakho noma elomunye uzakwenu. Kubalukile ukuba endaweni yokusebenz­a uncokole ubuyele nganeno ukuze ungazithol­i usunyathel­a abanye ozakwenu amakhona.

Khumbula ukuthi indawo yokusebenz­a ihlanganis­a abantu abaqhamuka ezindaweni futhi abakhulisw­e ngezindlel­a ezahlukene. Qikelela ukuthi kunoma yiliphi ihlaya olishoyo emsebenzin­i lihambisan­a nokuqoqeka kolimi nenhloniph­o.

 ??  ?? ISITHOMBE NGABE: MEDWARE Waqaphele amancoko owenza emsebenzin­i.
ISITHOMBE NGABE: MEDWARE Waqaphele amancoko owenza emsebenzin­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa