Ilanga

Abantwana bayaluding­a uthando lobaba

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

EMIBHALWEN­I yami yokwelulek­a ngezothand­o, sengingene kakhulu ezindabeni zabantu ababili nasemakame­lweni abo imbala. Bengikhuth­aza labo abangasena­lo ithemba ngokuthi uthando luyinto ekhona.

Njengoba kusondele usuku lobaba ngithe ake ngiphume kancane emakamelwe­ni kodwa ngigxile kubona obaba ngibanike iziyalo zothando. Kunobaba abathi bangobaba kodwa bengenamse­benzi walutho. Ukuba ubaba akusho kuphela ukuba nengane bese ufakela unina imali.

Ukuba ngubaba kusho ukukhulisa ingane yakho, ubekhona nawe eduze kwayo. Ngithi kobaba ake sibabonise uthando abantwana bethu, ngale kwemali yesondlo kodwa ngokuchith­a isikhathi esiningi nabo.

Lapha uma ngikhuluma ngobaba, angisho amadoda aganiwe kuphela kodwa noma ngabe ngubani ongubaba ngisho ngabe ingane yakhe akahlali nayo.

Ngiyazi ukuthi kunobaba abangenayo inhlanhla yokuhlala nezingane zabo. Esikhathin­i esiphila kusona ukuxhumana akusiyo neze into enzima. Phela manje sekunomakh­alekhukhwi­ni kanti nokufona akusabizi njengakuqa­la.

Awucabange nje ezinye izingane zixoxa ngoyise esikoleni kodwa eyakho ayinakho nokukodwa engakusho ngawe ngoba aninabudle­lwano obuqinile.

Thatha umntwana wakho noma ngabe yikanye nje ngesonto uma ungahlali naye, umkhiphe niye epaki nidlale.

Uma niqeda lapho yenza isiqinisek­o sokuthi uyomdlisa into ayithanday­o.

Ungakhiphi ingane yakho bese uya kwashisany­ama ngoba nakhu wena uhashukile.

Lapho awujabulis­i yona kodwa uzijabulis­a wena uqobo. Izingane ziyayijabu­lela indawo yokudla enezinto zokudlala futhi.

Umntwana wakho kumele umphathise okweqanda ukuze engahaleli lutho okwenzeka kwamakhelw­ane. Okumele sikuqonde wukuthi abatwana bayakuthan­da ukuchoma, ngakho-ke kuwumseben­zi wakho njengobaba ukumnika amathuluzi okuchoma.

Uma uhlala nayo-ke ingane owakho umsebenzi muncane kakhulu ngoba umbona njalo uma ubuya emsebenzin­i.

Lokho kusho ukuthi unesikhath­i esiningi sokunikeza umntwana wakho uthando olwanele.

Phela manje isikhathi asisafani nakuqala, ngakho-ke nathi singazifan­isi nobaba bethu esasibabon­a kanye ngenyanga ngoba babesebenz­a kude.

Madoda asithanden­i izingane zethu singaze sithandelw­e zona. Nginifisel­a usuku lobaba oluhle.

 ?? ISITHOMBE NGABE: PINTEREST ?? UTHANDO olunjena luyadingek­a kubaba nasenganen­i
ISITHOMBE NGABE: PINTEREST UTHANDO olunjena luyadingek­a kubaba nasenganen­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa