Abantwana bayaludinga uthando lobaba
EMIBHALWENI yami yokweluleka ngezothando, sengingene kakhulu ezindabeni zabantu ababili nasemakamelweni abo imbala. Bengikhuthaza labo abangasenalo ithemba ngokuthi uthando luyinto ekhona.
Njengoba kusondele usuku lobaba ngithe ake ngiphume kancane emakamelweni kodwa ngigxile kubona obaba ngibanike iziyalo zothando. Kunobaba abathi bangobaba kodwa bengenamsebenzi walutho. Ukuba ubaba akusho kuphela ukuba nengane bese ufakela unina imali.
Ukuba ngubaba kusho ukukhulisa ingane yakho, ubekhona nawe eduze kwayo. Ngithi kobaba ake sibabonise uthando abantwana bethu, ngale kwemali yesondlo kodwa ngokuchitha isikhathi esiningi nabo.
Lapha uma ngikhuluma ngobaba, angisho amadoda aganiwe kuphela kodwa noma ngabe ngubani ongubaba ngisho ngabe ingane yakhe akahlali nayo.
Ngiyazi ukuthi kunobaba abangenayo inhlanhla yokuhlala nezingane zabo. Esikhathini esiphila kusona ukuxhumana akusiyo neze into enzima. Phela manje sekunomakhalekhukhwini kanti nokufona akusabizi njengakuqala.
Awucabange nje ezinye izingane zixoxa ngoyise esikoleni kodwa eyakho ayinakho nokukodwa engakusho ngawe ngoba aninabudlelwano obuqinile.
Thatha umntwana wakho noma ngabe yikanye nje ngesonto uma ungahlali naye, umkhiphe niye epaki nidlale.
Uma niqeda lapho yenza isiqiniseko sokuthi uyomdlisa into ayithandayo.
Ungakhiphi ingane yakho bese uya kwashisanyama ngoba nakhu wena uhashukile.
Lapho awujabulisi yona kodwa uzijabulisa wena uqobo. Izingane ziyayijabulela indawo yokudla enezinto zokudlala futhi.
Umntwana wakho kumele umphathise okweqanda ukuze engahaleli lutho okwenzeka kwamakhelwane. Okumele sikuqonde wukuthi abatwana bayakuthanda ukuchoma, ngakho-ke kuwumsebenzi wakho njengobaba ukumnika amathuluzi okuchoma.
Uma uhlala nayo-ke ingane owakho umsebenzi muncane kakhulu ngoba umbona njalo uma ubuya emsebenzini.
Lokho kusho ukuthi unesikhathi esiningi sokunikeza umntwana wakho uthando olwanele.
Phela manje isikhathi asisafani nakuqala, ngakho-ke nathi singazifanisi nobaba bethu esasibabona kanye ngenyanga ngoba babesebenza kude.
Madoda asithandeni izingane zethu singaze sithandelwe zona. Nginifisela usuku lobaba oluhle.