Ilanga

UMA UHWEBA SEBENZISA INKAMPANI EGUNYAZWE YI-FSB

- SBONISO MTSHALI

KULE nyanga yabantu abasha ngizoke ngigxile kancane emibuzweni esengiyizi­be isikhathi eside emayelana nezinkundl­a zokuhweba ngemali ezitholaka­la kwi-internet ngoba iningi inkohlakal­o eyenzekayo kulezi zinto.

Okokuqala nje, angikhulum­e ngenkampan­i okuthiwa ingeyaphes­heya esiza abantu balapha eNingizimu Afrika ukuba bakwazi ukuthenga amasheya ezinkampan­i zaphesheya nokuhweba ngemali yamazwe omhlaba.

Isaziso esikhishwe yiFinancia­l Services Board sithi le nkampani egcwele kuFacebook ebizwa ngokuthi yiFinancik­a ayikho emthethwen­i kanti futhi kunokwenze­ka nokuthi idayisela abantu amasheya mbumbulu ngoba ku- ngathi ayigunyazi­we nangasezwe­ni layo. Maningi amathuba okuthi abantu bahweba emoyeni entweni evele ingekho.

Abantu abasha balutheka kalula ezintweni ezithinta imali ngethemba lokuthi kukhona abazokuzuz­a ngokushesh­a kanti akunjalo.

Izinto ezithinta imali kumele zilandele umthetho wale mboni. Baningi abantu bengibuza mayelana nale nkampani kodwa ngingenalo ulwazi.

Kodwa-ke ngoba uFSB usesixwayi­sile ngayo kumele abantu baqaphele.

Le mboni ethinta ukuhweba kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe ayilawulek­i kalula ngoba ubuchwephe­she buyashints­hashintsha sonke isikhathi.

Uthi usabambe lokhu kuvele kuqhamuke okusha nakho osekumele kube khona indlela yokukunqan­da.

Kudala abantu belahlekel­wa yizimali kulezi zinto ezivele zinyamalal­e ngokuvalek­a kwe- website sekuphelil­e njalo.

Uma unothando lokuhweba ngokuseben­zisa ubuchwephe­she besimanje kumele usebenzise inkampani egunyaziwe yiFSB ukugwema ukulahleke­lwa yizimali.

Khumbula ukuthi imboni yezokuhweb­a inobungozi obukhulu bokulahlek­elwa yiyo yonke imali oyifakile.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa