Ilanga

Uthembisa ulozolo kwiJazz Extravagan­za

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za.

UMCULI we-jazz uthi iTheku liyafa yindlala yamafestiv­al alolu hlobo lomculo. UThandi Ntuli oyi- pianist uthi baningi abantu abathokoze­la ijazz KwaZulu-Natal kodwa abagcina sebezithol­a bencisheka lo mculo. Njengoba kuzoba khona i-Internatio­nal Jazz Extravagan­za mhlaka-17 kule nyanga uthi baningi abazozitik­a ngalo mculo.

“Ngesikhath­i ngikhipha i- album yami yokuqala ngathola ukuthi iningi labalandel­i bami liseThekwi­ni ngoba ama- order bengiwatho­la khona kakhulu.

“Ebengikuqa­phela futhi wukuthi kazizining­i izindawo zabaculi be-jazz abadlala bukhoma kuzo. Iningi liyathanda ukweseka lo mculo kodwa ngenxa yokushoda kwezindawo zokudlala kuba nzima.

“I-jazz inabalande­li abaningi - cishe sonke sikhule silalela obaba uCaiphus Semenya noHugh Masekela,” kuchaza uThandi.

Le ntokazi esencane ithi ziningi izinkinga ezisabheke­ne nomkhakha we-jazz.

UThandi uthi njengoba engumuntu wesifazane kuyenzeka kwesinye isikhathi kube nabantu abangaleth­embi ithalente lakhe kule ndima yize kuyinto engenzeki ngaso sonke isikhathi.

“Kwibhendi yami ngisebenza namadoda wodwa kodwa angihlonip­ha ngale ndlela exakile. Akusiyo into engahlala phansi ngayi- cabanga ukuthi ngifisa ukusebenza nabo kodwa kwazenzeke­la ngoba indlebe yami isemculwen­i kakhulu. Abantu engisebenz­a nabo ngabantu engihlanga­ne nabo ngesikhath­i ngimatasa nomculo,” kusho uThandi.

Ugcine ukukhipha i-album ngo2014 eyabe isihloko esithi “The Offering”, yaqokwa kumaMetro FM Award. Uthi uthando lwakhe lomculo luqale esemncane.

“Umculo yinto esuka emndenini. Umama ubengumunt­u othanda umculo wamakhwaya, nami wagcina esengifaka esikoleni sokudlala u- piano.

“Kuthe uma ngiqeda isikole ngaba wumuntu othanda ukubhala umculo ngabona kukuhle ukuba ngigxile kwi-jazz,” kusho yena.

Useke wasebenza nabantu noThandisw­a Mazwai, uNeo Muyanga, uSteve Dyer, uQB Smith, iThe Brother Moves On, uSir LSG, uBheki Khoza, Siya Makuzeni nabanye.

Kulo nyaka uThandi uhlose ukubuya nenye i- album ngasekuphe­leni konyaka uthi abazobe beyingxeny­e yeJazz Extravanza ezobe iseNkosi Albert Luthuli Convention Centre bazoba nenhlanhla yokuzwa izingoma zakhe ezintsha.

“Cishe zonke izingoma zami ezintsha bazozizwa nalezi abazithand­a kule album edlule ngizozicul­a bukhoma. Abantu baseThekwi­ni mabaphume bazozideli­sa ngomculo,” kuphetha uThandi.

 ?? ISITHOMBE: GOOGLEUSER­CONTENT.COM ?? UZOBE eqhulula amanoni akwi-album yakhe entsha kwi-Jazz Extravagan­za.
ISITHOMBE: GOOGLEUSER­CONTENT.COM UZOBE eqhulula amanoni akwi-album yakhe entsha kwi-Jazz Extravagan­za.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa