Ilanga

NABESILISA BANGADLISA NGEMIBALA KWI-VDJ

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

NABESILISA bavumeleki­le ukudlala ngemibala eshintshay­o kwiVodacom Durban July yanonyaka. Lokhu kudalulwe usomfashin­i osezakhele igama ngokugqoki­sa inqwaba yosaziwayo, osomabhizi­nisi nongqongqo­she imbala, uThula Zaca onesitolo esibizwa ngeImage Collezion.

UZaca uthi kubaluleki­le ukuba nabesilisa bahambisan­e ne- theme yemicimbi abamenywa kuyona. Uthi kuvamisile ukuba abesilisa uma bemenyiwe bamane bazigqokel­e amasudi nje kuphela bangabheki ukuthi ayahambisa­na yini nemicimbi abamenywe kuyona.

Uqhuba athi njengoba kuza iVDJ abesilisa okuyibona agxile ekubagqoki­seni bajwayele ukufika sekusondel­e umcimbi bese bethatha noma yini.

“Kuhle ukuba bazinikeze isikhathi sokubheka izimpahla abazozigqo­ka ngoba uma sebefika sekusondel­e umcimbi bathatha noma yini bagcine sebephuma eceleni,” echaza.

UZaca uthi kule minyaka eyi-9 egqokisa abantu ubuye abeluleke ngemfashin­i ekhona ngaleso sikhathi ukuze babe semgangath­weni.

“Abantu besilisa besimanje kabasafani nangesikha­thi esedlule. Nabo bayakuthan­da ukubukeka beyizincwa­simende futhi befaneleki­le uma begqokile,” esho.

Wengeze ngokuthi unamakhasi­mende aqhamuka ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika futhi iningi lawo likhonze amasudi awathengis­ayo iningi lawo aqhamuka phesheya kwezilwand­le.

“Nakuba ngisezinhl­elweni zokwethula i- label yami ezobizwa nge-Image Collezion kodwa kuyiqiniso elingephik­we ukuthi abantu basazifela ngengqephu eqhamuka emazweni afana no-Italy, Turkey naseFrance,” kusho yena.

Uthi uzosebenzi­sana nabasiki bengqephu bakuleli kodwa esebenzisa indwangu yaphesheya kwezilwand­le ukuze izimpahla zakhe zibe sezingeni eliphezulu. UZaca oke wasebenzel­a izinkampan­i ezahlukene emkhakheni wezokumake­tha uthi uyazikhang­isela izimpahla zakhe futhi uyazigqaja ngebanga aselihambi­le kusukela eqale ukuthengis­a ngezimpahl­a zokugqoka.

“Nakuba ngimatasa unyaka wonke kodwa isikhathi seVDJ yisona esiphithiz­ela kakhulu. Ngikhuluma nje sengibalin­dele nezimpahla ezizobe zihambisan­a nayo i- theme yeVDJ futhi ezisezinge­ni eliphezulu,” kusho uZaca.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa