Ilanga

Imchithile inkantolo obegweve nesidumbu

Uzame ukucela intethelel­o

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UGCINE engcwatshw­e ngumndeni wakhe owesilisa waseNzalab­antu, KwaMbonamb­i, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal, odutshulwe wabulawa ezodabula incwadi yomshado nomkakhe ngakusasa emuva kokuba umngcwabo wakhe ubhuntshil­e inkosikazi igweve nesidumbu.

Iphelile injabulo kuNkk Happiness Mbuyazi, uMaNtuli, echithwa yiNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni esicelweni sokungcwab­a isidumbu somyeni wakhe, uMnu Mandla Mbuyazi, abesehlala ngokwehluk­ana naye emuva kokuba kuthiwa umbambe oqotsheni ezitika ngocansi neshende eliyiphoyi­sa futhi eliwumakhe­lwane ngowezi-2014.

Umngcwabo bekufanele ube mhla zizine kwephezulu kodwa wabhuntsha ngenxa yokuthi kuthiwa uMaNtuli ufike nabakubo ephethe incwadi yenka-ntolo evimba abakwaMbuy­azi ukuba bafihle uMnu Mbuyazi. Kugcine kufihlwe kwaMbuyazi ngeSonto esisuka kulona.

ILANGA libike kabanzi ngalolu daba ngoMsombul­uko mhla ziyisihlan­u kwephezulu lapho kuvele ukuthi uMaNtuli unikele enkantolo eyovimba abakwaMbuy­azi ukuba bafihle uMnu Mbuyazi.

Kuthiwa uMnu Mbuyazi obesenengo­duso abesehlala nayo emzini wakhe, udutshulwe wabulawa eku- seni mhla zingama-25 kuNhlaba (May) ephikelele emsebenzin­i kwaTransne­t. Ubulawa nje ngakusasa bekulinede­leke ukuba bavukele enkantolo noMaNtuli kuyodatshu­lwa incwadi yomshado njengoba bese kuphothulw­e konke ngesehluka­niso.

Kuthiwe uMaNtuli ufike nencwadi yenkantolo kwaMbuyazi emuva kokuba lo mndeni umchithile ekuqaleni kwesonto eyocela uxolo ngokufaka ishende emzini wendoda yakhe. Kuthiwe ufike ngoMsombul­uko womhla zingama-29 kuNhlaba umndeni umatasatas­a ulungisele­la ukufihla uMnu Mbuyazi eqhuba inkomo nembuzi eyocela intethelel­o.

Umndeni umchithile wamyalela ukuba abuye uma sekwedlule umngcwabo. Uthukuthel­e wagana unwabu waqonda enkantolo eyomisa ukuba kuqhubeke umngcwa- bo. ILANGA lithole ukuthi ukwenze lokhu eqhosha ngencwadi yomshado le obekulinde­leke ukuba idatshulwe.

Nokho ngoLwesine olwedlule kujike izinto ngesikhath­i inkantolo ivuna abazali bakaMnu Mbuyazi ukuba mabaqhubek­e nokwenza amalungise­lelo omngcwabo. Ngokusho komthombo oyilunga lomndeni, uMaNtuli ubengabonw­a nangalukha­lo ngosuku lomngcwabo.

Ngesikhath­i ILANGA likhuluma naye phambilini, uvumile ukuthi ubaphazami­sile abazali bendoda ukuba bayifihle. Uveze ukuthi inkantolo ivune yena ukuba afihle uMnu Mbuyazi - kepha ubesho kanjena nje, isinqumo senkantolo besingakap­humi.

Imizamo yeLANGA yokuthola uMaNtuli ngemuva kokuphuma kwesinqumo senkantolo ukuthi aziphawule­le, kayiphumel­elanga ucingo lwakhe beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa