Umqeqeshi weSundowns emidlalweni yaseChesterville
Kuzobuye kushukane izingwazi zakudala zePSL
IZOLALA ibonene emakilabhini amane azoshukana kuma-semi final eHeroes Cup kusasa ngoLwesihlanu kusukela ngo-09h00 ekuseni eChesterville Stadium entshonalanga yeTheku.
Le midlalo iqale ngoMgqibelo odlule njengoba isongwa kusasa. IManzimtoti Academy izodudulana noMbilo FC ngo-9h00, bese kulandela iKwaMashu FC neLucky Stars ngo-11h00. Owamanqamu uzokuba ngo-15h00. Kule midlalo kulindeleke abaqeqeshi bamakilabhu agijima kwiAbsa Premiership okungabalwa kubona uManqoba “TV” Mngqithi weMamelodi Sundowns, uMandla Ncikazi noClinton Larsen beLa- montville Golden Arrows, uRonnie Moroka wamaZulu noRonnie Gabriel weThongathi FC esanda kunyukela kwiNational First Division (NFD).
UMafa “Wele” Zuma ongomunye wabagqugquzeli balo mqhudelwano, utshele ILANGA ukuthi bahlele imidlalo yokunandisa ngesikhathi kulindwe owamanqamu.
Uthi kuzobhekana iBafuthi FC noKhozi FC.
Kuzophinde kube nomdlalo wezingwazi zakudala zePremier Soccer League (PSL) ezizokube zigabe ngoJaphet Zwane, uMnqobi Matsole, uNhlanhla Mshibe noNtokozo “Koloba” S’khakhane ukukha nje phezulu ezizobhekana nekhethelo laseNanda elizokube libophele uWonderboy Ngcoya odume kumaZulu noTsepo Ntsoane oke walihlikihla kwiOrlando Pirates.
UZuma uthe: “Sicela umphakathi owakhele iTheku namaphethelo ukuba ufike ngobuningi bawo kule midlalo kwa- zise kunemiklomelo ezonqotshwa ngabalandeli.
Le midlalo ineminyaka eyisihlanu yasungulwa, isasasa layo likhula ngendlela emangalisayo.
“Ngibonga ngiyanconcoza kuMatsole ngokubamba elikhulu iqhaza ukuze le midlalo ibe yimpumelelo nakwabanye abaxhasi okuyiHollywood Bets, iMattress King, uMasipala weTheku nakuS’fiso Mngadi oyikhansela le-wadi yethu ofake isandla lapho kuxega khona.”
Ozonqoba uzohlafuna imali elinganiselwa ku-R18 000, yijezi, nesiklabhu kuthi odliwe kowamanqamu athole u-R7 000. Kuzonandisa abaculi abaziwayo uSir Bubzin noPolo B ukukha nje phezulu.
Ngibonga ngiyanconcoza kuMatsole ngokubamba elikhulu iqhaza...