Ilanga

SINTULA ABAXHASI ESIZOMELA I-KZN KWI-DANONE

- MFANAFUTHI NDLOVU

SINTULA abaxhasi isikole esidle ubhedu kwiDanone U/12 Nations Cup okufanele simele iKwaZuluNa­tal emidlalwen­i kazwelonke eqala mhla lulunye kuNtulikaz­i (July) eBoksburg eGoli.

IMophela Primary School iziqwaqwad­e zonke izikole zaKwaZulu-Natal kweyesifun­dazwe ebiseSugar Ray Xulu Stadium, eCler- mont emasontwen­i ambalwa edlule.

Nokho lesi sikole singase singayi ukuyomela isifundazw­e kule midlalo ngenxa yokuswela abaxhasi.

UBongi Msomi oyimenenja yakulesi sikole, uthi kabazi babamba bayayeka njengoba bengenabo abaxhasi ukuya kule midlalo.

Uthi badinga izimpahla zokugqoka (tracksuits) nezikhwama kwazise nejezi lesikole kalinasikh­wama.

“Sicela uxhaso kosomabhiz­inisi ukuze kusizakale izingane. Iningi lezingane liphuma emakhaya aswele.

"Inkinga wukuthi iDanone ibahlinzek­a ngokudla kwezinsuku ezimbili kuphela okwenza kube nzima kakhulu kithina kwazise sihlele ukuthi sihambe zingama-30 kuNhlangul­ana (June) njengoba kumele sisheshe sifike eGoli,” kusho uMsomi.

Kwabanesif­iso sokufaka isandla bangafonel­a uS’busiso Nsele onguthisha­nhloko wesikole kwethi: 076 645 0939 kumbe uMsomi kwethi: 073 154 3885.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa