Luzonyuka nabaqeqeshi balo uSuthu
Sekulindwe isonto elizayo ngesinqumo sePSL
AZONYUKELA kwi-Absa Premiership nethimba labaqeqeshi bawo AmaZulu FC aselinde uLwesithathu oluzayo ukuba iPremier Soccer League (PSL) ithathe isinqumo ngesicelo sokudayiselana phakathi kwale kilabhu neThanda Royal Zulu ethengisa ilungelo layo lokudlala kwi-Absa Premiership.
Lokhu kudalulwe nguLunga Sokhela oyiMenenja-jikelele yoSuthu izolo ngoLwesithathu ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zePrince Mangosuthu Legacy Cup ezokuba ngempelasonto yomhla zingama-29 kuNtulikazi (July) Olundi Regional Stadium.
USokhela ukubeke kwacaca ukuthi sebelinde isinqumo sesigungu esiphezulu sePSL ukuphasisa lokhu kudayiselana njengoba leli phephandaba libikile phambilini.
USokhela uthe benze isiqiniseko sokuthi ilungelo lokudlala kwiNational First Division (NFD) liwela kosomabhizinisi baseRichards Bay okuyindawo okuzinze kuyona iThanda.
USokhela ukugcizelele ukuthi imali abathenga ngayo iThanda kayiwona u-R60 million obikwa ngabezindaba. Uthe ngeke asigagule isamba abavumelene ngaso ngoba siyimfihlo yala makilabhu womabili. Uthi uma konke kuhambe ngokwezifiso zabo, bazonyuka nethimba labo labaqeqeshi eliholwa nguJoey Antipas nabadlali babo. Uthi bazoqinisa nje lapha nalaphaya uma iPSL ikuvuma lokhu kudayiselana.
Kulo mqhudelwano okuhlonishwa ngawo amagalelo eNkosi Mangosuthu Buthelezi enguMholi weNkatha Freedom Party, kuzodlala uSuthu, iBloemfontein Celtic, iMbabane Swallows yaseSwaziland nesikwati sika-U/21 saseZululand.
UJeremiah “Ace” Mdlalose onguMengameli weSouth African Football Association (Safa) Zululand, uthe isikwati sabo sizokuba nemidlalo enzima yobungani ngaphambi kwalo mqhudelwano. INkosi Mzamo Buthelezi eyiMeya yaseZululand iqinisekise ukuthi lo mqhudelwano usuzokuba minyaka yonke. INkosi uButhelezi ibonge uSuthu ngokusungula lo mqhudelwano kwazise uMntwana waKwaPhindangene ungumshana weSilo uSolomon esingumsunguli wale kilabhu.
Abazohambela lo mqhudelwano ngeke bayikhalele imali yabo njengoba i-Afrotainment ephethwe nguDj Tira ihlele iGumba Festival okuboshelwe kuyona inqwaba yabaculi abahamba phambili kuleli.
NgoLwesihlanu kuzokuba nePre Party Olundi Airport bese kuba neBoot Camp ngoMgqibelo ekuseni eGarden Court. Yona kuhloswe ngayo ukukhuthaza umphakathi ukuzivocavoca. Ngawo uMgqibelo kuzokuba neFestival uTira abophele kuyona abaculi abehlukene. Ngakusasa ngeSonto kuzokube sekugaduliswana kunobhutshuzwayo.
USandile Zwane oyiMenenja-jikelele yeMbabane, uthe bazofika nesikwati esiqinile futhi bazokube bephelezelwa yinqwaba yabalandeli ngenhloso yokuthuthukisa umnotho waseZululand.
ngeke basigagule isamba sokudayiselana...