Ilanga

U-BENNI ULUBALUBEL­A UKUCIJA I-BAFANA

- SENZO SOKHELA

UBENNI McCarthy osanda kuqokwa njengomqeq­eshi omusha weCape Town City ufuna ukwenza le kilabhu isitebhisi sokuqhoqho­bala isigqiki esifanayo kwiBafana Bafana.

UBenni uqokwe njengomqeq­eshi omusha weCity ngoLwesibi­li ekuseni. Usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu nale kilabhu. Uthatha umsebenzi oshiywe nguEric Tinkler ojoyine iSuperSpor­t United. Lo msebenzi ngowokuqal­a ngqa kuBenni njengomqeq­eshi ozimele kwazise uke waba ngumsizi womqeqeshi kwiSint Truiden yaseBelgiu­m.

Nakuba abathandi bebhola abaningi bemungabaz­a kodwa uthi yena ufuna ukwenza lo msebenzi isitebhisi sokuya kwiBafana.

“Ngiyazi ukuthi abantu abangithem­bi, vele ngisho ngisadlala impilo yami ibinjalo, bengingath­enjwa kodwa ngawenza umsebenzi. Ngiyabonga ngethuba engiliniki­we kodwa ngifuna lo msebenzi ungivulele amathuba amaningi kubalwa nelokuqeqe­sha iBafana Bafana.

“Yilapho engibheke khona. Kuyisifiso sami ukuthi ngihole elakuleli ngelinye ilanga. Kodwa okumqoka njengamanj­e wukuthi ngenze kahle kwiCity, yiwona umthwalo ongimele,” kusho uBenni.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMQEQESH­I omusha weCape Town City uBenni McCarthy nesikhulu sale kilabhu uJohn Comitis.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMQEQESH­I omusha weCape Town City uBenni McCarthy nesikhulu sale kilabhu uJohn Comitis.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa