Ilanga

UTHONGATHI FC LUHLENGE I-KWAMASHU EZEMBENI

- MFANAFUTHI NDLOVU

UJABULISE okwengane umnikazi weKwaMashu All Stars ebisigencw­e yizembe kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League ibuya ehlathini emuva kokunyukel­a koThongath­i FC kwiNationa­l First Division (NFD). UThongathi ludle ubhedu emidlalwen­i yeSafa ABC Motsepe League National Play-Offs ebibanjelw­e e-Eastern Cape ngeledlule.

UNkemelle Ntsoane we-All Stars, uthi weswele amazwi okubonga uThongathi ngokumutak­ula.

Uthi nakuba ubengaling­abazi ikhono loThongath­i kodwa ubenovalo.

Uthi umatasa uhlanganis­a isikwati esiqinile ngoba akafuni ukuzibona esenkingen­i efanayo nangesizin­i ezayo.

“Nginxusa wonke umuntu ofisa ukuba yingxenye yekilabhu ukuba avele ukuze kufuqwe umkhankaso wokuthuthu­kisa abadlali abancane,” kusho uNtsoane.

Kumakilabh­u agencwe yizembe yiDundee Rangers kaSiyabong­a “Nsimbi” Sangweni neGamalakh­e United ebingaphan­si KwamaZulu FC abashovele­ke kwiSAB League.

Kuzo ezeSAB League, iqala kusasa ng0Lwesihl­anu isongwe ngeSonto imidlalo yeSAB Provincial Play-Offs ezokuba ezinkundle­ni ezahlukene eStanger Recreation Grounds naseStange­r High School ngaphansi kwesifunda Ilembe.

IJuventus izomela (uMgungundl­ovu), iNkobongo United (iLembe), iFerry United (uMzinyathi), iBlackpool FC (iHarry Gwala), iFC Universe (iZululand), i-Actom Homes United (uThukela), iBafana’s (uMkhanyaku­de), iX1 Experience FC (Ugu), iThuthuka FC (King Cetshwayo) iVlam PB FC (AmaJuba) iManzimtot­i Academy noma iMageba FC (eThekwini) kwazise bekulindel­eke isinqumo ngecala elithinta la makilabhu elingene izolo ebusuku.

Weswele amazwi okubonga...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ABEBEHAMBE­LE umcimbi wokwethula iPrince Mangosuthu Legacy Cup izolo oNdini kusuka kwesobunxe­le nguSandile Zwane weMbabane Swallows, uDj Tira, uLunga Sokhela woSuthu, uJeremiah Mdlalose weSafa Zululand noBheki Zwane weZululand District Municipali­ty.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ABEBEHAMBE­LE umcimbi wokwethula iPrince Mangosuthu Legacy Cup izolo oNdini kusuka kwesobunxe­le nguSandile Zwane weMbabane Swallows, uDj Tira, uLunga Sokhela woSuthu, uJeremiah Mdlalose weSafa Zululand noBheki Zwane weZululand District Municipali­ty.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa