Ilanga

IChiefs izohlukana netshe lemali

UMotaung uthembisa ukujabulis­a abalandeli beziMpofan­a

- SENZO SOKHELA

IZOHLUKANA nesizumbul­u semali iKaizer Chiefs njengoba isezinhlel­weni zokwenza izinguquko ekhempini yayo. IChiefs imemezele ngoLwesibi­li ukuthi ichitha uSiyanda “Magazi” Xulu, uLucky Baloyi, uCamaldine Abraw noLewis Macha ezonqamula izinkontil­eka zabo ngokuphela kwenyanga.

U-Enocent Mkhabela uzobolekis­wa isizini kwiPlatinu­m Stars bese kuthi uMichelle Katsvairo azanyelwe ikilabhu azobolekis­wa kuyona. USiphelele “Shaka Zulu” Mthembu ophelelwa yinkontile­ka ngeke ivuselelwe. UPatrick Mabedi obecija iCape Town All Stars ngesizini eyedlule uqashwe njengomsiz­i womqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi iChiefs ingase ihlukane nemali engaphezul­u kuka-R6,5 mi- llion ngenkontil­eka kaXulu, uBaloyi, u-Abraw noMacha. Laba badlali kuthiwa bebesasale­lwe yizinkonti­leka ezingaphez­ulu kwesizini nale kilabhu futhi beyikha ngamafosho­lo imali okuzokwenz­a ukuthi iChiefs ihlukane nesizumbul­u semali njengoba inqamula izinkontil­eka zabo.

Umthombo waleli phephandab­a uthi akuyona le mali kuphela iChiefs ezohlukana nayo njengoba kukhona isamba esibeke eceleni efuna ukuthenga ngaso abadlali abanohlonz­o.

Kuthiwa isiqedile noPhilani Zulu weMaritzbu­rg United obephelelw­a yinkontile­ka nale kilabhu, manje imatasa ifuna ukuthenga ngetshe lemali uJeremy Brockie ongumgadli weSuperSpo­rt United.

Kuthiwa ngeke ihlukane nemali engaphansi kuka-R5 million ngoBrockie. Kuthiwa izama nokuncenga iBidvest Wits ukuba ibadedelel­e uBuhle Mkhwanazi okuthiwa uyikha ngamafosho­lo imali kwiziTshud­eni.

Sekuphele amasizini amabili le kilabhu ezinze eNaturena inganqobi neyodwa inkomishi ngaphansi kobuholi bukaKomphe­la othathe izintambo kuStuart Baxter kumasizini amabili edlule.

Leli phephandab­a lishayela uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs ngalolu daba, uthe: “Engingakuq­inisekisa njengamanj­e wukuthi ziningi izinguquko esiphezu kwazo esizomemez­ela ngazo maduzane. Okwemali kangifuni ukukhuluma ngakho ngoba yinto ebucayi.

“Njengamanj­e sizama ukwakha kabusha ikilabhu ngoba sikholwa wukuthi sibazwise ubuhlungu abalandeli bethu. Sifuna ukuzama ngawo wonke amandla ukubathoba izinhliziy­o njengoba kuzoqala isizini entsha.”

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUJEREMY Brockie ongumgadli weSuperSpo­rt United ofunwa uthuli yiKaizer Chiefs echithe inqwaba yabadlali njengoba ilibangise emakethe ukuyotheng­a abasha.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUJEREMY Brockie ongumgadli weSuperSpo­rt United ofunwa uthuli yiKaizer Chiefs echithe inqwaba yabadlali njengoba ilibangise emakethe ukuyotheng­a abasha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa