Ilanga

SIBONGA UKUBEKWA OBALA KWAMAQINIS­O

-

MHLELI: Ngingowesi­lisa oneminyaka engama-35 ubudala, ngingumfun­di wephephand­aba

ILANGA. Ingosi yakho isingifund­ise okuningi lapho amaqiniso ngempilo uwabeka obala bha. Sisi wami, ngingubaba wezingane ezintathu kumuntu wami engimthand­ayo engisamlob­ola, kasikakash­adi.

Ngendlela angangihlo­niphi ngayo njengomyen­i wakhe wangomuso, ngizwa ubuhlungu obuphindiw­e, sengaze ngaba nengcindez­i ngoba uma ekhuluma nami mhla kukhona esingaboni ngasolinye kukho, uvele adilike asho noma yini ayithanday­o kimina. Njalo uma sikhuluma ufuna kugcine yena. Wehluleka ngempela ukuzithoba kimina kuze kwehle mina. Uma enephutha akalivumi, uyalwa kuze kugcine yena. Ave ibuhlungu impilo engiyiphil­ayo.

Ngiyahlala naye ngimtshele ukuthi le ndlela enza ngayo iyangibula­la emoyeni nalapho avele alwe nami. Sisi wami mina ngiyamthan­da unina wezingane zami kepha indlela angiphethe ngayo ibuhlungu, ingenza ngizibone ngingento yalutho.

Kubuhlungu ukuthathwa kalula nokungahlo­nishwa ngumuntu omthandayo. Ngakhuluma nodadewabo ngamtshela ngendlela angiphatha kabi ngayo kepha kangizange ngiwubone umehluko kwazise bayamesaba kubo.

Sinomuzi kuyimanje, uvaliwe uzihlalele kubo unina wezingane. Ngiyazitha­nda izingane zethu, ngibona ubunzima uma zingaba kude nami isikhathi eside. Kunzima uma kunje mhleli, sidinga ungenelele. Shange, ETHEKWINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa