SIBONGA UKUBEKWA OBALA KWAMAQINISO
MHLELI: Ngingowesilisa oneminyaka engama-35 ubudala, ngingumfundi wephephandaba
ILANGA. Ingosi yakho isingifundise okuningi lapho amaqiniso ngempilo uwabeka obala bha. Sisi wami, ngingubaba wezingane ezintathu kumuntu wami engimthandayo engisamlobola, kasikakashadi.
Ngendlela angangihloniphi ngayo njengomyeni wakhe wangomuso, ngizwa ubuhlungu obuphindiwe, sengaze ngaba nengcindezi ngoba uma ekhuluma nami mhla kukhona esingaboni ngasolinye kukho, uvele adilike asho noma yini ayithandayo kimina. Njalo uma sikhuluma ufuna kugcine yena. Wehluleka ngempela ukuzithoba kimina kuze kwehle mina. Uma enephutha akalivumi, uyalwa kuze kugcine yena. Ave ibuhlungu impilo engiyiphilayo.
Ngiyahlala naye ngimtshele ukuthi le ndlela enza ngayo iyangibulala emoyeni nalapho avele alwe nami. Sisi wami mina ngiyamthanda unina wezingane zami kepha indlela angiphethe ngayo ibuhlungu, ingenza ngizibone ngingento yalutho.
Kubuhlungu ukuthathwa kalula nokungahlonishwa ngumuntu omthandayo. Ngakhuluma nodadewabo ngamtshela ngendlela angiphatha kabi ngayo kepha kangizange ngiwubone umehluko kwazise bayamesaba kubo.
Sinomuzi kuyimanje, uvaliwe uzihlalele kubo unina wezingane. Ngiyazithanda izingane zethu, ngibona ubunzima uma zingaba kude nami isikhathi eside. Kunzima uma kunje mhleli, sidinga ungenelele. Shange, ETHEKWINI