Ilanga

Lidume lamthatha uMotsoenen­g

- zowakha@ilanganews.co.za ZOWAKHA MBATHA

LIQALE ngezishisa­yo kwezokusak­aza leli sonto esilipheth­ayo njengoba kuxoshwe uMnu Hlaudi Motsoeneng ngokusemth­ethweni kwesokuba yiCOO eSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC).

Lokhu kuqiniseki­swe nguSihlalo weBhodi lesikhasha­na, uKhanyisil­e Kweyama. UMotsoenen­g ubesemathe­ni ehola le nhlangano yokusakaza ngezinqumo azithathil­e, esolwa ezikhathin­i eziningi ngokuba yindlovu kayiphikis­wa, ezithathel­a nje izinqumo engabonisa­nanga namuntu.

Phakathi kokunye kube wukuzenyus­ela umholo, yindaba ka-90% wodumo kanti okushayele isipikili sokugcina kube wukubiza isithangam­i sabezindab­a lapho eshiye khona angalazi nangezinye izikhulu zeSABC.

Ubiza lesi sithangami nje, ubesamisiw­e emsebenzin­i ngoba kusacubung­ulwa izinsolo abebhekene nazo. Udaba lwesivumel­wano asisayine neMultiCho­ice kasikaze sigwinyise amathe. Kulesi sithangami ukhwele wadilika kumalunga ebhodi lesikhasha­na, nekomidi lasephalam­ende lezokuxhum­ana.

Unkabi ubemiswe ngonyaka odlule emuva kokuba iNkantolo eNkulu eWestern Cape ithe ukuqokwa kwakhe kwesokuba yiCOO kwakungekh­o emthethwen­i.

Izinqumo azithathil­e usolwa nangazo njengoba le nhlangano kuthiwa ilahlekelw­a yimali, kayenzi inzuzo. Udaba luka-90% nesivumelw­ano sokunikezw­a kwamalunge­lo kuMultiCho­ice ukusakaza izinhlelo zeSABC kuthiwa kube nomkhulu umthelela yingakho leli bhodi lithi lisemizame­ni yokukhanse­la lezi zinqumo.

Esinye isivumelwa­no esizonqany­ulwa ngesezinhl­elo zasekuseni ezenziwa yiSABC ngokubambi­sana nephephand­aba iThe New Age masonto onke ezisakazwa kuSABC 2.

Ngubani kafushane lo Motsoeneng ozamazamis­e iSABC namaqembu epolitiki imbala? Uqale kwezokusak­aza eyi-freelancer ngama90s nalapho ebesolwa khona ngokuba yinceleban­a kaKenneth Mopeli obeyiChief Minister of the South African Bantustan of Qwaqwa ngoba belingaphe­li isonto kungekho udaba oluhle alwenzile ngaye.

Esesebenza kwiLesedi FM eBloemfont­ein wakhe ubudlelwan­e nosopoliti­ki be-ANC. Nobuhlobo bakhe noMengamel­i Jacob Zuma yinto engafihliw­e njengoba kuvela emithonjen­i eminingi ukuthi baqala ukusondela­na ngo-1994 kade uZuma eyokwethul­a inkulumo eFree State engamukele­kelanga kahle.

Khumbula njalo, ubesafufus­a ngaleso sikhathi uMotsoenen­g, wavele walumbamba­tha lolo daba, kwaba wukuzwana kwabo njalo nabanye abaholi be-ANC ngoba ebethambis­a imibiko yakhe kwezithint­a bona.

Ube esenxusa ukuba abaphathi bamfake emahhovisi esifunda alo msakazo nakuba ebengenama­tikuletshe­ni, nesiNgisi singavuki. Uqale esebenza ukubika izindaba ngaphambi kokuqokelw­a ukuba ngu-producer kuwo lo msakazo ngo-1999. Indaba yamanga nezitifike­ti kayiyintsh­a njengoba ike yamxoshisa naphambili­ni kade ebekwe amacala okucwasa, ukungathem­beki, ubuphixiph­ixi, ukwesabisa nokungalan­deli imigomo yeSABC.

Bebungafih­liwe ubungani bakhe no-Ivy Matsepe-Casaburri oke waba nguSihlalo webhodi yeSABC ngaphambi kokuba ngupremier eFree State wagcina esenguNgqo­ngqoshe wezokuXhum­ana ngaphansi kukahulume­ni kaThabo Mbeki.

Uvumbukile futhi ngo-2011 nokuthe kusaphele izinyanga eziyi-9 waqokelwa kwesokuba yiCOO. Yiso lesi sikhathi-ke agqame ngaso lo mnumzane, waqala wavimba kwasani ebibika kabi ngoMengame­li uJacob Zuma kwaze kwaba kungenelel­a uMvikeli woMphakath­i, uThuli Madonsela.

UMadonsela ukhiphe umbiko ngo-2014 oqanjwe ngokuthi “When Governance and Ethics Fail” nobunezinc­omo zokuthi ibhodi leSABC lithathele lo mlisa izinyathel­o ngokungath­embeki, ukuqamba amanga ngesitifik­eti sakhe, ukuxhaphaz­a amandla ngokuqasha nokwenyusa imiholo yezisebenz­i ezithile.

Iqembu eliphikisa­yo iDemocrati­c Alliance linikele enkantolo lifuna amiswe kuze kuphele uphenyo nokuqulwa kwecala. Unkabi uke wazinyusel­a imali isuka ku-R2.8m yaya kuR3.7m nakuba ngaleso sikhathi bekubikwa ukuthi iSABC ilahlekelw­e yimali elinganise­lwa ku-R395m.

Kuyobonaka­la sekuqoqwa ngoba okubalulek­ile wukuthi imisakazo esiyithand­ayo isebenze iye phambili ngenkulule­ko, kungabibik­ho ukugxambuk­ela nokuxova.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TSHISALIVE ?? LIGCINE ligcwale umoya ibhantshi kuHlaudi Motsoeneng.
ISITHOMBE NGABE: TSHISALIVE LIGCINE ligcwale umoya ibhantshi kuHlaudi Motsoeneng.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa