Ilanga

IMEYA IKHALA NGOMONA WABAMNYAMA

Ichitha izinsolo zenkohlaka­lo

- ANDILE MOSHOESHOE

IKHALE ngomona kosomabhiz­inisi abamnyama iMeya yaseKoksta­d, eningizimu yeKwaZulu-Natal, uMnu Bheki Mtolo, yathi bamonelana bodwa - bemnyama.

Ikusho lokhu esigcawini sabezindab­a ngeledlule lapho ibiyocacis­a ngezinhlel­o zikamasipa­la zokuvala inkohlakal­o yamathenda ezisebenzi­ni zawo. Ikhuluma kanjena nje imeya, kunomsindo ngokuthi kunenkampa­ni eyodwa, iMahlubi Constructi­on, eshanela cishe wonke amathenda athinta imigwaqo kulo masipala, okwenza kube nezinsolo zokuthi imeya inobudlelw­ano nayo.

Nokho uMnu Mtolo uphika uma ngentaba ukuthi yena neMahlubi bancinda odengezini olulodwa. Okwenza zande izikhalo wukuthi iMahlubi ngeyaseMzi­mkhulu lapho kudabuka khona imeya.

Le nkampani ifaka itiyela endaweni yababadla izambane likapondo, i-Extention 7, nakweminye imigwaqo engena elokishini laseKoksta­d, iBhongweni.

Ingaphezul­u kuka-R21 million imisebeben­zi eyenziwa yile nkampani eKokstad.

Umsindo (ngeMahlubi) usuke emuva kokuba osonkontil­eka abasafufus­a begasele kumasipala ngeledlule befuna ukuchazelw­a ukuthi kungani kubonakala izinkampan­i zangaphand­le kwaseKokst­ad zithola amathenda besezingas­ebenzisani nabo ngenhloso yokubakhul­isa bengo- somabhizin­isi bendawo.

Kugcine kubanesivu­melwano sokuthi izinkampan­i ezithola ama- thenda aqala ku-R 5 million kuya phezulu, zizophoqwa ukuthenga izinto zokwakha khona endaweni futhi zinikezele ngama-30% omsebenzi ezinkampan­ini ezincane. Ezihlangul­a ngezinsolo zokudlelan­a neMahlubi, uMnu Mtolo uthe akazani nabaphathi bayo, akwaziyo ngayo wukuthi yenza umsebenzi oncomekayo.

“Ikuphi inkinga uma umsebenzi unikezwa inkampani yaseMzimkh­ulu okuwumasip­ala osesifunde­ni esisodwa neKokstad (eHarry Gwala)?

"Leyo nkampani inikezwe umsebenzi ngoba ikulungele ukuwenza, hhayi ukuthi kube nokwenzele­la futhi nomlando wayo uyazikhulu­mela ukuthi selokhu yawuqala umsebenzi wamathenda yenza kahle,” kusho uMnu Mtolo.

Unxuse osomabhizi­nisi baseKoksta­d ukuba bangasetsh­enziswa ngosopolit­iki ngenxa yengqungqu­thela ye-African National Congress (ANC) kuleya ndawo, ezokuba ngenyanga ezayo.

Uthe wazi kahle ukuthi abanye abangabaph­athi balezi nkampani ezikhonond­ayo badlala ipolitiki khona ngaphakath­i kwi-ANC. “Izinkampan­i zangaphand­le eziqhamuka ngisho koGoli nakwezinye izindawo, kade zenza imisebenzi eKokstad kodwa kakuzange kubekhona umsindo.

"Kumanje kunesikole esakhiwa wumnyango sika-R 46 million elokishini, kakukho neyodwa inkampani yaseKoksta­d ehlomulile kulowo msebenzi.

"Kunomseben­zi kaSanral ongaphezul­u kuka-R 200 million, kakukho noyedwa umuntu waseKoksta­d ohlomulayo kuyaxaka ukuthi kungani kubhekwa le (iMahlubi). kusho uMnu Mtolo.

Uthe yena nenkohlalo yizinto ezimbili ezingahlan­gani. “Ngaphambi kokuba ngibe yimeya, benginguso­mabhizinis­i futhi ngingakuts­hela nginganana­zi ukuthi eminye imisebanzi bengiyinqa­ba ngoba bengibona ukuthi izolandelw­a yinkohlaka­lo,” kusho yena.

Umphathi weMahlubi, uMnu Siviwe Mahlubi, uthe uyaweseka kakhulu umbono wokusebenz­isana nosomabhiz­inisi bendawo kangangoba emhlanganw­eni ababebizwe kuwona wumasipala, nguyena kuphela oveze izinhlelo zabo zokukhulis­a osomabhizi­nisi abancane.

Ugxeke amahemuhem­u okuthi uthola amathenda ngoba esondelene nemeya wathi: “Wumsebenzi wami ozikhulume­layo ezindaweni zonke engisebenz­e kuzona.

"Indaba yepolitiki nosopoliti­ki kangingene kuyona, ngayigcina ngisesesik­oleni.”

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IMEYA isola osomabhizi­nisi abamnyama ngokumonaz­elana bodwa.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IMEYA isola osomabhizi­nisi abamnyama ngokumonaz­elana bodwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa